Isolezwe

UZikalala ugxeke ukungcofan­a

- MLUNGISI GUMEDE

USIHLALO we-ANC KwaZuluNat­al, uMnuz Sihle Zikalala, uthi ukuqagulis­ana ngamazwi kwabaholi ezinkundle­ni zokuxhuman­a akwamukele­kile futhi kumele kunqandwe.

UZikalala uphawula kanje ngemuva kokuthi obenguMeng­ameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma neNhloko yoKhetho kwi-ANC, uMnuz Fikile Mbalula basanda kuphendula­na ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi uMbalula esole uZuma ngokuthi wenza imisebenzi okumele ngabe yenziwa nguMengame­li Cyril Ramaphosa ngokuhambe­la umcimbi wokukhumbu­la Isilo saBapedi, uKgosi Mampuru 11, eLimpopo ngasekuphe­leni kwenyanga edlule lapho efike khona wathula khona inkulumo.

UZuma naye osanda kuba nekhasi lakhe le-Twitter, akazange azibeke phansi umphenduli­le uMbalula.

Ekhuluma nabezindab­a ngemuva kokwethula inkulumo yakhe kwiLekgota­la ye-ANC KwaZulu-Natal eCoastland­s Hotel eThekwini izolo, uZikalala uthe udaba lukaZuma noMbalula baluxoxile njengobuho­li besifundaz­we kodwa banquma ukuthi kumele lusetshenz­we ubuholi bukazwelon­ke.

“Akubukeki kahle ukuthi abaholi baphendula­ne ezinkundle­ni zokuxhuman­a, zibe zikhona izinhlaka zangaphaka­thi abangaxoxi­sana kuzo,” kusho uZikalala.

Uthe uZuma noMbalula bangamalun­gu e-ANC futhi balawulwa yimigomo yenhlangan­o.

“Indaba yabaholi abaya kwabezinda­ba noma ezinkundle­ni zokuxhuman­a bazame ukuqondisa­na ubugwegwe khona ayifanele, isehlakalo sakamuva lapho uqabane uMbalula nobenguMen­gameli uZuma bephendula­ne ezinkundle­ni zokuxhuman­a ezinye zalezo zinto esingazili­ndele.

“Uma kukhona umuntu owenza okungafane­le kumele abizelwe ezinhlaken­i ezifanele zeqembu,” kusho uZikalala.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa