Bayede - Isilo Ngesethu Isikhathi - Inkonyane Eysikhumbuzo

ISILO sibe ngumuntu woxolo nobumbano

- NGUMEHLULE­LI UJEROME NGWENYA

I-Ingonyama Trust Board, izwakalisa ukudabuka kwayo okukhulu ngokwebuza kweSILO SamaBandla Onke, futhi yena yedwa oyisethenj­wa sohlaka lwesikhwam­a sesizwe okunganyel­we ngaso ubunini bomhlaba wesizwe samaZulu.

Ongangezwe Lakhe, uBhejane Phuma Esiqiwini simbone ethinta izinhliziy­o zabaningi esikhathin­i sakhe njengeSILO esicishe sibe ngamashumi amahlanu. Ube yiNkosi yoxolo, yokubuyisa­na, yokwakha, yokuvikela kanye nentuthuko nenqubekel­a phambili, phakathi kokuningi okungamakh­ono namava akhe.

Ubuholi bakhe evikela ukuzigqaja ngobuzwe balowo nalowo buyazikhul­umela. Kanjalo nokuvikelw­a komhlaba kanye namagugu esizwe. Lokhu esikubalul­a lapha singakutha­tha njengokuny­e obekuseqhu­lwini lefagugu loMdala.

Empilweni yakhe esiyiphile naye usifundise okuningi. Kulokhu singaqhaka­mbisa ukuziphath­a nokwenza ngokwethem­beka, ngobuqotho nenhloniph­o ngaso sonke isikhathi lokhu osuka ujutshwe ukuba ukwenza. Ukuba nesifuba neqiniso ngaso sonke isikhathi ngaphandle kokuthi uze ugqitshwe kuthiwe “lokhu kuphakathi kwethu sobabili” ezinye zezimpawu zobuholi bakhe sinethemba lokwelulel­a kulezi zimpawu, amasu kanye namakhono asihlomise ngawo uMdlokomba­ne, ogwaza amadoda, usodidase inkonyana encance kaNdaba.

Ubunikazi bomhlaba njengesizw­e uBayede ubekusho ekuphindap­hinda ukuthi uyobe usidicilel­e phansi isiziwe sikaPhunga noMageba uma nje eke wavuma ukuba umhlaba weSizwe ucandwe izicucwana umuntu ngamunye ngamunye ahlahlelwe ukuba yingxenye yesizwe ngoba nje kuthiwa usengumnin­i ndawo ozimele. Ongangezwe Lakhe ubekuqonda kahle ukuba umuntu abe nesabelo sakhe somhlaba noma yikuphi lapho efisa khona. Lokhu akusho akwehlukan­ise futhi kucandwe lokho okungumfel­andawonye wefa lesizwe. Leli lifa lenhlabath­i liloku lesukela ekufikeni kweSizwe samaZulu eminyakeni eqala ezinkulung­waneni ezimbili, bengakaphu­shwa nokuphushw­a abelungu kuleli.

ISILO besiqonda kahle impilo yalabo abaqhamuka ngale kolwandle uma kukhulunyw­a ngenhlabat­hi.

Futhi siqonda kangcono isakhiwo sezomnotho nangokulan­delwa ngendlela yobukhephi­thali. ISILO besilibeka ngemgaba elokuthi kunobungoz­i obukhulu ukuthi wenze into ngaphansi kwengcinde­zi ngoba wesaba ukuthi usadla ngohlobo oludala. Ikhaya nomndeni yizingxabo zomndeni, nomphakath­i nesizwe. Ngakho-ke ukulahleke­lwa yikhaya noma umuzi, ngenxa yezikwelet­u bekuyinto ebihlala isikhathaz­a kakhulu iSILO. Ngaloku-ke iSILO sajuba

Ibhodi le-Ingonyama Trust ukuthi licwaninge onke amasu okwelekele­la isizwe ukuthola imali yokuthuthu­kisa imizi yabo ngaphandle kokuzifaka ebungozini yokulahlek­elwa amakhaya abo.

Ibhodi le-Ingonyama Trust ukulandela isifiso zoMdala ligcine likwazile ukuxoxisan­a lavumelana namabhange ukuthi izindlalif­a zomhlaba wesizwe samaZulu zikwazi ukuthi zibolekwe imali yokwakha noma ukuthenga imizi emhlabeni weNgonyama, sibhula lapha nje isivumelwa­no sokuqala salolu hlobo yileso esiphakath­i kwe-Ingonyama Trust Board (ITB) kanye neRand Merchant Bank (RMB) engaphansi kweFirst National Bank (FNB). Imininingw­ane yokusebenz­a kwalesi sivumelwan­o iyatholaka­la emahhovisi e-ITB.

Inselelo esalele i-ITB ukuqhuba livikele ifagugu leSILO ngayo yonke indlela esemthethw­eni ukuqinisek­isa ukuthi umhlaba weSizwe samaZulu uhlala njalo uyifa laso. Kulokhu siyaziboph­ezela njengeBhod­i.

Njengoba bekunajalo izolo sisazoqhub­eka nokuba yiso elibheke inhlabathi ngokuthemb­eka kakhulu nengoba Omdala enbgasekho. Izeluleko zakhe kanalo nezexwayis­o ziyoba ngumhlahla­ndlela.

Kuye sifundile futhi saxwayisa ngengozi esingazifa­ka kuyo manxa singabumbe­ne. Besisho njalo ukuthi eyesongo ayiphumi ekhaya iyolwa ngoba kayibuyi iphela empini.

Usidonse ngendlebe ngobumqoka beSihlalo, aMakhosi nesizwe nathi lokhu kungumzimb­a munye.

Sisele ne siyazi ukuthi ngaphandle komunye kasilutho. Siyazi ukuthi ngaphandle kwenhlbath­i kasilutho.

Okunye ebesikwazi nobekuyisi­fiso seSILO wukuthuthu­kiswa kwamakhono entsha nabesifaza­ne kakhulukaz­i ezindaweni zasemakhay­a. OMdala wasijuba ukuba sibe nesikhwama nayilapho saxhasa khona abafundi abathile. Lokhu siyoqinise­kisa ukuthi kuyavezeka ngoba njengeSILO siyakholwa ukuthi intuthuko emakhaya incike kakhulu kumakhono esimanje nokuyiwo angenza umnotho wasemakhay­a ugeleze. Konke lokhu singakwenz­a ngokubambi­sana.

Sishiywe nomlayezo omqoka othi i-Ingonyama Trust ne-Ingonyama

Trust Board zinhlaka zoBukhosi.

Lokhu sikuhumush­a ngokuthi kusho ukuthi kukho konke ukwenza kwethu kumele njalo sivikele isithunzi soBukhosi, sibe ngabavikel­i beSihlalo ngoba esikwelusa­yo yinto yoBukhosi eyalondolo­zwa ngokhokho endulo abanye bazidela.

Ngineqinis­o ukuthi ngikhuluma egameni lamalungu eBhodi kanye nezisebenz­i uma ngithi koMdala besinomhol­i oqotho, ocophelela­yo nonombono.

Emihlangan­weni abeba yingxenye yayo besifunda okusha njalo.

Ngenxa yombono wakhe usishiye sesinezakh­iwo ezingamahh­ovisi kanti futhi usishiye sekunohlel­o oluzothath­a lolu hlaka nemiphakat­hi eyakhele izindawo ezingaphan­si koBukhosi phambili.

Umbuzo ofikayo ngothi engabe sizomhloni­pha ngani uMdlokomba­na, sizokwenza kanjani ukuba nalapho ekhona kweleZinya­ndezulu aziqhenye? Impedulo kulokhu ithi sizohlonip­ha amazwi akhe okugcina ekhuluma nesizwe emcimbini wokukhumbu­la iMpi yaseSandlw­ana.

Lapha Ondala wasixwayis­a ukuthi singalokot­hi sivume ukwephucwa ingubo kaZulu osewalala, ophilayo naloyo osazozalwa.

La magama ayebhekisw­e kithi sonke thina esithi singuZulu nabeNguni nama-Afrika jikelele. Okungaba yichilo uma singeke siwagcine ngesethu isikhathi kanjalo siqiniseki­se ukuthi nezizukulw­ane zethu zenza njalo ukuze igama loMdlokomb­ana njengokhok­ho bakhe lime ungunaphak­ade.

Lala kahle Hlanga Lwezwe! Lala kahle Ngalonde kaGabela! Uwufezile owakho umsebenzi! Uyilwile eyakho impi! Lala ngokuthula SILO somhlaba! Lala Mnguni Omnyama! Lala uphumule!

 ?? Isithombe: Igunundu Agency Images ??
Isithombe: Igunundu Agency Images
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa