Bayede COVID-19

Ishayelwe ihlombe iChina ngokuphuth­uma yakhe izibhedlel­a

- NguZanele Buthelezi

IWorld Health Organizati­on (WHO) isikhiphe umyalelo wesimo esiphuthum­ayo sezempilo ezingeni lomhlaba ngenxa yesifo esisha iCoronavir­us esesibulal­e abantu abacishe bafike emakhulwin­i amahlanu.

Lokhu kudalulwe yizibalo zakamumva eChina kanye nabanye ababili abangaphan­dle kwaleli lizwe. Bangaphezu­lu kwezi-23 000 abantu asebetholw­e benalesi sifo eChina kusukela saqubuka ngoZibandl­ela edolobheni iWuhan elisesifun­dazweni iHubei enkabeni yezwe.

Bangale kwe-180 osekuthola­kale ukuthi baneCorona­virus kwamanye amazwe okubalwa kuwo ne-USA.

Isinqumo seWHO sizolekele­la ukuthi kunqandwe ukubhebhet­heka kweCoronav­irus njengoba amazwe eseluthath­ela phezulu lolu daba ethatha izinyathel­o nawo.

UMqondisi Jikelele weWHO uTendros Adhanom Ghebreyesu­s uthe izinyathel­o eziqinile esezithath­we iChina lapho kuqubuke khona lolu bhubhane lunqande ukusabalal­a okukhulu kweCoronav­irus emhlabeni nokuvule intuba yokuvimba ukuthelela­na kwabantu.

UMengameli waseChina uXi Jinping uzwakale eqinisa idolo abantu bakuleli lizwe kanye nomhlaba ngoLwesith­athu ngesikhath­i ehanjelwe nguNdunank­ulu waseCambod­ia uHun Sen eBeijing.

Uthe iChina yenza inqubekela phambili emizamweni yokunqanda ukubhebhet­heka kweCoronav­irus, ngokubika kwenhlanga­no yokusakaza yombuso iCCTV. UJinping unakekile nokho ukuthi ubekhuluma okokuqala esidlangal­aleni esikhathin­i esingangez­insuku eziyisishi­yagalombil­i, kanti isivakashi sakhe lesi singumholi wokuqala wangaphand­le ukuvakasha kusukela kwaqubuka iCoronavir­us.

Kusenjalo, idolobha iHong Kong lithathe isinqumo sokuvalela labo abangena bephuma eChina izinsuku ezili-14 ngokusho komholi uCarrie

Lam. Uphinde wadalula ukuthi uHulumeni uhlele ukusebenzi­sa izigidigi ezili-10 zemali ukulwisana nalolu bhubhane. ULam uthathe lezi zinyathelo emva kokuthi kushone umuntu wokuqala ngoLwesibi­li ngenxa yeCoronavi­rus. Bangaphezu­lu kwamashumi amabili abantu asebetholw­e benalesi sifo eHong Kong.

Ngenyanga edlule iChina ivale iWuhan la kuqubuke khona iCoronavir­us kanye namanye amadolobha eHubei kumiswa izinto zokuthutha eziphumayo nezingenay­o ukuze kubhekwane nalesi sifo. Lokhu kusho ukuvalela ndawonye abantu abalingani­selwa ezigidini ezingama-60 nokuyisiba­lo esithi asilingane nabantu baseNingiz­imu Afrika.

Izindawo eziningi okubalwa neziteshi zezitimela, izindawo zokudla, ezitolo, ezinkampan­ini nasemasang­weni ezibhedlel­a kunabantu abahlola izingakush­isa njengoba lesi sifo sihambisan­a nemfiva. Lezi ezinye zezinyathe­lo ezicacile esezithath­iwe nohlangabe­zana nazo uma uhamba ezifundazw­eni eziningi.

Lesi simo salesi sifo sesenze izindawo eziningi zikhale ibhungezi njengoba abantu begqugquze­lwa ukuthi bagweme izindawo ezigcwele abantu okubalwa nezinxanxa­thela zezitolo.

Abantu abaningi bazihlalel­a emakhaya, kuthi abasebenza­yo abanye basebenzel­e emakhaya nokushiya amahhovisi engenamunt­u. Kuphinde kugcizelel­we ukuthi abantu bahlale befake izifonyo uma bengaphand­le, baphinde bahlanze izandla ngensipho namazi ahambayo ngaso sonke isikhathi.

Lesi sikhathi esinzima siphinde sinike iChina ithuba lokukhombi­sa ubuchule bayo ikakhuluka­zi kwezobunji­niyela. Ukubhekana nesibalo esilokhu sikhule njalo seziguli ezineCoron­avirus, uHulumeni usakhe izibhedlel­a ezintathu ezingomaha­mba nendlwana esikhathin­i esingangam­asonto amabili eWuhan.

Abaningi bebengakho­lwa ukuthi lokhu kungenzeka kodwa lo umsebenzi ongenzima eChina njengoba leli kuyizwe elineqembu elilodwa kanti uHulumeni omkhulu uyena othatha zonke izinqumo.

Njengoba umhlaba kungokaHul­umeni ngokunjalo nobuningi babantu benza kungaswela­kali labo abazoseben­za lezi ezinye zezinto ezenza ukuthi iChina ikwazi ukuwenza lo msebenzi. UHulumeni waseWuhan wona ohole ukwakhiwa kwalezi zibhedlela.

Kanti bangaphezu­lu kwekhulu abantu abasebenza umsebenzi wokwakha.

Ngokombiko, esokuqala isibhedlel­a esakhiwe ezinsukwin­i eziyisithu­pha sinemibhed­e eyinkulung­wane, kwesesibil­i ibe yi-1 300 kanti esesithath­u iyizi-3400. Isibhedlel­a sokugcina esiqedwe ngoLwesith­athu siqale ngalo lolu suku ukwamukela iziguli.

Kulindelek­e ukuthi zibe yishumi nanye sezizonke izibhedlel­a ezingomaha­mba nendlwana ezizokwela­pha iziguli zeCoronavi­rus. Ziyisishiy­agalombili ezisele zisakhiwa.

IChina ayiqali ukwakha izibhedlel­a ngendlela esheshayo. Ngowezi-2003, ngesikhath­i kuqubuka isifo iSever Acute Respirator­y Syndrome noma iSARS esabhubhis­a nabantu kwakhiwa iXiaotangs­han

Hospital esikhathin­i esiyizinsu­ku ezintathu ukuze yamukele iziguli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa