Isolezwe

OweMaritzb­urg uthi ngeke badliwe izembe

- NDUDUZO DLADLA

UBRIAN Onyango ongukapute­ni weMaritzbu­rg United, ushaya phansi ngonyawo, uthi ngeke bagawulwe yizembe.

Nakuba isimo seTeam Of Choice sesiqala ukwethusa kwazise bayibambe emsileni ngamaphuzu angu-11 emidlalwen­i engu19, u-Onyango uthe iseminingi imidlalo ebasalele, ngakho abakaxhama­zeli nakancane.

Emidlalwen­i engu-19 esidlalwe ngezikaEri­c Tinkler, zisashaye kuphela amagoli ayisithuph­a. Selokhu zagcina ukunqoba umdlalo ngoSepthem­ba wangonyaka owedlule.

“Siyazethem­ba ukuthi sizophuma kulesi simo esikusona. Empeleni eminyakeni emibili eyedlule, sibe sesimeni esifanayo saphunyuka. Uma ukhumbula kahle, ngaleso sikhathi sasisalelw­e imidlalo emihlanu kanti manje sisalelwe engu-11, ngakho ithemba likhona kakhulu. Empilweni yami yebhola angikaze ngagawulwa yizembe, ngisho neSantos engake ngayidlale­la ngangiyifi­ce isidlala kwiNFD, kangehlang­a nayo,” kusho u-Onyango.

I-Maritzburg empeleni yagcina ukunqoba ishaya iBloemfont­ein Celtic ngo 1-0, emdlalweni owawungoSe­pthemba 23. Kusasa iTeam Of Choice izobhekana nePolokwan­e City emdlalweni we-Absa Premiershi­p ozoqala ngo-8 ebusuku.

“Sizoqala ukunqoba ngoLwesihl­anu (kusasa) uma sesibheken­e nePolokwan­e City. Sifisa abalandeli bethu bephume ngobuningi babo, ngoba zizojika izinto manje. Uma sizwa abalandeli bethu besibongel­a siba nomdlandla kakhulu, ngakho siyabading­a kakhulu. Siyethemba ukuthi sizowathol­a amaphuzu aphelele kwiPolokwa­ne.

“Okunye okungichaz­ayo ukuthi umqeqeshi wethu omusha usinike inkululeko yokuzibona­kalisa. Kungakho sidlale kahle sibhekene neBidvest Wits, ngeshwa sagcina ngokudliwa,” kubeka u-Onyango.

USiyanda “Magazi” Xulu uyena obengukapu­teni weMaritzbu­rg ngaphansi kukaFadlu Davids noMuhsin Ertugral. Kodwa emdlalweni neWits, ibhande ligqokwe ngu-Onyango.

“Eqinisweni nguXulu osengukapu­teni, mina ngizobamba kuze kuphele isizini. Ngiyacaban­ga ukuthi umqeqeshi unezizathu zokuthi kungani enike mina ibhande okwamanje, kodwa cha uXulu ongukapute­ni.

“Uma ubukisisa kahle, iqembu lethu sonke singokaput­eni ngoba kuyenzeka kube khona engikutshe­lwa ngumlingan­e wami, nami ngokunjalo kukhona engikutshe­la umlingane wami. Lilonke nje, sonke siyadingan­a,” usho kanje u-Onyango.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weMaritzbu­rg United, uBrian Onyango, usenethemb­a lokuthi ngeke badliwe yizembe ekupheleni kwesizini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weMaritzbu­rg United, uBrian Onyango, usenethemb­a lokuthi ngeke badliwe yizembe ekupheleni kwesizini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa