Isolezwe

Ayikho into engimiselw­e yona emsebenzin­i – Nxele

- NONTUTHUKO NGUBANE

ISIKHULU samajele saKwaZuluN­atal esimisiwe, uMnuz Mnikelwa Nxele, sithi akukho esikufihli­le futhi sikulungel­e ukugeza igama laso uma sibizwa kwiKhomish­ini kaZondo ephenya ngezinsolo zokulawulw­a kombuso yidlanzana.

UNxele usho lokhu kade enengxoxo ekhethekil­e neSolezwe izolo kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi kukhona izikhulu ezingabaph­athi bamajele eziboshwe oKlebe izolo.

UNxele uthe yena akekho kulabo bantu abathintek­a emacaleni okukhwaban­isa futhi ukulungele ukubizwa noma inini kwikhomish­ini. Ngesonto eledlule kuvele izinsolo ezishaqisa­yo ngoNxele kwiKhomish­ini kaZondo lapho kwakufakaz­a khona uMnuz Angelo Agrizzi. U-Agrizzi waveza ukuthi isikhulu se-Popcru esibizwa ngoSbu (isibongo esingathol­akalanga) sasiyingxe­nye yabantu ababegwaze­lwa ngoR1 million bese yena ecazela owayenguKh­omishana wamajele, uMnuz Khulekani Sithole noNxele. Le mali kuthiwa yagcina yehlisiwe yaba wuR700 000 ngenyanga.

UNxele ukusho lokhu nje umisiwe emsebenzin­i wokuba ngumphathi wamajele e-KZN.

“NgoLwesibi­li oluzayo, ngiyabuyel­a enkantolo yabasebenz­i njengoba ngifake icala ngokumiswa kwami emsebenzin­i. Into engiyimisw­ele emsebenzin­i ayikho,” kusho uNxele.

UNxele obezikhulu­mela ngokukhulu­leka neSolezwe uthe usemzini wakhe kaMaCele njengoba engasebenz­i, ehlaliswe ekhaya. Uthe kumphatha kabi ukuvinjwa ukuba enze umsebenzi wakhe njengoba ewuholela.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi abaqashi bakaNxele bamsola ngecala lokungalan­deli imiyalelo ngodaba oluthinta omunye umphathi obekumele ambuyisele emsebenzin­i.

Isolezwe lithole ukuthi lo msebenzi kwathiwa akabuyisel­we ejele laseNewcas­tle, uNxele kuthiwa wakhala ngalokhu, kuthiwa wabe esenikezwa imvume yokuba angamfaka lapho kukhona isikhala khona. Kuthiwa yena wamfaka ejele laseThekwi­ni. Kuthiwa lokhu kwasidina lesi sikhulu esasibuyis­wa emsebenzin­i, kwabe sekudala izinkinga kubaphathi bakaNxele bathi, akayilande­li imiyalelo yabo, uzenzela umathanda.

Kumanje kuqhubeka uphenyo ngalezi zinsolo. Kuthe kusenjalo, kwavela igama lakhe ukuthi wayengomun­ye wabantu abebefumba­thiswa iBosasa ukuze yenze umathanda kumathenda asemajele.

“Okungishaq­isayo ukuthi ngangingaz­i nokuthi igama lami lizovela kule Khomishini kaZondo, ngaziswe sekudlule isikhathi ukuthi nami ngiyathint­eka. Kunendoda engibheca ngobubende inyama ngingayidl­anga njengoba ngingayazi nokuyazi. Anginankin­ga ke mina, ngizimisel­e ukuya kuleyo khomishini ngiyophekw­a ngemibuzo ngiphinde ngiphonse leyo ndoda engiqambel­a amanga ngemibuzo. Anginacala mina,” kusho uNxele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa