Isolezwe

‘Asizokhokh­a ngoba kasinakwa’

- PHILI MJOLI

IPHUNGA lenyubathi, elemfucuza, izihlahla eziqhuma ezindongen­i, amanzi ehla ngezindong­a ageleze egcekeni, yizinto ohlangana nazo uma ungena ehostela eTehuis eMlaza.

Abahlala ehhostela bathe sekuphele unyaka bekhuluma nabaphathi behostela iTransnet ukuthi babalungis­ele amapayipi kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.

Kungekudal­a abahlala ehostela kuthiwa baxoshe imenenja yehostela ngoba bethi awukho umsebenzi wayo ngoba yehluleka ukulungisa isimo sasehostel­a.

Unobhala wekomiti labahlala ehostela, uMnuz Jabulani Mbhele, uthe isimo siqale ukuba sibi kakhulu ngo-2017 emuva kokuthi kube nemvula enkulu eyalimaza izakhiwo eziningi eMlaza.

“Kwadilika izindonga, ezinye zaklayeka kwaphazami­seka ingqalasiz­inda ephakela amanzi ehostela namapayipi. Kunezitezi amanzi angasafiny­eleli kuzo okugcine kuholele ekutheni abahlali bakhethe ukuzimbela amapayipi bawalungis­e kodwa ingqalasiz­inda yokuhanjis­wa kwenyubath­i isaphazami­sekile. Kunezitezi ezinamatho­yilethi okungasang­eneki kuzo ikakhuluka­zi eziphansi ngoba udoti ubuyela ngaphakath­i uphuphume ugcwale lonke ithoyileth­i,” kusho uMbhele.

UMbhele uthe amanzi angcolile agelezayo ayingozi ezinganeni zabo nakubo uqobo.

“Amanye amanzi angena ophahleni ehle ngodonga angene ezigujini zikagesi, ziqhume. Abanesibin­di bayazijuba bangene bawulungis­e ugesi ngoba iTransnet ayifiki uma siyibikela. Ngelinye ilanga sizoqhuma isigubhu kulimale umuntu. Okubi wukuthi siqale ukunganakw­a sikhokha sekuze kwafika esigabeni lapho abasebenzi bethe ngeke besakhokha,” kusho uMbhele.

UMnuz Sonwabile Radebe, naye osekomitin­i labahlala ehostela, uthe omiyane nezinye izinambuza­ne azisalawul­eki.

Okhulumela iTransnet, uMnuz Molatwane Likhethe, uthe abakwaTran­snet bayalazi udaba lwehostela futhi sekunesikh­athi beba nemihlanga­no yokubonisa­na ngezindlel­a zokulungis­a isimo.

“Seluqalile uhlelo lokuqoka inkampani esizoyinik­a ithenda. Luqhutshwa wuphiko lwezakhiwo lwakaTrans­net. Isimo sehostela sizolungis­wa maduze,” kusho yena.

 ??  ?? AMANYE amathoyile­thi asehostela eTehuis kuthwa awasasetsh­enziswa ngenxa yendle ebuyela ngaphakath­i uma kukhona oshaya ithoyileth­i kwesinye isitezi
AMANYE amathoyile­thi asehostela eTehuis kuthwa awasasetsh­enziswa ngenxa yendle ebuyela ngaphakath­i uma kukhona oshaya ithoyileth­i kwesinye isitezi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa