Isolezwe

ISadtu imangalela abathi uCaluza akanazicuc­u

- MHLENGI SHANGASE

I-SADTU ithathele izinyathel­o inyunyana entsha yothisha iSouth African Liberated Public Sector Workers Union (SALIPSWU) eholwa ngowayengu­mengameli weSadtu owaxoshwa, uMnuz Thobile Ntola, ngokudicil­ela phansi isithunzi sale nyunyana.

Le nyunyana ibopha noMnuz Mbuyiseni Mathonsi, owayenguno­bhala wale nyunyana KwaZulu-Natal ngokuthi wathi uNksz Nomarashiy­a Caluza, uNobhala weSadtu esifundazw­eni, akanazo iziqu zokufundis­a kanjalo no-matric.

UNobhala-jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe esithangam­ini sabezindab­a seSALIPSWU ngeledlule, laba baholi benza izitatimen­de ngeSadtu nangabahol­i bayo okubalwa nendaba yokuthi le nyunyana ilawula ezinye zezinhlaka zikahulume­ni.

Okunye ngukuthi iSALIPSWU yathi omunye umholi weSadtu wanikwa imali yiSace (South African Educators Council) ukuze angcwabe nokuthi omunye wabaholi wabolekwa imali enguR120 000 yiSace.

UMaluleke uthe kunomyalez­o osabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho kuthiwa iSadtu kumele ihlaselwe kuphinde kucekelwe phansi isithunzi sabaholi bayo ukuze kube yizindlela zokuyiphuc­a amandla.

“ISALIPSWU ibonakala izama ukuheha amalungu ngokucekel­a phansi isithunzi seSadtu. Siyazi abantu banelungel­o lokukhulum­a noma yini kodwa kumele bakwenze lokho besebenzis­a umthetho. UNtola noMathonsi bacekela phansi isithunzi ngoba befuna ukunakwa ngumphakat­hi,” kusho uMaluleke.

Uthe baye enkantolo ngoba befuna ukubavimba ukuthi bangalokhu bedicilela phansi igama leSadtu nabaholi bayo.

“Yingakho abameli bethu sibayalele ukuthi baqhubeke babafake kwezomthet­ho oNtola, Mathonsi neSALIPSWU. Sifuna bavezele inkantolo ngezinsolo abazibeke iSadtu kanjalo nabaholi bayo,” kusho uMaluleke.

Unxuse amalungu ukuthi alwe nodlame ezikoleni nokuxhasha­zwa kwabaseben­zi.

“Sifuna oNtola noMathonsi bakhokhe uR300 000 ngokudicil­ela ilungu ngalinye lenyunyana,” kuphetha uMaluleke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa