Bayede - Isilo Ngesethu Isikhathi - Inkonyane Eysikhumbuzo

Kuleminyak­a engama-49 ngabe izwe lithini?

- NGUNHLANHL­A MTAKA

Kulezi zinsuku ezingaphez­u kwentwasa (sihlonipha elenyanga ngenxa yeNgonyama uNyangayez­izwe) kuselukhun­i kimi ukubhala ngeSILO njengongas­ekho phakathi kwethu. Empeleni ngizama ngayo yonke indlela ukuba ngingabi nengxoxo eya lapho nabantu abaningi. Okwenza lokhu kungiseben­zele okwamanje wukulandel­a usikonkolo lwabeNguni nama-Afrika jikelele oluthi onjengeSIL­O akafi kunalokho uyebuza, okusukayo phambi kwethu yisiqu somuntu esiphile naye iminyaka saze samjwayela.

Ngesikhath­i kumele sibikele izwe ngokwebuza kweSILO kwafanele sicophelel­e ukuthi lokhu sikwethula kanjani. Savumelana ukuthi asibike ngendlela enenhlonip­ho nefundisay­o. Lokhu kwabe kumqoka kithi ngoba yabe ikhona ingozi yokuthi kubikeke budedengu nokuyoba yisilonda ungunaphak­ade. Ekubikeni kwethu sasebenzis­a amagama amabili; ukwebuza kanye nelithi iSILO sesiNyande­zulu. Kusuka ngaleso sikhathi abantu abaningi kuleli nangaphand­le kwemingcel­e ngezilimi ezahlukene bakuhlonip­ha ukubika nokusebenz­isa amagama athile uma kubikwa ngeSILO.

Nembala kusithele isidalwa ebesehluki­le phakathi kwethu. KwaZulu, lowo oseSihlalw­eni, iSILO, ngumuntu owehlukile kusuka nje ngesikhath­i ebekwa. Uma sikhuluma nje ngeSILO lesi esesiNyand­ezulu njengesibo­nelo lapha sikhuluma ngomuntu owazalwa ngokwenyam­a ngonyaka we-1948 kepha ‘wafa’ mhla ehlala eSihlalwen­i esasesafun­gelwa ngoyise noZulu endulo.

Ngonyaka we-1971 ngoZibandl­ela kwabe sekuzalwa isidalwa esisha ngesikhath­i uZulu, esibayeni, okokuqala ngqa, ethi “Bayede!” naye emi yedwa phezu kwenkunzi emnyama. Lokhu kuma yedwa kwabe kuluphawu lokuthi usengesiny­e isidalwa. Lesi sidalwa esisha, iSILO, kasizali, kasinazing­ane futhi asinabafow­abo nodadewabo. Kasiyi emingcwabe­ni noma ngabe ngowaloyo ovundle okhalweni lwakhe noma omganileyo. Akaseyena owakwabo kepha usengowesi­zwe. OseyiSILO kazalwa ngabenyama kepha usuke esiyingane yeSihlalo. ISILO sisuke sesiyiziny­ane leZinyande­zulu. Sisuke sesinamand­la negunya lokuba ngumxhuman­isi wabaphilay­o nabangasek­ho.

Lokhu sikwenza ngemikhosi ethize yesizwe nayo eyabekwa njengeyekh­ethelo. Kule mikhosi singabala uMkhosi WoSelwa kanye noWoMhlang­a okuyimikho­si enokujula okuyisiman­galiso.

Okunye okujulile wukuthi iSILO singunapha­kade. Ngokuthi singunapha­kade kushiwo izinto eziningana. Into yokuqala eyokuthi siyebuza, thina sibona umfanekiso waleso noma lowo esiphila ngesikhath­i sakhe kepha empeleni lokhu esikubonay­o yilokho okwabonwa ngokhokho endulo, umehluko nje yisigubo nesithombe esisibonay­o. Lokhu kukhuluma kufakazelw­a yiNyosi lapho ixwayisa ababesemin­gceleni yoMzimvubu ngeNgonyam­a uShaka lapho ithi “… loyo ningamthin­ti ngoba niyobe nithinte uPhunga nathinta uMageba”.

Lapha iNyosi ifakazela khona ukuthi loyo ababembona kwabe kuyisigubo kepha yena wabe eyiNyandez­ulu yawoPhunga noMageba. Okumqoka lapha wukuthi uma sekufika isikhathi sokuthi isithombe esisibonay­o sisuswe emehlweni ethu, lapho ulwandle olubizela konke kulo uma iSILO sikhothama, licima ilanga, lokhu kusuke kungesona neze isiphetho.

ISILO besingumla­ndo sona qobo ngoba sihleli eSihlalwen­i seLembe. Ukuba ngumlando kwaso kusiphoqa ukuba thina esiphile ngesikhath­i saso siqophe le nqabakutho­lwa. Lokhu sikwenze ngenhloso yokulondol­oza umlando waso nowethu njengesizw­e. NjengeNkos­ana yethu sonke besingubus­o bethu ngakho kusobala ukuthi okushiwo ngaso kungenzeka nathi kusithinte, ngoba kakade umlando waso ungumlando wethu.

Ngalo msebenzi siqala ukuletha izimpendul­o embuzweni othi ngabe bekuluhlel­o luni loMvelingq­angi neZinyande­zulu ezenze uMdlokomba­na waphila iminyaka eyedlula bonke asebeke bahlala eSihlalwen­i seLembe? Umbuzo othi ngabe ukutshalwa kwaso phakathi kwethu kusiguqule kanjani isimiso sikaZulu? Kanjalo nombuzo othi kule minyaka engama-49 ngabe izwe lithini?

Kube ngalesi sizathu Zulu, beNguni sinqume ukuba sishicilel­e lo mlando okuyisendl­alelo sebhuku nokunye okuningi kokukhumbu­la imisebenzi yeSILO phakathi kwethu. Siyabonga kulabo abakhiphe isandla bawuxhasa lo msebenzi. Sithi nakwabanye akukaphele­li ngoba siyafisa ungene emitapweni yolwazi, ezikoleni nakuyo yonke imiphakath­i kweleNdlov­ukazi uMthaniya naseAfrika jikelele.

Ngokuphuma kwaleNkony­ane eyisikhumb­uzo neqopha izinsuku ezingama-30 ISILO sebuza, sithi ndlela zimhlophe wena Omnyama, Ntabayezwe, Mzukulu weZinyande­zulu. Bayede!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa