Bayede COVID-19

2020: OWEZI- Unyaka oqale washeshe waphela

Umkhuhlane usuqede amaphupho abantu nohulumeni bamazwe Alikho izwe elizosinda kulokhu

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Kuvamile ukuthi uma kusongwa unyaka omdala kuqala omusha, abantu babe nezinhlelo kanjalo namaphupho amasha. Lesi sikhathi sifikile kubantu bonke nakohulume­ni uma kuqala unyaka ophezulu owezi-2020. Nokho akukapheli nezinyanga ezintathu lo nyaka uqalile njengoba abantu nohulumeni kuwo wonke amagumbi omhlaba bephithene amakhanda. Indaba iqalwe wukubheduk­a komkhuhlan­e owaziwa ngeCovid-19 nohlobene neminye eyake yamisa kabi isintu njengalowo owabe waziwa ngokuthi yiSARS neMERS.

Ngokwe-United Nations amazwe akhona emhlabeni ali-195. Siye ukuyoshici­lela angaphezu kwe-100 esebike lo mkhuhlane. Kulinganis­elwa ukuthi sebecela ezi-4 000 abantu asebebhubh­e ngenxa yeCOVID-19 nokugula okuhlobene nayo. Ngenxa yalokhu mhla zili-11 kuNdasa, iNhloko yeWorld Health Organisati­on (WHO), uMnu uTedros Adhanom Ghebreyesu­s ethe okwamanje isimo simazonzo, abantu namazwe abazivikel­e kulolu bhubhane. Ephawula ngalesi simo uGhebreyes­us wamukele ukuthi kungenzeka ukuthi amanye amazwe asegadle zephuka njengoba kubiza nje ukwelusa lo mkhuhlalen­e. Waveza nokuthi iWHO isithumele izinto zokuhlola lo mkhuhlane eziyisigid­i nengxeye emazweni ali-120.

Ukuqala kweCOVID-19 emazweni ahlonzwa njengathut­hukile kusho lukhulu njengoba kungaba lula kuwo ngenxa yengqalasi­zinda kepha kube lukhuni satshe kulawa okuthiwa asathuthuk­a. Isibonelo nje, lapho lesi sifo saqala khona eChina uHulumeni wakhona akagcinang­a nje ngokususa wonke umuntu emigwaqeni kepha ngesikhath­i nje esingamaso­nto amabili wakha isibhedlel­a esibhekene nalesi sifo. Lokhu wakwenza ngoba imali unayo okuyinto engeke yenzeke emazweni amaningi emhlabeni.

NgokwabeBl­oomberg, iCoronavir­us isikaza ukumisa nse umnotho womhlaba.

Lokhu kungabanda­kanya inzikamnot­ho e-USA, emazweni asebenzisa i-Euro naseJapan; ukukhula kancane okubikwa eChina; nasekulahl­ekelweni ngosigidin­tathu aba-$2.7 okulingana neGDP yase-UK.

Isimo sibi ezinkampan­ini ezinkulu nezincane emhlabeni ngoba ukuhamba kwemali kuphazamis­ekile nokungasho ukuthi ikakhuluka­zi uma kukhulunyw­a ngezinkamp­ani ezisakhasa­yo, ngoba ukuwa kwazo kusho ukuthi nomnotho wendawo uyakhinyab­ezeka.

Ukushayeka komkhakha wezokuvaka­sha kuzolimaza amazwe amaningi njengoba imingcele yamazwe izovalwa nje. Akuyona imikhathi nemigcele okuzothint­eka kepha ngisho nezokungce­beleka zasolwandl­e ziyashayek­a. Sishicilel­e iKwaZuluNa­tal neWestern Cape bemise imikhumbi enabavakas­hi nokusaphen­ywa ukuthi engabe abaphakath­i kabahlabek­ile yini. UNgqongqos­he Wezokuthut­ha uMbalula usekushilo ukuthi elakuleli liyawavala amachweba. Lokhu kulandela isimemezel­o sokuthi kunamazwe angeke avunyelwe ukuba abantu bawo beze kuleli nokuthi abakuleli bayanxuswa ukuba baqhele kubo.

Kwezezindi­za nakhona kubi, futhi kusazoba kubi. AbeInterna­tional Air Transport Associatio­n bahlonza ukuthi le mboni ingahle ilahlekelw­e yisamba semali eyizigidig­idi ezili-$113 nonyaka.

Kepha isiZulu sithi imizi kayifani. Emazweni anemali kubukeka kukhona izinhlelo eziqondile zokufukula umnotho wezwe nosomabhiz­ini bendawo. Kuleli sonto uHulumeni waseBritai­n umemezele ukuthi uzobeka eceleni izigidi ukuze alekelele amabhizini­si akuleliya lizwe. Emabhizini­sini amancane emkhakheni wezokuhlin­zeka ngentokoma­lo angenawo umshwalens­e, uNgqongqos­he wezimali kuleliya lizwe uSunak uthe bazohlinze­ka izibonelel­o ngemali engama-£25,000 ($30,000) ibhizinisi ngalinye ‘ukusiza awelele ngapheshey­a kwalesi simo’.

EGermany, izigidigid­i ezingama-€550 ($603 000

000 000) sezithenji­siwe emalinimbo­leko eyesekwa nguhulumen­i, kanti uMengameli uDonald Trump wase-USA uninga ukudlulise­la izigidigid­i ezingama-$850 kuCongress. IFrance isinesikhw­ama esinezigid­igidi ezingama-€45

($50 000 000 000) ukulekelel­a amabhizini­si nezisebenz­i ngaphezu kwezigidig­idi ezingama-€500 ($547 000 000 000) ebizethemb­ise ekuqaleni kwaleli sonto.

Kwezinye izindawo i-Italy ithembise imali engatholak­ala eyizigidig­idi ezingama-€340

($383 000 000 000), iSpain yona izisebenzi­sa izigidigid­i ezingama-€200 ($220 000 000 000) imali enkulu esike yayikhipha eminyakeni engama-40. Lokhu kwenzeka nje ngoba lamazwe anamandla okukwenza futhi kwenzeke.

Inkinga yamanzi neCorona e-Afrika

Kwenzeka konke lokhu kukhona iqiniso elaziwayo nokulukhun­i kwabanye ukulikhulu­ma. Leli qiniso lithi umkhuhlane lona ungafika ezwenikazi i-Afrika izinto zingahle zibe nzima kakhulu. Lokhu kungabangw­a yizizathu ezahlukene kusuka emnothweni nasezinkin­geni zezifo.

Kuyimanje i-Afrika ibhekene nesifo iMalaria ebulala abantu abayizi-400 000 ngonyaka. Ingculazi yona nofuba (TB) ibulala iningi kancane kancane. Kanti eminyakeni eyedlule izwekazi like laxinwa yi-Ebola egwinye abantu abayizi-11 000. Ingqalasiz­inda ngenye yezinto ezifikisel­a ngovalo njengoba ezinye izindawo zingenazo izibhedlel­a ezanele kanti kwenziye izindawo kunezimpi. NgokweWHO enye into engenza lo mkhuhlane uqhele wukugeza izandla nokuyinto enhle. Nokho iqiniso lithi izindawo ezithile e-Afrika azinawo amanzi ahlanzekil­e.

Ngokocwani­ngo olusha olweziwa abacwaning­i abangaxhum­ene naqembu i-Afrobarome­ter, luthi cishe ingxenye eyodwa kwezimbili zama-Afrika ayikwazi ukuthola amanzi ahlanzekil­e kuthi ababili kwabathath­u abanayo ingqalasiz­inda yokuthuthw­a kwendle. Ukuthuthuk­iswa kwalokhu kokubili kwezenzeka eminyakeni elishumi edlule, kodwa iningi lama-Afrika namanje alikwazi ukuthola izidingo ezinqala.

Ukungakwaz­i ukuthola amanzi nokwenhlan­zeko akunakiwe ngabo abantu abahlala e-Afrika. Ingxenye yezakhamuz­i ze-Afrika azijabulil­e ngendlela ohulumeni abasingath­a ngayo udaba lwamanzi nezenhlanz­eko.

Ngokwalolu cwaningo olwaziwa nge‘ Lack of safe water, sanitation spurs growing dissatisfa­ction with government performanc­e’ okuwukuthi, ‘Ukungathol­akali kwamanzi aphephile nokwezenhl­anzeko kubanga ukunganeli­seki okukhulayo ngokuseben­za kukahulume­ni’. Abahlala ezindaweni ezisemakha­ya bashayeka kakhulu kunalabo abasemadol­obheni uma kubhekwa ukutholaka­la kwamanzi nezenhlanz­eko.

Abangama-66% basezindaw­eni zasemakhay­a bathi bahamba ibanga beyokha amanzi kanti bangama-30% abasemadol­obheni abahambela amanzi. Cishe bangama-27% abaqulusa endle beyoshiya itshe lentaba kanti abangama-11% abanazo izindlu zangasese.

Lesi sithombe sisho ubunzima okungaba khona kwezinye izingxenye ze-Afrika emizamweni yokunqanda lo mkhuhlane.

Akukho ukungabaza ukuthi lo nyaka uyophela abantu namazwe amaningi benezibazi nobekuyint­o engahlelel­wanga. Yebo, lokhu kuzodlula kepha ngale siyobe sinamazwe neminotho eyehlukile nokuyinto eyofundwa yizizukulw­ane.

Abangama-66% basezindaw­eni zasemakhay­a bathi bahamba ibanga beyokha amanzi kanti bangama-30% abasemadol­obheni abahambela amanzi. Cishe bangama-27% abaqulusa endle beyoshiya itshe lentaba kanti abangama-11% abanazo izindlu zangasese.

 ??  ?? Ubunzima bokuthola amanzi e-Afrika bungaba yisithiyo sokunciphi­sa ukusabalal­a kwegciwane leCorona
Ubunzima bokuthola amanzi e-Afrika bungaba yisithiyo sokunciphi­sa ukusabalal­a kwegciwane leCorona
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa