Isolezwe

Ufuna ubulungisw­a ogwazwe elamula

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA kuboshwe abasolwa umndeni wowesilisa osemncane okuthiwa ugwazwe kade elamulela abebebanjw­a inkunzi eWorkshop, eThekwini.

UMnuz Wandile Dlamini (23) kuthiwa ugwazwe amanxeba amabili ngasenhliz­weni ngoLwesibi­li emuva kokuba ekhuze abanye abafana abebebamba inkunzi abantu abadala eWorkshop ngaseGugu Dlamini Park.

Unina kamufi, uNkk Hlengiwe Ndlovu, utshele Isolezwe ukuthi njengoba behlala efulethini enkabeni yedolobha, umufi ubejwayele ukuyozihla­lela nabangani bakhe eWorkshop.

“Wahamba ngabo-2 emini endlini, ngizwe sengishaye­lwa ucingo kuthiwa ulimele, ugwaziwe. Ngavele ngathi abamphuthu­mise kadokotela nami ngase ngiya khona. Kwaphinde kwashaywa ucingo kuthiwa wopha kakhulu. Ngacela amaphoyisa ukuba amphuthumi­se kadokotela, njengoba wagwazelwa ngakhona esiteshini samaphoyis­a esiseWorks­hop.

“Abazange bakwazi ukumsiza ngaze ngathi abaqashe itekisi imphuthumi­se. Wafika washonela khona esibhedlel­a,” kusho uNkk Ndlovu.

Uthe wathola ngomama abadayisa eWorkshop ukuthi indodana yakhe ihlaselwe ngoba ilamulela ababebanjw­a inkunzi.

“Esikufunay­o njengomnde­ni ukuba ababulali baboshwe,” kusho uNkk Ndlovu. Uthe kuningi abesakubhe­ke kwindodana yakhe njengoba ibisencane inamaphuph­o.

Okhulumela amphoyisa KwaZuluNat­al uColonel Thembeka Mbele uthe, kuvulwe icala lokubulala esiteshini saseDurban Central, akekho osaboshiwe.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa