Isolezwe

UZazini uzuzele izwe igolide

- LUNGILE MAJOKA

UMGIJIMI osemncane uSokwakhan­a Zazini akazange aphoxe enza njengoba bekulindel­ekile etholela iNingizimu Afrika indondo yegolide kwi-IAAF Under 20 World Championsh­ip esongwe izolo eTampere, eFinland.

UZazini (18) ukhiphe wonke amangwevu anawo eyogqashul­a intambo kuqala kowamanqam­u we-400mH.

Ubethwalis­e kanzima wumgijimi waseQatar, uBassam Hemedia, ongene endaweni yesibili no-Alison Dos Santos waseJamaic­a olale isithathu.

“Umqhudelwa­no bewunzima kakhulu kodwa ngijabule kakhulu. Ngiyaziqhe­nya ngengizenz­ele kona nezwe lami,” kusho uZazini kwi-website ye-IAAF.

Ngaphambi kowamanqam­u ubevumile ukuthi unayo ingcindezi yokwenza kahle.

“Ikhona ingcindezi kodwa ngisebenzi­sa yona ukukwakha ukuzethemb­a. Lowo mfutho yiwona engizowuse­benzisela ukuziphush­a ukuze izimbangi zingasonde­li eduze kwami,” kusho uZazini.

Ubefike emqhudelwa­neni eshayela phezulu ngemuva kokuzibeka emehlweni omhlaba edla isicoco kwi-IAAF Under 18 Champions eNairobi nyakanye.

Kulo nyaka ubesanda kugijima isikhathi esingaphan­si kwemizuzuz­wana ewu-50. NgoMgqibel­o ebusuku unqobe ngo-49:42. Izolo, obekuwusuk­u lokusongwa kwemidlalo, elaseNingi­zimu Afrika belisahlel­i endaweni yesine ohlwini lwezindond­o.

Abanye abahambe phambili nguKylie Blignaut othole igolide kwi-shot put. UZeney van de Walt uphume endaweni yokuqala kwi-400mH wamantomba­zane kwathi uBreyton Poole wathola ithusi kwi-high jump.

Khonamanja­lo, umdlali we-javelin, uSunette Viljoen, uphakamise­le ifulegi lakuleli phezulu eba ngumpetha we-Athletics World Cup ngokuphons­a ibanga elingu-61.69.

Ukuthola kwakhe igolide kwengeze amaphuzu ayisishiya­galombili emgodleni weNingizim­u Afrika ogcine unawu-73 ngosuku lokuqala ngoMgqibel­o ebusuku.

Abanye abafake amaphuzu uLuxolo Adams othole indawo yesibili kwi-200m, uVictor Hogan, olale isibili kwi-discus, uCarina Horn ongene endaweni yesithathu kwi-100m neqembu le-4X100m labesilisa elingene endaweni yesithathu.

I-Athletics World Cup kungokokuq­ala iba khona. Idlalwa ngamazwe ayisishiya­galombili akleliswa phezulu ngokwezind­odo kwi-IAAF World Championsh­ip ayeseLondo­n nyakenye. Izwe okuphele izolo ebusuku liqoqe amaphuzu amaningi lizothola inkomishi nemali elinganise­lwa ku-R26 million.

 ??  ?? SOKWAKHANA ZAZINI
SOKWAKHANA ZAZINI
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa