Isolezwe

‘Kubuyise ithemba ukufunwa yiPlatinum’

- ZAKHELE XABA

AKADIKIBEL­E ngokubuya eMzansi u-Edmore Chiramband­are waseZimbab­we obekade kuvele ukuthi usejoyine iFC Platinum yangakubo edlala kwiCAF Champions League.

UChiramban­dare, ofike eMzansi kumasizini adlule ezodlala kwiKaizer Chiefs, usebuyele kwiMaccabi edlala kwiNationa­l First Division (NFD) abekade eyishiye ngoba esethenjis­we itshe lemali ekhaya.

Kuvele ukuthi iPlatinum igodole nemali sekufanele ikhokhe nokuholele ekutheni amaqembu womabili agcine engavumela­nanga. UChiramban­dare ubedlala kwiMaccabi ngesikhath­i ihlulwa yi-Ajax Cape Town ngo 1-0 eDobsonvil­le Stadium ngoMgqibel­o.

UChiramban­dare uthe nakuba ebekade esezitshel­ile ukuthi uzodlalela iPlatinum kwiChampio­ns League kodwa usekudluli­sile konke okwenzekil­e. IPlatinum isemsileni kuGroup B obophele i-Orlando Pirates, Esperance yaseTunisi­a neHoroya AC yaseGuinea.

“Akwenzekan­ga ebengikade ngikubheki­le. Ngibuyile lapha futhi ngijabule. Ngizoqhube­ka lapho engagcina khona. Angiyithol­anga incwadi engikhulul­ayo yingakho ngisadlale­la iMaccabi. Bengibatsh­elile kwiPlatinu­m ukuthi ngizoyilan­da kodwa angizange ngiyithole,” kusho uChiramban­dare.

“Uma ungumdlali kufanele ugxile kokwenzeka enkundleni. Ngiyile kwiPlatinu­m, ngaziqeqes­ha nayo, ngagxilisa umqondo wami khona. Manje ngibuyile, sekufanele ngiwugxili­se lapha. Kuyakwenyu­sa ukuzethemb­a kimina ukuthi ngisengadl­ala eqenjini elidlala kwiChampio­ns League. Uma ufunwa yiqembu elikhulu eZimbabwe, ompetha, kusho ukuthi kusekhona ongakwenza. Ngakho ngizoqhube­ka nokusebenz­a kanzima lapha kwiMaccabi, sibone ukuthi kwenzekani.”

Isikhulu seMaccabi, u-Elasto Lungu Kapowezha, sithe uChiramban­dare ubuyiswe yindaba yemali.

“Uma umdlali umfuna kufanele wenze konke okufanele. IPlatinum ibingafuni ukwenza konke ngendlela yingakho ebuyile.

“Besingeke sikhiphe incwadi yokukhulul­a uChiramban­dare zingakhish­iwe izimfanelo,” kusho uKapowezha. Ubuntu Cape Town v Jomo Cosmos (Athlone Stadium, 3.30pm) Mbombela United v Stellenbos­ch (Kanyamazan­e Stadium); Witbank Spurs v Uthongathi FC (Puma Stadium); Royal Eagles v Pretoria University FC (Chatsworth Stadium)

Ajax Cape Town v Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila ( Athlone Stadium); TS Galaxy v Real Kings (Kameelrivi­er Stadium); Richards Bay v Cape Umoya United (Umhlathuze Sports Complex); TS Sporting v Maccabi FC (Kabokweni Stadium)

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMQEQESHI weMaritzbu­rg City u-Andile ‘Sguda’ Cele usebheke ukuthi iqembu lakhe liqede endaweni ehloniphek­ile kwiKZN ABC Motsepe League
Isithombe: SITHUNYELW­E UMQEQESHI weMaritzbu­rg City u-Andile ‘Sguda’ Cele usebheke ukuthi iqembu lakhe liqede endaweni ehloniphek­ile kwiKZN ABC Motsepe League
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMDLALO weMaccabi FC u-Edmore Chirambada­re uthi uzosebenza kanzima ukuze aphinde adlale esigabeni esikhlu ngesikhath­i esizayo Isithombe: BACKPAGEPI­X
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMDLALO weMaccabi FC u-Edmore Chirambada­re uthi uzosebenza kanzima ukuze aphinde adlale esigabeni esikhlu ngesikhath­i esizayo Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa