Banikwe elinye abaphinda u-matric
SILULIWE isikhathi sokubhalisela izivivinyo zokuchibiyela ezizoba ngoJuni kulabo abaphinda u-matric, ababhala izifundo ezimbalwa nalabo ababhala u-matric omdala.
UMnyango weMfundo eyisiSekelo ulule isikhathi sokubhalisela lezi zivivinyo kuze kube uFebhuwari 18, 2019.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe balule isikhathi kulandela izicelo abazitholile kulabo abangakwazanga ukubhalisa njengoba umnqamulajuqu wawungoJanuwari 31.
UMhlanga uthe labo abafuna ukubhalisa bangaya emahhovisi omnyango ezifundeni ezehlukene.
“Abazokwazi ukubhala yilabo ababhala i-Amended Senior Certificate (ASC) noma iNational Senior Certificate (NSC). Sinxusa ukuthi abafundi bangayeki kuze kube umzuzu wokugcina ngaphambi kokuba bafake izicelo ngoba ngeke sisasilula isikhathi,” kusho uMhlanga.
Uthe ngeke besasilula ngenxa yezinto okumele bazenze ngaphambi kokuba kubhalwe izivivinyo.
Izivivinyo zizobhalwa ngoMeyi noJuni 2019, kanti sizobanika ithuba lokuthi baphucule u-matric labo abangenzanga kahle nyakenye.
“Kuzonika ithuba kulabo abafeyila noma labo abadinga ukuthi babhale izifundo ezimbili noma esisodwa ukuze baphase. Nalabo abafuna ukuphucula imiphumela yabo bayamenywa ukuthi babhalise ukuze babhale.
Uthe nalabo abashiya isikole, abaneminyaka engaphezulu kuka-21, kudingeka ukuthi baveze imiphumela yabo yakwaGrade 9 ukuze bakwazi ukubhala bathole u-matric.
Uthe kunezinhlelo ezikhona zokusiza labo abazobhala, wathi ulwazi lukhona ezifundeni zomnyango.
Abafuna ulwazi bangaya nakwi-website yomnyango ethi:education.gov.za.