Isolezwe

Luyohamba lusinda Usuthu: Benni McCarthy

- LUNGILE MAJOKA

AFANISWE nomuntu osinde kwinhlekel­ele yengozi AmaZulu FC asale namaphuzu agcwele ngesikhath­i ebhekene neCape Town City emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibel­o ebusuku.

USuthu ludlule ngo 1-0 nge-free kick eshaywe uTapelo Nyongo ngesiwombe sesibili. ICity ivinjelwe iphenathi ngunozinti uSiyabonga Mbhatha kwesokuqal­a ebishaywe uKermit Erasmus. UMbatha obe ngumdlali ovelele ubuye wavimba neminye iminyakazo yezivakash­i.

AmaZulu, ngokunqoba kufane nokuthi abuyisa izinduku ngemuva kokubhaxab­ulwa kabi iThe Citizens ngo 3-0 emzuliswan­eni wokuqala weligi eKapa.

Umqeqeshi wezivakash­i uBenni McCarthy, uthe akabadinel­we kakhulu abadlali bakhe ngoba bakwenze konke kodwa bahlulwa wukushaya igoli.

“Uma abantu bethi ‘ibhola lingakubul­ala’, okokuqala ngqa nami ngizizwa nginalo muzwa namuhla,” kusho uMcCarthy ngemuva komdlalo.

“Leli bhola alimnandi ngoba awukwazi ukuthi ungacindez­ela ngomzuzu wokuqala umdlalo uze uphele kodwa ekugcineni uhlulwe. Ngicabanga ukuthi abalandeli bawuthokoz­ele umdlalo lapho iqembu elilodwa lihlulekil­e wukusebenz­isa amandla okucindeze­la kwalo. Ngiyambong­ela uCavin Jonhson nabadlali bakhe ngokuphuny­uka bengenamyo­cu kwinhlekel­ele yengozi abebebheke­ne nayo, obekubonak­ala sengathi bebengeke baphume bephila kuyona.”

EzikaMcCar­thy ngokulahla amaphuzu agcwele, ziyeke ithuba lokulingan­a ngamaphuzu ne-Orlando Pirates esendaweni yesithathu ngemuva kokubamban­a ngo 1-1 neKaizer Chiefs.

Lo mqeqeshi uthe yize bengadlale­li ukubukwa amanye amaqembu kodwa uyalibona ithuba abaliyekil­e.

“Ukuthola amaphuzu amathathu kusuke kuwukuzija­bulisa thina ngomsebenz­i esisuke siwufaka ejimini isonto lonke. Kodwa uma ubheka umehluko obuzobakho­na (ukuba banqobile) siyalibona ithuba eselidedel­ile. Kwesinye isikhathi ngike ngibone engathi abadlali bami abaqinile ngokomqond­o ngoba njalo uma besesimeni sokukhuphu­ka bayalidede­la lelo thuba,” kusho uMcCarthy.

ICity ihleli endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-30.

Ebuzwa ukuthi ngabe uyazibona, okungenani, beqeda endaweni yesithathu, uthe: “Asinabo abadlali abawu-40 njengeChie­fs, angiphathi ke ukuthi bangaki abePirates. Nginabadla­li abawu23 kuphela nalabo abancane beDiski. Angikwazi ukushintsh­ashintsha isikwati ngendlela engifisa ngayo. Kodwa uma sekuvalwe isizini, sizoya emakethe.”

Emdlalweni olandelayo weligi bazovakash­elwa yiMaritzbu­rg United ngoFebhuwa­ri 23 e-Athlone Stadium.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI waMaZulu uSiyabonga Mbatha ubamba ngisho impukane kulezi zinsuku emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI waMaZulu uSiyabonga Mbatha ubamba ngisho impukane kulezi zinsuku emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weCape Town City, uBenni McCarthy, uthi asinde ngokulambi­sa AmaZulu abebebheke­ne nawo emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weCape Town City, uBenni McCarthy, uthi asinde ngokulambi­sa AmaZulu abebebheke­ne nawo emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa