Imboni yamatekisi ikhombise uholo
Ngosuku bathutha abantu abayizigidi ezili-14 okungamaphesenti angama-60 abagibeli kuleli
Bahlale bedelelwa laba bantu, kuthiwe abanandaba nabantu ababalethela amapuleti emizini yabo, okungabagibeli, kodwa banendaba nemali. Kuthiwa baluhlaza, abakwazi ukhuluma nabantu ngendlela enenhlonipho nesizotha. Ngabanikazi nabashayeli bamatekisi laba, abenze into ehehe amehlo omphakathi selokhu kuqalile ukuqubuka kwegciwane iCorona.
Ezikhumulweni zamatekisi, emadolobheni amakhulu, eGoli naseThekwini, bebezibambela mathupha umsebenzi, befutha abagibeli ematekisini ngezivimbelimagciwane. Abanye abagibeli baqale bahlahla amehlo, bengazi ukuthi kwenzekani nokuthi le nto ebiyenziwa yenziwelani.
Izinhlangano zabanikazi bamatekisi, iSouth African National Taxi Association (SANTACO), neNational Taxi Alliance (NTA) kuzwelonke, yizona ebeziphambili kulo mshikashika, zikhombisa ukuthi ziyikhathalele impilo yabagibeli. Abanye bebesaba ukuthi uma bengasukumi bafuthe, bachele, ngeyabo impilo ezoba sengcupheni.
UMnu uBoy Zondi, uSihlalo weSANTACO, KwaZulu-Natal, ube nesineke, echazela abagibeli ngokubaluleka kokuthatha izivimbelimagciwane. Lashona ilanga uNondaba esejuluke esemanzi te, ngenxa yokusiza abagibeli. Ukuqubuka kwalesi sifo kwakhombisa ukuthi amanzi asengena endlini impela, futhi nomlilo ususha ubuhanguhangu.
UMengameli weSANTACO kuZwelonke, uMnu uPhillip Taaibosch, uhlele imihlangano noNgqongqoshe Wezempilo, uDkt uZweli Mkhize, uNgqongqoshe Wezokuthutha, uMnu uFikile Mbalula nosomabhizinisi, ukuthi kucobelelwane ngolwazi nangosizo lokulwa nokubhebhetheka kwaleli gciwane.
UMnu uFrascis Masitsa, uMengameli weNational Taxi Alliance (NTA) kuzwelonke, ukhuthaze ukuthi abagibeli bangahlaliswa baminyane ematekisini, wathi abanikwe nezivalamlomo. Okhulumela le nhlangano uMnu uTheo
Malele, uthe sekukhona uhlelo abalusabalalisayo nolungalekelela .
“Sithi abantu abagweme ngayo yonke indlela ukuthintana. Sesenze umfelandawonye nenkampani ebizwa ngeOn Khwela. Banomsebenzi wokuthi imiphakathi ihlale yazi ngokwenzekayo.
“Sithenge izivimbelimagciwane ezili-15. Sibheke izikhumulo zamatekisi ezili-15. Ilapho sizoqala khona ukunikeza abagibeli bethu nabahlela imigqa ezikhumulweni zamatekisi izivimbelimagciwane,” kusho uMnu uMalele.
UMengameli uCyril Ramaphosa, naye ukugcizelele ukuthi iningi labantu ezweni lisebenzisa izithuthi zomphakathi, ngakho kufanele ngaso sonke isikhathi abagibeli abasebenzisa zona, ukuphepha nokuhlanzeka kwabo kubekwe eqhulwini. Abadayisa ukudla nezithelo ezikhumulweni zamatekisi, abahlela imigqa emarenki, abashayeli nabasizi babo, belulekiwe ngokuba semqoka kokuzivikela kuleli gciwane.
Namabhasi omasipala emadolobheni amakhulu ayabanika abagibeli bawo izivimbelimagciwane noma kungacaci ukuthi lokhu kuzoqhutshwa isikhathi esingakanani.
Izakhamuzi zakuleli ebeziseChina zitheleke esikhumulweni sezindiza iPolokwane Gateway, eLimpopo, ngoba bekusafanele ziqube khona kuze kube ziyahlonzwa ukuthi azithelelekile yileli gciwane.
Idolobha iCape Town nayo iveze izinhlelo zokuvimba ukubhebhetheka kwaleli gciwane. Ababhekele ukuthutha edolobheni sebenxuse ukuthi abantu abasebenzisa izithuthi zomphakathi bacophelele. Bathi okungcono abantu bangasebenzisa izithuthi zomphakathi uma sesiphelile isiminyaminya emigwaqeni.
Abaphathi bedolobha bathi bazoqhamuka nohlelo olusha lwamakhumbi olwaziwa ngeMyCiTi okuzohlela abantu abagibela izithuthi zomphakathi abasemigqeni. Lokhu kungasiza futhi ekunciphiseni imigqa ezindaweni eziseduze nezikole nezikhungo zemfundo ephakeme.
Ngesikhathi kuqwashiswa abantu ngaleli gciwane esibhedlela iNorthdale, eMgungundlovu, ngeledlule, ubuholi besifundazwe batusa abemboni yamatekisi ngengxathu labo ekusizeni abagibeli ekutheni bahlalele kude naleli gciwane. Ukusakazeka kwalo mbulalazwe wegciwane sekufake amanzi emadolweni esizwe sonke. Izinto eziningi zime nse, akusetshenzwa ngedlela eyejwayelekile.
Sithi abantu abagweme ngayo yonke indlela ukuthintana. Sesenze umfelandawonye nenkampani ebizwa nge-On Khwela. Banomsebenzi wokuthi imiphakathi ihlale yazi ngokwenzekayo.