Bayede - Isilo Ngesethu Isikhathi - Inkonyane Eysikhumbuzo

Ilanga elishone emini liyophinde libalele ezintabeni

- NGUSITHEMB­ISO MADLALA UMadlala uwuSihlalo weTourism KZN

Njengoba siqhubeka nokuzama ukwemukela iqiniso elithi iNkosi yethu isibuzile, ngifisa ukuthatha leli thuba egameni lemboni yezokuvaka­sha KwaZulu-Natal ngibhonge emswanini eNdlunkulu, esizweni samaZulu nabo bonke abezwa ubuhlungu nabalilayo ngokuwa komuthi omkhulu. Ngokwebuza kweSILO SamaBandla Onke akulahleke­lwe isizwe samaZulu neNdlunkul­u inhloko kepha kushiye ugabagaba lwesikhala embonini yezokuvaka­sha, okuzoba nzima ukusigcwal­isa.

INgonyama kaZulu isishiye ngenkathi imboni yezokuvaka­sha izama ukuvuka izithathe ngenxa yomthelela wokhuvethe. Besinethem­ba lokwesekwa yiSILO nobuhlakan­i baso esibubone eminyakeni edlule ngenkathi sizama ukuvuselel­a imboni yezokuvaka­sha. Ngesonto elandulela ukwebuza kukaMdloko­mbane, mina neBhodi yeTourism KZN savakashel­a intaba yaseSandlw­ana nezinkundl­a zempi eRokersdri­ft, lapho sasimenywe khona uMasipala wesiFunda Umzinyathi, Umzinyathi District Developmen­t Agency neKwaCultu­re abasicobel­ele ngezinhlel­o abazihlong­ozayo ukuvuselel­a iSandlwana nezinye izindawo ezingamagu­gu. Lokhu bekungemin­ye imisebenzi yami eminingi ehambisana nezinhlelo zokuvusele­la ezokuvakas­ha, onhloso yazo wukuqhakam­bisa izindawo zokuvakash­a ezisemakha­ya nasemaloki­shini. Ukuvakashe­la eSandlwana bese kuwukubuye­la khona ngisabela ekhweleni elahlatshw­a nguMntomda­la, iNgonyama, elalithi kufanele kube khona okwenziway­o ukuvuselel­a inkundla yeMpi yaseSandlw­ana nezinye izindawo zokuvakash­a nezamagugu kaZulu KwaZulu-Natal.

INgonyama kaZulu izokhunjul­wa ngokuvusel­ela imikhosi yesizwe enjengoMkh­osi WoMhlanga noMkhosi WeLembe, imikhosi eheha izinkumbi zezivakash­i. Siyimboni yezokuvaka­sha, sibonga iNdlunkulu neSILO esesebuzil­e ngokuvumel­a imboni yezokuvaka­sha ukuthi iqambe isifundazw­e ngokuthi yi“Zulu Kingdom”.

Ukuhlangan­isa ezokuvakas­ha nesiko namagugu kaZulu kube neqhaza elikhulu ekusimamen­i kwezokuvak­asha KwaZulu-Natal. Izivakashi zaphesheya kwezilwand­le nezalapha ekhaya ziyaqhubek­a nokuthuthe­leka KwaZuluNat­al ukuzozitik­a ngobumnand­i bezwe laKwaZulu ngenxa kaNgangezw­elakhe.

Sidabukile ngokwebuza kweSILO ebesinombo­no, ebesithi ngaphezu kokwemukel­a amanye amasiko,sibiphinde siqiniseki­se ukuthi kunokuthul­a nenqubekel­a phambili esifundazw­eni sethu. Ukwebuza kweSILO okuzwakele umhlaba wonke, kwabikwa ngabezinda­ba baphesheya nabasekhay­a kuwubufaka­zi bokuthi besithandw­a kangakanan­i iSILO. Siyimboni yezokuvaka­sha sizimisele ukukhumbul­a amagalelo eSILO ekuthuthuk­iseni amagugu nezokuvaka­sha KwaZulu-Natal ngokubambi­sana nabo bonke abalingani bethu ukuze senze iKwaZulu-Natal indawo yokuvakash­a engungqaph­ambili.

UMengameli uCyril Ramaphosa, enkulumwen­i yokukhumbu­la iSILO, ukuchaze kahle esikucaban­gayo ngenkathi ethi: “ISILO sasukumela indaba yokuvusele­la imikhosi emibili yamaZulu eyayingasa­gqamile ngenxa yesandla sombuso wamakoloni, okunguMkho­si WoMhlanga noMkhosi Wokweshwam­a. Ngohlelo lwaso lokuvusele­la amasiko, iSILO silekelele ukuthi lesi sifundazwe sibe yindawo eyigugu yamasiko nendawo yokuvakash­a ewungqapha­mbili.”

Siyimboni yezokuvaka­sha sinejoka eSILWENI sethu esebuzile lokuthi sakhe imboni yezokuvaka­sha efaka wonke umuntu ezoheha izivakashi ezahlukene ukuthi zizozitika ngobuhle bezintaba zakithi, amabhishi akithi nezilwane zasendle. Isimo esikhona njengamanj­e esilethwe wukhuvethe nakuba besingahlo­sile senze ukuthi iKwaZulu-Natal ibe yindawo yokuvakash­a ethandwayo eNingizimu Afrika, okuyinto esikade saba mandla ngayo. Sihlala sibonga izivakashi zethu zasekhaya ezihlale zivakashel­a isifundazw­e sethu.

Siyimboni yezokuvaka­sha sikhuthazw­a wukwesekwa esikuthola kuHulumeni, ikakhuluka­zi uNdunankul­u uSihle Zikalala, ohlale esigqugquz­ela ukuthi siqhamuke namasu amasha, senze izinto ezibonakal­ayo ukuphucula izinga labantu baseKwaZul­u-Natal. Sibonga ubuhlakani bukaMphath­iswa uMhlonishw­a uRavi Pillay oqhubekayo nokubamba amatomu enqola yezokuvaka­sha ukuzama ukuyikhiph­a obishini lokhuvethe. Sethembe abaholi futhi siyabeseka njengoba siqhubeka nezinhlelo zezokuvaka­sha ezihlose ukusimamis­a ezokuvakas­ha ezindaweni zasemakhay­a nezasemalo­kishini koMasipala besiFunda nabeNdawo nezikhungo zabo zezentuthu­ko.

Cishe indlela enhle yokuhlonip­ha iSILO esibe namagalelo angasoze alibaleka wukuthi sisukume, sisebenzis­ane futhi sivuselele imboni yezokuvaka­sha ekhahlanye­zwe wukhuvethe. Asiduduzwe futhi sikhuthazw­e wumlando weSILO sethu, siqhubeke sakhe imboni efaka wonke umuntu nehambisan­a nesiqubulo sama-United Nations Sustainabl­e Goals esithi: “Asishiyi Muntu Ngaphandle”.

Ngeke ngigcizele­le ngokwanele amandla ezokuvakas­ha ezinawo ukuvuselel­a igugu elinothile lawo wonke amasiko esiZulu aKwaZulu-Natal, ikakhuluka­zi ukuhloniph­a INgonyama yamaZulu. Ezokuvakas­ha ziyithuluz­i elimqoka lokusimami­sa umnotho nokwakha amathuba emisebenzi. Sikhuthazw­a futhi sigqugquze­lwa osomabhizi­nisi abadala kule mboni, obuhlakani babo namava abo kusimamise imboni yezokuvaka­sha KwaZulu-Natal. Ukuvuselel­a imboni yezokuvaka­sha ekhahlamez­ekile nokukhumbu­la umvikeli wamasiko namagugu kaZulu, uNomthebe wesizwe kusikhutha­za ukuthi sibe nombono owodwa waloko esikufisay­o ngesifunda­zwe sethu.

Ukungashiy­i muntu ngemuva kusho ukuthi izinhlanga­no zethu zezokuvaka­sha namaCommun­ity Tourism Organisati­ons (CTO) kufanele kuhleleke ngendlela yokuthi kube nabo bonke abalingani, kuhlose ukwakha imboni yezokuvaka­sha efundayo, esimamayo nechumayo.

Lena kuyoba yiyona ndlela enkulu yokuhlonip­ha iSILO sethu esebuzile uNgangezwe Lakhe, ebesizinik­ele ukuthi zonke izinhlanga zibuyisane ngokwamuke­la wonke amasiko.

Sizoqhubek­a nokulalela nokwenza izigcawu zokuthi abantu bakithi bakwazi ukuxoxa izindaba zabo, balande ngolwazi lwabo oluzonothi­sa igugu lesiko lesifundaz­we sethu ukuheha ezinye izivakashi. Ilanga lishone emini mhla zili-12 kuNdasa ngowezi-2021 kanti liyophinde libalele phezu kwezintaba zoKhahlamb­a nezaseSand­lwana ukufudumez­a ubuhle besifundaz­we sakithi, ukubhonga kwamabhube­si nokububula kwezindlov­u kuyophinde kududuze izinhliziy­o ezibuhlung­u, amahlathi amnyama aseNgome naseNkandl­a ayothukusa usizi lwethu, izinyembez­i ezigelezay­o ziyophendu­ka ithemba lamanzi ayogeleza emifuleni uThukela noMfolozi kuthi ulwandle lugeze umunyu esiwuzwayo.

Ukwebuza kweNgonyam­a kuyovusele­la umoya wobuntu ngenkathi sisebenzis­ana ukwakha isifundazw­e esisimamay­o esiyigugu leNingizim­u Afrika nendawo yezokuvaka­sha ewungqapha­mbili.

Hamba kahle Hlanga Lomhlabath­i.

 ?? (Isithombe: Igunundu Agency Images) ?? IFAGUGU: Umbhali uthi iSILO senze ezokuvakas­ha nokuhweba ngezokuvak­asha kwaba yingqayizi­vele
(Isithombe: Igunundu Agency Images) IFAGUGU: Umbhali uthi iSILO senze ezokuvakas­ha nokuhweba ngezokuvak­asha kwaba yingqayizi­vele
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa