Kuhlakazwe isidleke sezidakamizwa ePhoenix

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

KUBOSHWE indoda (30) emuva kokuba amaphoyisa ehlakaze isidleke obekukhiqizwa kuso izidakamizwa ePhoenix ngoLwesithathu.

Amaphoyisa ashaqe i-heroine ewu-2 900, i-mandrax ewu-700, i-heroine eyimpuphu ewu-500 grams, amagobolondo amaphilisi angenalutho awu-70 000 nomshini wokukhiqiza izidakamizwa.

Kuthiwa intengo yakho konke okuthathwe ngamaphoyisa ilinganiselwa kuR600 000. Kwesinye isehlo esingahlangane nalesi, esenzeke khona ePhoenix, kuboshwe amadoda amabili aneminyaka ephakathi kuka25 no-36 atholwe nezidakamizwa.

Lawa madoda abanjwe ngamaphoyisa namaphilisi e-heroine awu-2 050, i-mandrax ewu-60, namaphilisi e-rock cocaine amahlanu.

Intengo yezidakamizwa ezibanjiwe ilinganiselwa kuR11 827.

Bobathathu ababoshiwe babekwe icala lokushushumbisa izidakamizwa. Bavele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam izolo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa amathimba ehlukene okubalwa kuwo iThekwini Outer North Cluster Crime Intelligence, iPublic Order Policing namaphoyisa omkhandlu alandele umkhondo oholele ekutheni kuboshwe amadoda amathathu mayelana namacala okushushumbisa izidakamizwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.