Bafuna kususwe intela enyameni yenkukhu

Isolezwe - - IZINDABA - BONISWA MOHALE

IMBONI yenkukhu iluyise ePhalamende udaba lokuthi inyama yenkukhu ingakhokhelwa intela yentengo, iValue Added Tax (VAT) ithi lokhu kuzosiza ukudala amathuba omsebenzi.

UMnuz Lionel Adendorf, okhulumela iFairPlay okuyinhlangano egxile embonini yenkukhu ekhiqizwa eNingizimu Afrika, uthe abafuni ukuthi inyama yenkukhu ikhokhekwe iVAT ngoba idliwa yimindeni empofu kwazise yiyona yodwa inyama engambi eqolo.

“Umsoco nezakhamzimba ezitholakala enyameni yenkukhu zenza ibe wumkhiqizo obalulekile kwabampofu eNingizimu Afrika. Akufanele sibavimbele ukuthi badle inyama yenkukhu ngokubakhokhisa intela yentengo,” kusho u-Adendorf.

“Inyama yenkukhu iyisidingo futhi uma ingayikhokhi iVAT kusho ukuthi imboni yenkukhu izodala amathuba omsebenzi angu-11 000 ingenise noR3.7 billion emnothweni wezwe,” kusho u-Adendorf.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.