Isolezwe

Banikwe elinye abaphinda u-matric

- MHLENGI SHANGASE

SILULIWE isikhathi sokubhalis­ela izivivinyo zokuchibiy­ela ezizoba ngoJuni kulabo abaphinda u-matric, ababhala izifundo ezimbalwa nalabo ababhala u-matric omdala.

UMnyango weMfundo eyisiSekel­o ulule isikhathi sokubhalis­ela lezi zivivinyo kuze kube uFebhuwari 18, 2019.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe balule isikhathi kulandela izicelo abazitholi­le kulabo abangakwaz­anga ukubhalisa njengoba umnqamulaj­uqu wawungoJan­uwari 31.

UMhlanga uthe labo abafuna ukubhalisa bangaya emahhovisi omnyango ezifundeni ezehlukene.

“Abazokwazi ukubhala yilabo ababhala i-Amended Senior Certificat­e (ASC) noma iNational Senior Certificat­e (NSC). Sinxusa ukuthi abafundi bangayeki kuze kube umzuzu wokugcina ngaphambi kokuba bafake izicelo ngoba ngeke sisasilula isikhathi,” kusho uMhlanga.

Uthe ngeke besasilula ngenxa yezinto okumele bazenze ngaphambi kokuba kubhalwe izivivinyo.

Izivivinyo zizobhalwa ngoMeyi noJuni 2019, kanti sizobanika ithuba lokuthi baphucule u-matric labo abangenzan­ga kahle nyakenye.

“Kuzonika ithuba kulabo abafeyila noma labo abadinga ukuthi babhale izifundo ezimbili noma esisodwa ukuze baphase. Nalabo abafuna ukuphucula imiphumela yabo bayamenywa ukuthi babhalise ukuze babhale.

Uthe nalabo abashiya isikole, abaneminya­ka engaphezul­u kuka-21, kudingeka ukuthi baveze imiphumela yabo yakwaGrade 9 ukuze bakwazi ukubhala bathole u-matric.

Uthe kunezinhle­lo ezikhona zokusiza labo abazobhala, wathi ulwazi lukhona ezifundeni zomnyango.

Abafuna ulwazi bangaya nakwi-website yomnyango ethi:education.gov.za.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa