Isolezwe

Ubaba uvele enkantolo ngecala lokunukube­za

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI wowesilisa oneminyaka engu-28 oboshelwe ukudlwengu­la indodakazi yakhe (5) KwaDambuza, eMgungundl­ovu, ufuna amaphoyisa enze umsebenzi wawo.

Lo msolwa izolo uvele enkantolo yaseMgungu­ndlovu ngecala lokudlweng­ula indodakazi yakhe elenzeke ngempelaso­nto.

Ngokuthola kweSolezwe, umsolwa wayephuze kakhulu utshwala wabe esecela indodakazi yakhe ukuba izolala naye.

Kuthiwa ebusuku umgilwa uzwakale ememeza ekhala, abomndeni bayifica ingane lapho ilele noyise ikhala ngokuthi “kubuhlungu”.

Ibe isiphonswa ngemibuzo, kwavela ukuthi uyise uyidlwengu­lile.

Yaphuthuny­iswa esibhedlel­a ingane kwatholaka­la ukuthi ngempela inukubezwe ngokocansi. Umsolwa wabe eseboshwa.

Unina womsolwa okunguyena ovule icala uthe akazi ngempela indodana yakhe ibingenwe yini ngoba iyayithand­a ingane yayo.

“Ngeke ngikwazi ukuchaza yonke into. Ibivakashi­le ingane. Unina washona. Imina engivule icala, ngavulela ingane yami (umsolwa), ngoba sekuvele ukuthi umzukulu wami udlwenguli­we kade elele naye. Kumanje uyaphika (umsolwa) uthi akazi lutho. Usaqhubeka noma engaphuzil­e uthi akazi. Amaphoyisa awenze umsebenzi wawo kuleli cala. Ingane yakhe uyayithand­a kodwa utshwala ngicabanga ukuthi ibona obumoshile. Ungumuntu ophuzayo kodwa besiqala ukuthi enze kanjena. Ngibuze ingane yavuma ukuthi uyise uyidlwengu­lile. Uma simbuza uyaphika kodwa ingane iyaqinisek­isa, futhi iyile kohlolwa kwathiwa idlwenguli­le.Ngeke simvune,” kuphetha unina womsolwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe: “Kuboshwe umsolwa uneminyaka engu-28. Umgilwa kuleli cala uneminyaka emihlanu. Uphenyo lusaqhubek­a,” kusho uCapt. Gwala.

Umsolwa uvele izolo enkantolo kodwa idokodo lecala lisagcinwe enkantolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa