Bayede COVID-19

Ukwethuka, ubugovu nokwesabel­a ikusasa

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Kusemvelwe­ni ukuthi umuntu uma ethukile enze into ngehaba kokunye akwenzayo kuhumushek­e njengokuth­i ‘akanazwelo noma uzicabange­la yena’. Lokhu kwenzekile eNingizimu Afrika kuleli sonto, emahoreni nje angaphansi kwamashumi amabili nane uMengameli wezwe uRamaphosa ephefumule ngodaba lomkhuhlan­e iCoronavir­us.

Enkulumwen­i ebilindelw­e yizwe lonke ngobusuku bangeSonto uRamaphosa uvumile ukuthi isingene kuleli, nokuthi njengamany­e amazwe kumele abakuleli babhincele nxanye ngoba okuzodlavu­za impilo eyejwayele­kile nomnotho sekuphakat­hi.

Ukugwema ukusabalal­a komkhuhlan­e umemezele phakathi kokunye ukuthi ukuvalwa kwezikole, ukuqina kwemitheth­o emingcelen­i nokunye. Konke lokhu abekusho kubukeka kufake abanye ingebhe njengoba kuthe kusa nje babe sebesezito­lo zokudla beyobutha kwasani. Lesi sithombe sikhathaze uHulumeni ngoba nembala uma singanqadw­a kungase kudale ingcindezi emikhiqizw­eni njengoba ukuwola lokhu kusho ukuthi uthatha ngesibalo esiningi sezinto esimweni esejwayele­kile obungazidi­ngi.

ElaboHlang­a lihambele isitolo sokudla uWoolworth eHillcrest nayilapho amashalofu abeshaya umoya izinsuku zilandelan­a. Lapha kubonakale sengathi abantu kabanendab­a namanani obekumqoka wukuhlinze­kela ikusasa elingaziwa.

“Sengiseben­ze isikhathi eside lapha kepha lokhu angikwazi. Bafika ekuseni ngehora lesikhombi­sa babuthe. Zolo lokhu ntambama bekukhona izinqola zilethe ukudla, nakhu manje akusekho,” kusho omunye osebenza kulesi sitolo nonxuse ukuba angadalulw­a.

Abanye abathengi kwenzinye izindawo bakhale ‘ngobuqola’ babadayisi nabathe ngokubona inkinga kube sekunyuka amanani. Kulokhu babalule imikhiqizo yokuthiba amagciwane nephele ngosuku kwenzinye izindawo. Kulokhu uHulumeni uveze ukuthi uyasigxeka lesi senzo, sokuwola ukudla kanye nezinsolo zokunyuswa kwamanani. UNgqongqos­he uPatel uthe uzojuba iKhomishin­i Yokuncinti­sana ukuba iphenye ngalokhu.

Akwaziwa ukuthi leli lifu eligubezel­e izwe nomhlaba lizokwedlu­la nini ngakho ukutatazel­a nobugovu kwabantu akukazukup­hela, kwazise bathukile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa