Umunyu iNkatha ishonelwa yikhansela

Isolezwe - - IZINDABA - CHARLES KHUZWAYO

IQEMBU iNkatha lithi lilahlekelwe kakhulu ngokudlula emhlabeni kwekhansela laku-ward 12 kuMasipala waseMtubatuba uMnuz Luke Ge ‘Majuba’ Mkhwanazi.

Umufi umelwe yinhliziyo ekwakhe, kwaSikisela eMtubatuba ngoMsombuluko ngezithuba zabo-11 ebusuku.

Indodakazi kamufi, uNksz Zama Mkhwanazi, ithe uyise ubengumqemane ngezikhathi zasemini.

“Ubaba ukhale ngokuthi uphelelwa wumoya, sithe sizama ukumyisa esibhedlela wathi asingabe sisazihlupha ngoba useyahamba. Asinakanga ukuthi uqonde ukuthini kodwa samthatha samfaka emotweni sithi simphuthumisa esibhedlela. Sithe uma sesiphuma naye esangweni, sathola ukuthi akasekho emhlabeni. Wagcina nyakenye ukuhlaselwa wukugula. Ubedla imithi yokwelapha isifo senhliziyo,” kusho uNksz Mkhwanazi.

USihlalo we-IFP kuzwelonke futhi oyilungu lesiShayamthetho, uMnuz Blessed Gwala uchaze uMkhwanazi njengelinye lamakhansela abesebenzela umphakathi neNkatha ngokuzikhandla.

“Sikhalela kakhulu umndeni nomphakathi kuMasipala waseMtubatuba, ikakhulukazi obusewadini yakhe,” kusho uGwala.

Ngaphandle kokuba yikhansela, uMkhwanazi ubebuye abe usihlalo wenhlangano yamatekisi asuka eMtuba aye eSt Lucia, iDukuduku Taxi Association futhi engusomabhizinisi enenkampani yonogada iKhono Lakho Security nedayisa uju, iLeth’Impumelelo.

Umufi ushiye emhlabeni umkakhe uThembi uMaShandu nezingane ezintathu okunguZama (35), Mzwandile (29) noKhethukuthula (24).

UNksz Mkhwanazi uthe uyise uzofihlwa emathuneni asekhaya kwaSikisela, eMtubatuba ngeSonto.

IKHANSELA uLuke Ge ‘Majuba’ Mkhwanazi limelwe yinhliziyo lashona ngoMsombuluko Isithombe:SITHUNYELWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.