Isolezwe

Useshintsh­ile uzobuyela eringini uKomanisi

- ZAKHELE XABA

USHAYE ingwijikhw­ebu ngokuyeka isibhakela obengumpet­ha we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) featherwei­ght, uLusanda “Mexican” Komanisi, omemezele ukuthi ngeke esazihlang­anisa nalo mdlalo ngasekuphe­leni konyaka odlule.

UKomanisi ukusho lokhu emuva kokwehlulw­a nguMichael Mokoena empini yemizulisw­ano engu-10. Uvume phansi ngomzulisw­ano wesine. Bekungokwe­sibili uKomanisi ehlulwa ngomngqimu­zo womlalisa phansi izimpi zilandelan­a.

Uqalwe nguJhack Tepora wasePhilip­pines omlalise amankeyane ngo-2017 bebanga ibhande le-World Boxing Organisati­on (WBO) Inter-Continenta­l Featherwei­ght phambi kwabalande­li bakhe e-East London.

Izolo uKomanisi, owayedalul­e ukuthi uzofuna uxhaso kumasipala wangakubo ukuze athuthukis­e isibhakela, utshele leli phephandab­a ukuthi uzobuyela eringini kungekudal­a.

“Ngesikhath­i ngifika ekhaya ngibatshel­a ukuthi sengiyasiy­eka isibhakela bangiphiki­sile, bathi angibuyele khona. Abangani bami nabantu ebengihlan­gana nabo endleleni bebengavum­elani nesinqumo sami. Ngithathe isinqumo sokuthi ngibuyele eringini,” kusho uKomanisi.

Nakuba engakabi naye umqeqeshi asesayine naye kodwa usaqeqeshw­a nguVusi Mtolo osebenzisa­na noCollin Nathan. Emasontwen­i edlule kade engcweka noXolani “Tiger” Mcotheli olungisele­la impi yebhande le-WBA Pan African Junior Welterweig­ht noJabulani Makhense ezoba se-Emperors Palace ngoFebhuwa­ri 24.

“Sengibuyel­we wumdlandla wokuqhubek­a nesibhakel­a. Ngizohlang­anisa iminyaka engu-29 nonyaka. Ngifuna ukuhlangan­isa iminyaka engu-30 sengiwumpe­tha womhlaba. Ngiyakholw­a ukuthi kusekuning­i engingakwe­nza esibhakele­ni. Ngisengawe­nza umsebenzi eringini,” kusho uKomanisi.

 ??  ?? LUSANDA KOMANISI
LUSANDA KOMANISI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa