‘Akusungulwe amathuba omnotho kwezokuvakasha’

Isolezwe - - EZOMNOTHO - BONISWA MOHALE Ebika eseMbabane, eSwatini

KUFANELE abantu basungule amathuba omnotho kwezokuvakasha, bangalindi ukuthi bakhelwe wuhulumeni, kusho uNkk Dudu Mabuza wendawo eyakha amakhandlela adayiselwa izivakashi eSwatini, iSwazi Candles.

UNkk Mabuza uthe iSwazi Candles yasungulwa ngo-1982. Isebenzisana namaciko aseSwatini abumba amakhandlela ayizilwane zasendle najwayelekile bese edayiselwa izivakashi.

Uthe selokhu yasungulwa indawo yakhe amaciko athola amathuba okuziphilisa. Amakhandlela enziwa nsukuzonke bese amaciko ekhokhelwa ngekhandlela alenzayo.

“Ngosuku senza amakhandlela amancane aphakathi kuka-40 no-50 bese kuthi lawa ayizilwane zasendle senze aphakathi kuka-30 kuya ku-40.

Ukwenza ikhandlela elilodwa elincane kuthatha imizuzu emihlanu kuthi ukwakha

eliyisilwane sasendle kuthathe imizuzu eyisikhombisa,” kusho uNkk Mabuza.

Uthe ingcino abayisebenzisa emakhandleleni bayithenga kwaSasol eNingizimu Afrika bese bezixubela imibala ehlukene uma benza lawo ayizilwane zasendle.

“Kubalulekile ukuthi abantu bazakhele bona amathuba omnotho ngoba lapha sisebenza namaciko abumba amakhandlela bese ethola imali yokuphila. Akufanele abantu balinde uhulumeni noma amakhosi kodwa kufanele bangene ezikhaleni ezisuke sezivulwe wuhulumeni. Lapha eSwatini inkosi isilethela izivakashi bese thina sizidayisela amakhandlela, insipho nowoyela onamakha ahlukene,” kusho uNkk Mabuza.

Isithombe: FACEBOOK WESWAZI CANDLES

AGOQWA kahle amakhandlela eSwazi Candles ngaphambi kokuthi adayiselwe izivakashi

Isithombe:BONISWA MOHALE

UNKK Dudu Mabuza obhekelele ezokukhangisa eSwazi Candles uthi imiphakathi kufanele ize nezinhlelo ezizoyiphilisa ziphinde zihehe izivakashi njengoba benza eSwazi Candles

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.