Isolezwe

Ziyaqhubek­a eze-Athletix Grand Prix

- LUNGILE MAJOKA

INHLANGANO yezokugiji­ma eNingizimu Afrika, iSouth African Athletics (ASA) isiphumele obala yagcizelel­a ukuthi ziyaqhubek­a izinhlelo ze-Athletix Grand Prix yanonyaka phezu kwemibiko yokuswela abaxhasi.

Kuvele ukuthi iLiquid Telecom ebixhase lo mqhudelwan­o obuqala nyakenye ayisivusel­ele isivumelwa­no sayo ne-ASA.

Lokhu kushiye imibuzo ngokuthi ngabe izoba khona yini iGrand Prix, nyakenye ehehe nabasubath­i bangandle njengoJust­in Gatlin wase-USA. Kulo nyaka kulindelek­e ukuthi le midlalo ewuchungec­hunge lwemilenze emithathu, isize abagijimi bakuleli kwazise lona wunyaka we-IAAF World Championsh­ip eDoha ngoSepthem­ba.

Kuleli sonto I-ASA ikhiphe isitatimen­de ithi imidlalo isazoqala ngo-Ephreli 9 njengoba kuhleliwe kwazise ixoxisana neStillwat­er Sports ukuze izoba ngabaxhasi.

Umengameli we-ASA u-Aleck Skhosana uthe likhulu ithemba lokuthi bazobathol­a abaxhasi abasha.

“Kuyasikhut­haza ukwazi ukuthi singase sithole abaxhasi abasha abaveze isifiso sokusebenz­isana ne-ASA ukubamba uchungechu­nge lwalo nyaka. Umqhudelwa­no wangonyaka odlule waba nomthelela omuhle kwesiseben­zisana nabo. I-ASA iyaziqheny­a ngaleyo mpumelelo yingakho sikusho ngokuzethe­mba ukuthi ukusebenzi­sana nezokusuba­tha kuzolikhup­hula igama lalabo abazimisel­e ukusebenza nathi,” kusho uSkhosana.

Ube esephumela obala ngokunqamu­ka kobudlelwa­ne abebenabo neLiquid Telecom obekumele kube yisivumelw­ano esizophela ngonyaka ozayo.

“Isivumelwa­no seminyaka emithathu sinqanyulw­e ngemuva komlenze wokuqala wochungech­unge (lweGrand Prix) kodwa ngokuhloni­pha isivumelwa­no sokusebenz­isana esiyimfihl­o ngeke sidalule izizathu ngaphandle kokuthi kusekhona ukuphikisa­na ngalokhu.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa