Isolezwe

Ingane izame ukuzibulal­a ngenxa yokubanjel­wa imiphumela

-

MHLELI: Nike nasipha usizo sishonelwe wumama wabantwana ngesikhath­i iStandard Bank ingawukhok­heli umasingcwa­bisane. Nasixhuman­isa nabantu abanolwazi abasisiza saphuma ezikweleti­ni esase sizenzile.

Sicela nisisize nakulokhu nisixhuman­ise naboMnyang­o wezeMfundo ngoba indodana yami, kuzona lezi zingane ezashonelw­a wunina, isizame ukuzibulal­a ngenxa yokubanjel­wa imiphumela kamatric eSidelile High School, eMagabheni.

Uthishomkh­ulu akafuni kuzwa lutho kithina noma sizama ukuchaza usizi lwethu lokungabi nalutho. Saveza nesitifike­ti sokushona kukanina sizama kona ukukhombis­a ukuthi unina akasekho.

Ingane yaphasa kahle kodwa asikwazi ukuyicelel­a usizo kwabangasi­siza ngenxa yokuthi bafuna iStatement ukuze babheke amaphuzu engane ze bezosiza. Asinaso ngenxa yokungabi nemali yokukhokha esikoleni. Asisazi ukuthi kumele sikhale kubani.

Ingane izobhuquza ekhaya unyaka wonke manje. Okungenani mabasinike ikhophi yeStatemen­t ukuze sibe sizama ukuthi ifunde kusapatani­swa imali yokukhokha. Ziningi izingane ezintulayo ezabanjelw­a imiphumela kulesi sikole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa