Isolezwe

Sibulawa yindlala yamanzi e-Underberg

-

MHLELI: Ngithanda ukuzwakali­sa ubuhlungu obusenhliz­iyweni yami ngokubukel­eka phansi kwabantu.

Sekuwusuku lwesithath­u amanzi singenawo e-Underberg. Okubuhlung­u kakhulu wukuthi asitshelwa lutho siwumphaka­thi asazi ukuthi kwenzekani ngoba ngeke bakhale ngesomiso. UNkulunkul­u emuhle usibusisil­e ngemvula kulezi zinsuku.

Uma kunenkinga abaziswe abantu kuzanywe nezindlela zokuzwelan­a nomphakath­i enkingeni esuke ibhekene nawo kungaveli kuthuleke nje. Iziphathim­andla mazingakho­hlwa wukuthi siyadingan­a.

Uma besahlulek­a ukwethembe­ka ezintweni ezincane sizobathem­ba kanjani ngevoti lethu?

Sukumani baphathi bethu nisilekele­le ezinkingen­i esisuke sibhekene nazo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa