IZAZISO

Isolezwe - - IZINDABA -

CHRISTIAN CATHOLIC CHURCH IN ZION (IGEJA): Ibandla iGeja ngaphansi kobuholi bukaDkt Arch Bishop BJ Mkhize lazisa bonke abazalwane abangaphansi kwalo ngenkonzo ezoba seRichards Bay, eMandlazini esikoleni iKati Primary mhlaka 21 - 23 Septhemba 2018.

Ngeminye imininingwane ungathinta uSL Mdletshe ku-071 204 1860/083 342 9806.

ZCC: Kumenywa amaZCC nomphakathi emkhulekweni obizwa ngeZCC United Prayer ukuzokhulekela ibandla nezinselelo ezibhekene nezwe lakithi eNingizimu Afrika.

Lo mkhuleko uzoba seDurban City Hall ngomhlaka 3 Novemba ngo-8 ekuseni.

Ngeminye imininingwane ungathinta uMnuz M Ndlovu ku-076 651 0507 noma uNkk T Mbatha ku-084 592 7437.

EKUVUKENI HEALTH CARE CENTRE: Kumenywa umphakathi emhlanganweni wonyaka weKuvukeni Healthcare Centre ozoba Ekuvukeni Parish of KwaMashu mhlaka 30 Septhemba 2018.

Ngeminye imininingwane ungathinta uMnuz Stanley Mnyandu ku-072 050 9176.

ETHIOPIAN FREE CHURCH OF SOUTH AFRICA: Ibandla elingenhla eliholwa ngu-Arch Bishop FM Dladla ngenkonzo yomama ezobe seWaterloo kwamama uMamkani Sosibo ngomhlaka 14 Septhemba 2018 ngo-10 ebusuku.

Ngeminye imininingwane ungathinta uMnuz Dladla ku-072 184 4449

UBUNYE BAMAKHAPHELA: Bumema bonke oMnikathi/Mnikazi, Khaphela, Gcwensa, Mngethwa, Maqoqo, Soyinga, Mgabhazi, Sombhabha, Jamani nazo zonke izibongo ezihlobene nalezi ukuthi ziphelele emcimbini wonyaka ozoba ngomhlaka 23 Septhemba ngo-9 ekuseni KwaNgcedomhlophe ehholo eMafakatini, ngaseMgungundlovu.

Ngemininingwane kungathintwa uMnuz Jethro Mnikathi 082 083 2306, Nathi Mnikathi 082 832 9173, Mandla Mnikathi 060 501 2585.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.