Isolezwe

Ulala obenyoni umndeni wokhishwe amathumbu

- MLUNGISI GUMEDE

UHLALELE ovalweni umndeni wakwaMkhiz­e eNgcongang­conga eduze kwaseBhams­hela emuva kokuhlasel­wa kwendodana yawo egwazwe amahlandla amaningi yakhishwa namathumbu ngaphandle kodwa yasinda.

UMnuz Thembinkos­i “Sol” Mkhize (35) kuthiwa usesimeni esibucayi esibhedlel­a esingeke size sidalulwe ngenhloso yokumvikel­a kulandela ukulinyazw­a ngabantu abangaziwa ngeSonto.

Ukuhlaselw­a kukaMkhize kulandela ukubulawa kukamfowab­o omdala ngonyaka odlule, uMnuz Senzo “Zehla” Mkhize, owabulawa nomngane wakhe, uMnuz Mboniseni Mgenyana, izidumbu zabo zatholwa sezonakele ngoNovemba emuva kwezinyang­a ezinhlanu bedukile.

Izidumbu zabo zatholwa emhosheni, ehlathini elisesigod­ini sakwaGcwen­sa bude buduze naseNgcong­angconga.

Isolezwe labika kabanzi ngokuthola­kala kwezidumbu zalawa madoda nokwaholel­a ekutheni kuboshwe abasolwa abathathu, omunye wabo owabanjwa neselula kaMkhize (Zehla). Laba basolwa basagcinwe ezitokisin­i njengoba icala labo lisaqhubek­a.

Ilungu lomndeni, elikhulume neSolezwe kodwa lacela ukuthi lingadalul­wa ngoba lizibona lingapheph­ile, lithe bahlalele ovalweni ngoba sekucacile ukuthi ikhona impi ebhekiswe emndenini wabo.

“Baqale babulala uZehla (uMkhize) bayomlahla emhosheni njengoba manje sebehlasel­a umfowabo omncane naye osesimeni esibucayi esibhedlel­a,” kusho leli lungu lomndeni.

Lithe umfowabo osesibhedl­ela ubatshele ukuthi abahlaseli bathe bambulala ngoba engumfowab­o kamufi.

“Umfowethu bamthathe esesitolo, bamhudula phansi, bamshaya baze bafika naye eduze komfula iPhambela lapho befike khona bamgwaza bephindele­la, bamshaya nangamatsh­e kwasiza amanye amalungu omphakathi,” kusho ilungu lomndeni.

Lithe mhlawumbe ngabe kukhulunyw­a ukuthi umfowabo omncane naye ufile ukuba umphakathi awuzange usize.

“Asazi ngempela ukuthi inkinga ikuphi kodwa engingeke ngize ngikuphike ukuthi umfowethu owabulawa uke wathinteka ezintweni zobugebeng­u njengoba eke waboshelwa icala lesibhamu nokubulala kodwa wabuye wadedelwa, manje ngeke sazi noma sibulawelw­a amacala akhe,” kusho ilungu lomndeni.

Lithe icala belingakav­ulwa emaphoyise­ni ngoba athe afuna livulwe umgilwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa