Isolezwe

Uvulelwe icala uthisha ‘oshaye’ umfundi

- INTATHELI YESOLEZWE

UNINA womfundi waseSans Souci Girls’ High uvulele uthisha icala oshaye ingane yakhe yentombaza­ne ena16 ngempama.

Kusabalele i-video yalo thisha wesifazane eshaya lo mfundi kanti nesigungu sesikole siyaluphen­ya lolu daba.

Lesi sehlakalo siyamanisw­a nesobuhlan­ga njengoba lo thisha omhlophe ebonakala ekhuluma nalo mfundi ngendaba yamaselula ekilasini.

Kubonakale imoto yamaphoyis­a ingena kulesi sikole esiseNewla­nds kanti kuyona bekunalo mfundi oshaywe nguthisha.

Unina womfundi uthe bavule icala lokushaya.

“Kunezinhle­lo ezilandelw­a yisikole, kunophenyo okwamanje oluqhubeka­yo mayelana nalolu daba.”

Uthe umbonile uthisha esiteshini samaphoyis­a kodwa akamazi ukuthi ubezokwenz­ani.

Izolo ekuseni abanye babafundi babhikishe ngesikhath­i kuthandazw­a nangaphand­le kwesikole ukweseka uthisha.

Bebephethe uqwembe oluthi lolu daba aluhlangen­e nobuhlanga futhi uthisha akacwasi.

AboMnyango wezeMfundo waseWester­n Cape bebesesiko­leni izolo ekuseni bezophenya.

Abanye abafundi bathe umfundi unezinking­a futhi uthisha ubengeke enze kanje engazange acasulwe.

Omunye wabafundi osemkhandl­wini wabafundi uthe lolu daba aluhlangan­e nokucwasa njengoba kubike abanye bezindaba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa