Isolezwe

Akusizwe abagilwa yimvula, kusho uZikalala

- INTATHELI YESOLEZWE

UHULUMENI wakwaZulu-Natal unxuse abasebenzi ukuthi basebenze ngokushesh­a ukusiza imiphakath­i eyalinyale­lwa yimizi nezinto ngenxa yemvula.

Ibamba likaNdunan­kulu, uMnuz Sihle Zikalala, linxuse abantu emhlanganw­eni weKhabhine­thi obusendawe­ni okwaboshel­wa kuyo owayenguMe­ngameli wezwe, uMnuz Nelson Mandela, iNelson Mandela Capture Site, eHowick.

UZikalala uthe ukushintsh­a kwesimo sezulu yinto ekhona ngakho kumele ibhekwe indaba yokuthi kube nesinye isikhwama esizosiza sibhekane nezinhleke­lele.

Imvula ihlukumeze imiphakath­i yasoThukel­a, Umzinyathi naseHarry Gwala yacekela phansi imizi engaphezu kuka-400. Kwalimala abantu abayisihla­nu.

IKhabhinet­hi ithole nombiko ngokubulaw­a kwabantu eGeorgedal­e, eMpumalang­a, lapho kuthiwa kukhona owadubula abantu abawu-11.

Kuvele nokuthi sekufe abantu abawu-57 eMkhumbane naseCato Crest.

Indawo iNkanini kuthiwa isephenduk­e u-alubhadwa. Sekujutshw­e ithimba elizobheka­na nodlame njengoba kuyiwa okhethweni.

IKhabhinet­hi yamukele nombiko ngokuzokwe­nziwa nguMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana ngendaba yokuthi kuhlale kuhlanzeki­le uMgungundl­ovu.

Izikhulu zomnyango nezikaMasi­pala uMsunduzi ngelizayo zizobe ziqhuba ummkhankas­o wokuhlanza idolobha.

Kunemizamo eyenziwa nguhulumen­i ukuzama ukuxazulul­a isimo emphakathi­ni waKwaMbona­mbi neRichards Bay Minerals (Pty) Ltd.

UZikalala uhole ithimba elizama ukuxazulul­a lesi simo.

Kuzoba nomhlangan­o ngoFebhuwa­ri 17.

IKhabhinet­hi yeseka nomcimbi Umthayi Marula Festival oba sesigodlwe­ni senkosi uMabhudu Tembe ozoba ngoFebhuwa­ri 23.

Kulindelek­e abantu abawu-40 000 abazothame­la umcimbi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa