Ingane izame ukuzibulala ngenxa yokubanjelwa imiphumela
MHLELI: Nike nasipha usizo sishonelwe wumama wabantwana ngesikhathi iStandard Bank ingawukhokheli umasingcwabisane. Nasixhumanisa nabantu abanolwazi abasisiza saphuma ezikweletini esase sizenzile.
Sicela nisisize nakulokhu nisixhumanise naboMnyango wezeMfundo ngoba indodana yami, kuzona lezi zingane ezashonelwa wunina, isizame ukuzibulala ngenxa yokubanjelwa imiphumela kamatric eSidelile High School, eMagabheni.
Uthishomkhulu akafuni kuzwa lutho kithina noma sizama ukuchaza usizi lwethu lokungabi nalutho. Saveza nesitifiketi sokushona kukanina sizama kona ukukhombisa ukuthi unina akasekho.
Ingane yaphasa kahle kodwa asikwazi ukuyicelela usizo kwabangasisiza ngenxa yokuthi bafuna iStatement ukuze babheke amaphuzu engane ze bezosiza. Asinaso ngenxa yokungabi nemali yokukhokha esikoleni. Asisazi ukuthi kumele sikhale kubani.
Ingane izobhuquza ekhaya unyaka wonke manje. Okungenani mabasinike ikhophi yeStatement ukuze sibe sizama ukuthi ifunde kusapataniswa imali yokukhokha. Ziningi izingane ezintulayo ezabanjelwa imiphumela kulesi sikole.