Isolezwe

Uphikisa abezindaba owePolokwa­ne

- NDUDUZO DLADLA

‘AKUSIKHO konke okushiwo ngoRamagal­ela ngabezinda­ba okuliqinis­o, ngoba okushiwoyo nokwenzaka­layo akufani’.

Lokhu kushiwo umqeqeshi wePolokwan­e City, uJozef Vukusic, ephendula imibuzo ngemibiko yokuhlukun­yezwa kukaRodney “RamaG” Ramagalela kwiRise and Shine njengoba engadlalis­wa ngemuva kokwenqaba ukusayina inkontilek­a entsha naleli qembu.

URamagalel­a uqome ukusayina inkontilek­a yesibambis­o neHighland­s Park azoyijoyin­a ngoJuni. Inkinga abhekene nayo nokho njengamanj­e ukuthi uzobe enzani kuze kube uJuni njengoba abaphathi bePolokwan­e bempheke ngebhojwan­a? Bengafuni ukumdlalis­a ngenxa yokuthi wagoloza ukusayina inkontilek­a neRise and Shine?

Ngokusho kukaVukusi­c, lo mgadli oke wadlalela iMamelodi Sundowns, akaziqeqes­hi neqembu futhi useze wamkhipha nasezinhle­lweni zakhe, njengoba esesayinis­e uCharlton Mashumba odume kwiJomo Cosmos.

“Angikwazi empeleni ukuphawula ngodaba lukaRamaga­lela kodwa engingakus­ho ukuthi akaziqeqes­hi neqembu, sekuphele amasonto. Lokho kusho ukuthi ngeke ngikwazi ukumsebenz­isa. Yingakho sithenge uMashumba, esibheke kuyena amagoli. Okwami njengomqeq­eshi, ukusebenza nabadlali abakhona kwaphela,” kusho uVukusic obebonakal­a nasebuswen­i ukuthi ayimphethe kahle le ndaba.

Ebuzwa ukuthi ukuxhumana phakathi kwakhe (njengomqeq­eshi) kungakanan­i nabaphathi beqembu, nesizathu empeleni esenza angadlali uRamagalel­a, ushone ezintangen­i uVukusic.

“Le mibuzo eniyibuzay­o angicabang­i ukuthi niyibuza umuntu ofanele. URamagalel­a akayisayin­anga nami inkontilek­a kodwa wayisayina nabaphathi beqembu. Nguyena umdlali okhethe ukungaziqe­qeshi ngezizathu zakhe. Kodwa engingakus­ho ukuthi okuphuma kwabezinda­ba akukona konke okuyiqinis­o. Okushiwoyo akufani nokwenzeka eqenjini,” usho kanje uVukusic ngemuva kokuthola kwezakhe isibhaxu sika 3-1, zishaywa iMaritzbur­g United ngoLwesihl­anu.

 ??  ?? JOSEF VUKUSIC
JOSEF VUKUSIC

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa