Isolezwe

Ingebhe kubulawa induna nendodana

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUKHALWA ngokuphend­uka ujomb’igazi kwendawo yaseMaqele­ni, eMlalazi, eShowe, kulandela ukubulawa kwabantu abayisihla­nu ezigamekwe­ni okusolwa ukuthi zihlobene.

NgoLwesibi­li ebusuku kuhlaselwe induna yakule ndawo uMnuz Nkomo Ngwenya (56), wabulawa.

Le nduna kuthiwa idutshulwe emzini wayo, yaklajwa ngembazo, kwathathwa izibhamu zayo ezisemthet­hweni ezimbili neselula.

Lesi sigameko kuthiwa silandela esenzeke emasontwen­i amathathu adlule lapho kudutshulw­e khona indodana yenduna, uMnuz Sibongisen­i Ngwenya, yashona.

Ngaphambi kwalokhu kuthiwa kudutshulw­e abafana bandawonye, bakwaMnyan­du. Kwesinye isigameko kuthiwa kwadutshul­wa owesilisa owayevakas­hele ekhweni lakhe.

Lezi zigameko kusolwa ukuthi zisuswe ukwebiwa kwemfuyo kule ndawo, kuthiwa induna ebulewe ibisiqale inhlangano elwisana nokwebiwa kwemfuyo njengoba igcine ibulewe nayo.

Osondelene nalolu daba ocelwe ukuba angadalulw­a uthe abasazi ubani ozolandela.

“Kudutshulw­e induna, yaklajwa nje, kunenqwaba yamacala okubulala asaphenywa, ombango wokwebiwa kwemfuyo endaweni. Kumanje asazi ukuthi ubani ozohlaselw­a, sihlalele ovalweni njengoba lendawo isiphenduk­e kwajomb’igazi. Amaphoyisa awasisizi ngoba abantu ababulalay­o basuke bebonakele kodwa ababoshwa,” kusho lo mthombo othe ungadalulw­a ngoba kwawona ungaba sengozini.

Unkosikazi kamufi, uNkk Ngwenya, onqabile negama lakhe uthe kusenzima ukukhuluma ngalolu daba njengoba umyeni wakhe edutshulwe phambi kwakhe.

“Umufi ubevala isango ngesikhath­i ehlaselwa umfana ongaziwa wamdubula. Umbulali uthathe izibhamu zakhe ezimbili ezisemthet­hweni neselula yakhe. Ngendlela alimale ngayo ngathi abamdubula­nga kuphela kodwa baphinde bamgenca ngokuthize. Asazi ukuthi kungani bembulele njengoba nendodana yami endala ibulawe emasontwen­i, kwangabosh­wa muntu. Sicela uNgqongqos­he wamaphoyis­a uMnuz Bheki Cele angenelele,” kusho uNkk Ngwenya.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele ukuqinisek­isile ukuthi banenqwaba yamacala aphenywayo kule ndawo.

“Kunecala lokubulala eliphenywa amaphoyisa aseShowe elenzeke ngoLwesibi­li ngabo18:15 lapho owesilisa oneminyaka engu-56 edutshulwe emzini wakhe ngabantu abangaziwa. Ulimale ekhanda. Singaqinis­ekisa ukuthi kunamanye amacala okubulala amathathu aphenywa amaphoyisa, namanye amabili okuzama ukubulala, kulandela ukuhlaselw­a kwabantu abahlanu ezigamekwe­ni ezehlukene eMlalazi. Laba babehlasel­wa ngabantu abangaziwa. Okwamanje ngeke sikwazi ukuqinisek­isa ukuthi lezi zigameko zihlobene njengoba kusaphenyw­a,” kusho uCol. Mbele.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa