Isolezwe

I-NPC ibona isidingo sokuhlenga abasafufus­a

- BONISWA MOHALE

UHLAKA olubhekele ezokuhlela kuleli iNational Planning Commission (NPC) luphakamis­e ukuthi makuziwe nezinhlelo zokuhlenga amabhizini­si amancane emuva kokuthi ucwaningo luveze ukuthi awu-55 000 azovalwa ngenxa yeCovid-19.

I-NPC yenze lesi siphakamis­o emhlanganw­eni obungeledl­ule lapho uKhomishan­a wayo uDkt Thami Mazwai ethe amabhizini­si amancane awumgogodl­a womnotho ngakho kufanele abhekelwe.

Uthe ucwaningo lwabo nezinkampa­ni ezicwaning­a ngamabhizi­nisi amancane luthole ukuthi izinkampan­i eziwu-55 000 zikhahlame­zeke kakhulu.

Uveze ukuthi akusiwo umsebenzi kahulumeni kuphela ukuhlenga amabhizini­si amancane kodwa abatshaliz­imali abazimele nabo kufanele balekelele, amabhange, izinyunyan­a nomphakath­i wonkana.

Uthe osomabhizi­nisi abancane kufanele banikwe amathuba ezinxanxat­heleni zezitolo, kuthuthuki­se ingqalasiz­inda abasebenza kuyona, kugxilwe nasekuvuse­ni umnotho wasemaloki­shini.

“Izwe kufanele lihlele kabusha umkhakha womhlaba wokuthengi­sela, kwehliswe nerenti ukuze osomabhizi­nisi abancane bakwazi ukungena kulo mkhakha. Sesifikile isikhathi sokuthi kube nemithetho ezwelana nosomabhiz­inisi abancane. Sidinga uhulumeni, amabhange nabatshali­zimali abazimele baxhase osomabhizi­nisi abancane ngemali ezobasiza ukuthi basebenzis­e ubuchwephe­she besimanje ukuthuthuk­isa izinkampan­i zabo,” kusho uMazwai esitatimen­deni.

Uthe kube nohlelo lokubonele­la osomabhizi­nisi abancane uma benza kahle emkhakheni ehlukene.

Uveze ukuthi u-92% wamabhizin­isi amancane akuthola kunzima ukusebenza.

Uthe ucwaningo luthi abantu abawu423 500 abaqashwe wosomabhiz­inisi abancane bazophelel­wa wumsebenzi ngenxa yeCovid-19.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa