Ushintsho ngoxhaso lwezingane zamasosha

Isolezwe - - IZINDABA - MHLENGI SHANGASE

ZIBHEKENE nengwadla izingane zababengamasosha omzabalazo njengoba ngonyaka ozayo umnyango iMilitary Veterans uthi awuzamukeli izicelo ezintsha zabafuna ukuxhaswa ukuze bafunde ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Abangeke baxhaswe abazokwenza unyaka wokuqala noma abaqalayo ukufaka isicelo soxhaso kulo mnyango.

UMqondisi walo mnyango uMnuz Derrick Mgwebi, uthe bazama ukuthola ezinye izindlela zokuqinisekisa ukuthi ababengamasosha bayaqhubeka nokuthola uxhaso lwemali.

Uthe bazama uxhaso emkhakheni ezimele kanjalo nakwezinye izinkampani ezingaphansi kukahulumeni. Uthi benza lokhu kulandela isimemezelo somnyango sokuthi kuzomiswa ukuxhaswa kwabafaka izicelo ukuze bafunde ngonyaka ozayo.

“Sizimisele ekutheni siqhubeke nokweseka omakadebona nezingane zabo. Sizovula uhlelo lokuthi kufakwe izicelo kwizitshudeni ebezivele zifunda.”

Uthe lesi sinqumo basithathe ngemuva kwezingxoxo phakathi kwabo neSouth African National Military Veterans Association nomkhandlu obalulekayo lapho bevumelene khona ukuthi bakumise ukwamukela izicelo ezintsha baze babe sesimeni esikahle sezimali.

UMgwebi uthe umnyango usiza ngokufundisa izingane zomakadebona kusuka ngo-2013.

Uthe isibalo sikhula unyaka nonyaka wathi ngenxa yokushoda kwemali bazoma kancane ukwamukela izicelo.

Uthe uNgqongqoshe walo mnyango uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ukhuluma nozakwabo eMnyangweni weMfundo ePhakeme noMnyango kaMgcinimafa ukuze athole isisombululo.

“Labo esivele sibaxhasa sizoqhubeka nokubaxhasa. Kwakhiwe ithimba elihlanganisa izinhlaka ezahlukene ukuze sithole isixazululo.”

Uthe sebeseke abangu-5 800 ngokubafundisa wathi bachithe uR142 million benza lokhu ekubeni isabelo sokuxhasa abafunda ezikoleni nasezikhungweni zemfundo ephakeme singuR26.4 million.

Kwenzeka lokhu nje ababengamasosha bavala omasipala ikakhulu KwaZuluNatal befuna ukuqashwa, amathenda kanjalo nokuthola izindlu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.