Isolezwe

Ukuba wumsakazi wakuthanda emncane

- NOKUBONGWA PHENYANE

KWAMUSIZA ukuthi aqale ngokuba yintatheli yize wayethanda kakhulu ukuba ngumsakazi uMusawenko­si Mbonambi. Lo msakazi owaziwa ngoMsajero, The Ice-breaker uthi yize ubuntathel­i nokuba ngumsakazi kusemkhakh­eni owodwa, kepha yena wayethanda kakhulu ukuba ngumsakazi kanokuba yintatheli yephephand­aba.

Le nsizwa engene kwezokusak­aza ngo2008, nesizakhel­e igama emsakazwen­i Izwi LoMzansi 98.0 FM, izalelwe eMshazi, KwaNgcolos­i.

UMusawenko­si waqeda umatric ngo-1998 eMyeka High, eMaphephet­heni, uthi akabanga nayo inhlanhla yokuqhubek­a nemfundo ephakeme kodwa umsakazo iyona ayeyithand­a.

“Abantu abasha abanothand­o lomsakazo baye bacabange ukuthi kulula ukusakaza kanti akunjalo. Kumele ufunde ube neziqu ezithile. Ngenxa yesimo sasekhaya angikwazan­ga ukufunda kabanzi ngomsakazo. Eminyakeni edlule ngafundela iCommunica­tion Science e-UNISA nakhona ngangaqeda.Ngagcina ngokuthi ngenze itoho ngibhalela amaphephan­daba ahlukene,” kuchaza uMusawenko­si.

Wagcina engenile kwezokusak­aza ngenxa yokuzisond­eza nabasakazi abadumile wahlangana noVela Xulu osebenza kwiZwi LoMzansi FM , lapho esebenza khona uMsajero.

“Ngafunda izindaba ngiqeqeshw­a abantu okukhona kubo uNduku Masango, Sifiso Sibisi noVela okumanje ngisabambi­sene nabo. Emsakazwen­i Izwi LoMzansi ziningi izinhlelo esengike ngazenza kodwa uhlelo engingathi lwaba lukhulu ngokulalew­a oluthi The Rare Midnight Xperience engangilwe­nza ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu ngo-2013 kuze kube u-2014. Manje ngenza uhlelo olukhula zikhathi zonke olungena kabili ngesonto ngoLwesihl­anu nangeSonto ngo-3.00 kuya ku-6.00 ekuseni, iMusothera­py enesiqubul­o esithi “Your Different Weekend Radio Template,” kuchaza yena.

UMsajero uthi ezinye izinto aseke wazijabule­la ukucishe angene emsakazwen­i Igagasi FM ngesikhath­i kwakufunek­a umsakazi. Uthi ukusakaza nabantu abanjengoZ­ookey Zarling, Mzokoloko noVusi Letsoalo kwasho lukhulu kuyena. Uthe ukungaphum­eleli akumenzang­a alahle ithemba. Uveze ukuthi ufisa ukuzibona ekhula kwezokusak­aza esebenzela imisakazo emikhulu enjengeMet­ro FM, Radio 2000 noKhozi FM.

Ufisa ukushintsh­a umqondo wentsha ecabanga ukuthi imisakazo yemiphakat­hi igqilaza abantu abasha.

Uma ungumsakaz­i ufuna ukuzibona kulengosi ungathumel­a i-email ku-nokubongwa.phenyane@inl. co.za

 ??  ?? UNEPHUPHO lokusiza intsha iwubuke ngelinye iso imisakazo yomphakath­i edume ngokuthi idlala ngentsha uMusawenko­si Mbonambi, ongumsakaz­i wesiteshi Izwi LoMzansi
UNEPHUPHO lokusiza intsha iwubuke ngelinye iso imisakazo yomphakath­i edume ngokuthi idlala ngentsha uMusawenko­si Mbonambi, ongumsakaz­i wesiteshi Izwi LoMzansi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa