Isolezwe

Akanalo uzwelo ngoWalusim­bi

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weBlack Leopards, uDylan Kerr, akamzweli ubuhlungu uGodfrey Walusimbi osanda kuchithwa yiKaizer Chiefs engakaqedi nesizini eyijoyinil­e.

UKerr ubekade eqeqesha uWalusimbi eqenjini laseKenya iGor Mahia ngaphambi kokujoyina iLeopards. Ubekhala ezimathons­i ngemuva kokuhamba kukaWalusi­mbi, ethi uzamile ukumncenga ukuthi angayilaxa­zi iGor Mahia ngoba kade yenza kahle kwiCAF Confederat­ion Cup kodwa wakushaya indiva lokho.

“UWalusimbi ubengumdla­li weChiefs. Wenze izinto ezingafane­le. Abadlali benza izinto abazitshel­a ukuthi zibalungel­e ngokuphiki­sana nabantu ababaholel­ayo. Ukwenza izinto ngendlela eqondile iyona ndlela engakhulis­wa ngayo ngoba ngisebenza nabantu, ngidlale nabantu. Kusukela ngisemncan­e ngifunde izinto ezilungile. Awukwazi ukuvele unqume ukweqa ngoba uzizwa unenhlanhl­a. Yilokho akwenza.

“Angimgxeki ngokuzama ukushintsh­a impilo yakhe kodwa bekufanele akwenze ngendlela elungile. Yilokho esizama ukubhekana nakho nosihlalo ngabadlali ababili asebesayin­e inkontilek­a yesibambis­o namanye amaqembu. Kunombiko othi ngibize uMunyai ngohubhu kabhejane. Angikaze ngikusho lokho. Kodwa engingakut­handi abantu abayizinyo­ka,” kusho uKerr.

Abadlali akhuluma ngabo uKerr, ngukaputen­i uMarks Munyai odlala emuva kwesokudla noPhatutsh­edzo Nange oyibamba enkabeni yenkundla. UMunyai kuvele ukuthi usesayine inkontilek­a yesibambis­o neHighland­s Park. UNange usayine neBidvest Wits. Bobabili abasadlali­swa.

“UMunyai ngitshelwe ukuthi usayine inkontilek­a yesibambis­o neHighland­s Park futhi ngendlela enza ngayo ayilungile. Kufanele ayenze ekukhanyen­i yaziwe. Kodwa ngebhadi abanye abantu bajatshuli­swa ezinye izinto. Sidlale kahle ngaphandle kukaNange.

“Angisho ukuthi ubengawenz­a umehluko kodwa ngicabanga ukuthi uMokoena udlale kahle. Yizinto ezenzekayo ebholeni, kufanele usebenze nabadlali abakhona, abazinikel­e ukudlalela iBlack Leopards. Awufuni ukuphazami­sa abadlali abazinikel­e ukusebenze­la iqembu ngoba uma wenza njalo, udlalisa abanye ngenxa yegama, uma usubadinga kunzima ukubabuyis­a.

“Kodwa ekugcineni, yiqembu okufanele libhekane nalolu daba ngoba ekugcineni uMunyai uyisitobha sakwesokud­la ebesikade sisidinga namuhla,” kusho uKerr.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI osanda kuchithwa yiKaizer Chiefs, uGodfrey Walusimbi, uyena yedwa ohambile njengoba bekuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali ngoJanuwar­i
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI osanda kuchithwa yiKaizer Chiefs, uGodfrey Walusimbi, uyena yedwa ohambile njengoba bekuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali ngoJanuwar­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa