Uhlu lwezimoto ezizobanga isicoco
LUKHISHIWE uhla lwezimoto ezizodlana imilala emncintiswaneni wokukhetha eyonyaka i-2019 World Car of the Year.
Izimoto ezingu-10 ezizobanga lesi sicoco yi-Audi e-tron, BMW 3-Series, Ford Focus, Genesis G70, Hyundai Nexo, Jaguar I-PACE, Mercedes A-Class, Suzuki Jimny, Volvo S60/V60 neVolvo XC40.
Ezinye zalezi zimoto azikadayisi eNingizimu Afrika njengeBMW 3 Series okulindeleke ukuthi yethulwe ekuqaleni kwenyanga ezayo neJaguar I-PACe esendleleni.
Kulo mncintiswano abehluleli yizintatheli zezimoto zasemazweni ahlukene ezingu-86, okubalwa kuzo nezimbili zaseNingizimu Afrika.
Njengoba seziqokiwe izimoto ezingu-10, kuzobuye kuphinde kuyohlulelwa futhi amavoti kushaye uFebhuwari 14 esengenile wonke.
Okuyiyona edle umhlanganiso izomenyezelwa embukisweni wezimoto iNew York International Auto Show ngo-Ephreli 17.
Lo mncintiswano usuneminyaka ukhona kanti kowangonyaka odlule kwanqoba iVolvo CX60.
Kwenzeka lokhu nje, ngoEphreli kuzomenyezelwa imoto yonyaka eNingiziimu Afrika emncintiswaneni i-2019 AutoTrader South African Car Of The Year.
Nakuwo lo mncintiswano abehluleli yizintatheli zezimoto kodwa ezizinze eNingizimu Afrika.