UMahlasela ukhala ngomculo wamanje ongasenamyalezo

Isolezwe - - IZINDABA - NOKUBONGWA PHENYANE

INKAKHA yomculi weWorld Music, uDkt Vusi Mahlasela, iveze ukuthi umculo wamanje usufana nechilo njengoba ungenamyalezo kodwa okwenzayo ukuhlambalaza, nokuthuka inhlamba.

UMahlasela ukusho lokhu ehlonishwa ngeziqu zobudokotela ngegalelo lakhe emculweni, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, izolo, ekhempasini yaseWestville.

Enkulumeni yakhe uVusi uthe, umculo wamanje awusenakho ukucikoza njengowakudala owawukhuluma ngezinto ezinhle nezimbi ezazenzeka emphakathini.

“Ngiyabonga kakhulu ukuthi lesi sikhungo singihloniphe ngalezi ziqu. Ngifisela yonke intsha esafunda ngelinye ilanga ezibona ingodokotela, okuhle kodwa. Umculo-ke ngezinye zezinto esingazifanisa nodokotela njengoba singawufanisa nokudla kothando, into ejabulisa umzimba nomphefumulo elapha ngisho abagulayo,” kusho uVusi.

Uthe umculo wenza konke lokhu, ikakhulukazi uma kunoxolo, ukuthula nenala.

“Ngabe umculo uyakwenza lokhu eMzansi? Kungenzeka kanjani ukuba umculo wenze konke lokhu uma amaciko ebulawa yindlala ngenxa yokuxhashazwa, akhunjulwa futhi abungazwa yilabo engabe bayawanakekela, ikakhulukazi uhulumeni, uma esefile bese ehlonishwa ngomngcwabo osezingeni likahulumeni? Abathandi bomculo bangawuthenga kanjani umculo wethu uma bengasebenzi?” Uthe ubehambisana kakhulu nohlelo lukaSABC lokudlalwa kakhulu komculo wakuleli olwalaziwa nge-90%. Kulo mcimbi uVusi ucule ingoma yakhe ethi “When You Come Back” nejatshulelwe abaningi.

Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

UDKT Vusi Mahlasela ohlonishwe ngeziqu zobudokotela emculweni iNyuvesi yaKwaZuluNatal izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.