Uzoma ekwenzeni imisebenzi ye-ANC

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

UZOMA kancane ukwenza imisebenzi ye-ANC uNobhala wale nhlangano esifundeni, iGeneral Gizenga Mpanza eyayaziwa ngeKwaDukuza, uMnuz Musa Zondi.

UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe bashaqekile bezwa ngesinqumo senkantolo yaseMgungundlovu sokumlahla ngecala.

Uthe lokhu kumayelana necala elithinta ukubulala nelokuthumba elenzeka ngo-2015 kulandela ukungena kwabantu ebhizinisini lomndeni.

Uqhube wathi inhlangano isazama ukuthola ulwazi mayelana naleli cala kanti iyawuhlonipha umthetho futhi izosilandela isinqumo senkantolo.

“Kuyadumaza ukuthi kube nelungu eliboshelwe icala elibucayi kanje. Umthetho awuthathe indawo yawo kanti sinxusa amalungu ukuthi aziphathe ngendlela,” kusho uNtuli.

Uthe umbono wenhlangano ngukuthi noma ngubani okusiphi isikhundla kumele abhekane nengalo yomthetho.

“Sinxusa amalungu ukuthi noma kungathiwa adinwe kanjani ukuthi angazithatheli umthetho. Uzothatha ilivu ukuze abhekane nalesi simo esimthinta ngqo.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.