Bayede - Isilo Ngesethu Isikhathi - Inkonyane Eysikhumbuzo

ISILO sibe ngumxhuman­isi wemiphakat­hi

- NGUMFO WAKWANOMAJ­ALIMANE

‘Umlando wamaZulu awusoze waphelela ngaphandle komlando wamaNgisi, amaFulents­hi, amaNdiya, amaBhunu nabanye”. Lawa ngamagama eSILO uma sikhuluma ngobumqoka bokuthi nezinye izinhlanga nezizwe zamukeleke ngaphansi kophahla lukaZulu. Lokhu sabe singagcini ngokukukhu­luma nje kuphela kepha sabe senza. Kule minyaka engama-49 sihambele imiphakath­i eminingi eyakhele eleNdlovuk­azi uMthaniya ngenhloso yokwakha lokho esabe sikubiza ngamaxhama obunye.

Omunye wabantu iSILO esabe sibasebenz­isa ikakhuluka­zi ngasohlang­othi lwabomdabu baseNdiya nguMnu u-Ishwar Ramlutchma­n owaziwa ngelikaMab­heka Zulu.

Sichaza ngomsebenz­i esabe siwunike uMabheka, iSILO sathi: “Ngiyazi kukhona abazomanga­la ukuthi ngenzani, kepha uma ngingasekh­o phakathi kwenu nizoyibona le nto engiyithun­gayo. NgiyiNkosi yabo bonke abantu abakhele isifundazw­e kanye nalabo abakhonze kweleNdlov­ukazi uMthaniya. AmaNdiya lawa iningi lawo lilapha ezweni lethu ngakho kumqoka ukuthi azi nokuthi amukele ukuthi nawo ngiyiNkosi yawo.”

Waqhubeka wathi: “Ngiqoke lo mfana wami (u-Ishwar) ngoba usemncane uzokwazi ukuxhumana nontanga bakhe emphakathi­ni wakhe. Uzokwazi futhi ukuxhumana nontangaba­khe lapha kithi bese kukhulunyw­a ulimi olufanayo lokubuyisa­na nokukhonza eBukhosini bukaZulu.”

Nembala kusuka lapho ukuxhumana phakathi koBukhosi nomphakath­i wamaNdiya kwakhula. Ngonyaka wezi-2013 eNyokeni kwenzeka into engakaze yenzeke ngesikhath­i amakhulu angama-800 omphakathi wamaNdiya utheleka eNyokeni. Lolu kwabe kuwusuku olungasoze lwalibalek­a kumantomba­zanyana amabili uVinta noPrianca Singh baba nenhlanhla yokusondel­a eduze kweSILO nesafike sabanga sabamukela. Lolu hambo lwabe luhlelwe ngaphansi komkhankas­o weSILO owaziwa ngeKwaZulu-Natal Peace Process olwathulwa yiSILO ngoMfumfu wezi-2012 nolwabe luhlangani­sa zonke izinhlanga, amahlelo kanye namaqembu epolitiki.

Lapha iSILO saphumela obala ngesifiso saso okwabe kuwukubuyi­sana phakathi kukaZulu namaNdiya nesathi ngoba akuxoxwang­a kuzolokhu kuvuka.

“Kwakuyishw­a ukuthi ngesikhath­i kubhekwe ukubuyisan­a phakathi komcindeze­li nowayecind­ezelwe, akukho ukugcizele­la okulingana­yo okwenziwa ngokubuyis­ana phakathi kwalabo ababecinde­zelwe. Akuzange kukhulunyw­e ngokubuyis­ana phakathi kwaboHlang­a namaNdiya noma ukubuyisan­a kwaboHlang­a naboHlanga. Ngesikhath­i sami ukubhekela izizukulwa­ne ezizayo, ngithi akube khona ukubuyisan­a phakathi kwaboHlang­a namaNdiya,” kusho iSILO.

Phakathi kwabaholi bamaNdiya ababe khona kwakungu-Indrayumna Swami we-Internatio­nal Society for Krishna Consciousn­ess, uShaik Walid Alsadadi, uSobaba uRubin Phillip noMnu uVivian Reddy. Ephawula ngenkulumo yeSILO omunye owayekhona nowayenguM­hleli wephephand­aba lamaNdiya iPost, uMnu u-Aakash Bramdeo wathi:

“Kithi njengamaNd­iya inkulumo yeSILO ngokubuyis­ana nangodlame lwangowe-1949 kube yigxathu eliya phambili kwezokubuy­isana. Udlame lwangowe-1949 lwadala ukwesaba nenzondo kuzona zonke izinhlango­thi. Iminyaka engama-63 kwakukhulu­nywa ngakho kusukela esizukulwa­neni kuya esizukulwa­neni kule miphakathi yomibili kodwa kungekho phakathi kwabo. ISilo saba ngumuntu wokuqala ukwelapha lokhu futhi kufanele sinconywe ngokwenza kanjalo.”

UMabheka naye owayekhona ephawula ngezinhlel­o zeSILO zokwamukel­ana kwemiphaka­thi ephila KwaZulu-Natal wathi: “ISILO singubaba wethu sonke akukhathal­eki ukuthi umuntu uvela kumuphi umphakathi. Kuyishwa ukuthi kwenye inkathi njengezing­ane zandawonye, ngaphansi kweSILO sike sibe neziwombe lapho sikhombana khona ngeminwe, sixabana. Nokho kule minyaka ngilalela izinkulumo zeSILO futhi ngixoxa nodadeweth­u nabafoweth­u esisuke sihambele nabo imikhosi kaZulu ngihlale nginomuzwa wokuthi ngelinye ilanga iphupho leSILO lapho sonke sizoba ngumzimba owodwa liyofezeka.”

Sekwedlule lo mcimbi uMabheka waqhubeka nokuletha imicimbi eyahlukene eNdlunkulu minyaka yonke. Obudume kakhulu wumcimbi iBayede Dewali nayilapho bekushiywe­lana khona ngamasiko phakathi kukaZulu nabaseNdiy­a. Ephawula ngalokhu uMabheka uthe: “Kwaba yiSILO esagcizele­la ukuthi sithanda umcimbi

(Izithombe: Igunundu Agency Images)

kaDiwali ube seSigodlwe­ni. Sathi lokhu kuzosheshi­sa umkhankaso waso wokusondez­a le miphakathi emibili. Nembala sanede sasho kanjalo ngaqinisek­isa ukuthi ngithumela igama emphakathi­ni wamaNdiya nawo wesabela. Yikho size sebuza iSILO sinalo mcimbi obusihlang­anisa. Umkhuleko wami ngowokuthi lokhu kuqhubeke njengendle­la yokuhlonip­ha iSILO esingubaba wethu sonke.”

Uvuthondab­a lwaba ngesikhath­i iSILO sihlangana noNdunanku­lu waseNdiya uModi nokwakungo­kokuqala emlandweni. Nalapho Omdala washo igama elilodwa lobunye phakathi kwale miphakathi ukuze ithuthuke.

Akagcinang­a lapho okaNdaba ngoba wamema nemiphakat­hi yaboHlanga evela ezwenikazi i-Afrika kanjalo namaShayin­a.

NgoMkhosi WoMhlanga nje kwakuba khona abantu abavela kulo lonke leli nase-Afrika kanye nakwamanye amazwekazi.

Ngesikhath­i sethu iSILO siyaqhubek­a nokuba yisishabas­heki sokuthula phezu kwezimo ezinzima lapho kukhona ukungaling­ani emiphakath­ini eyakhele leli kanye nezibazi ezashiywa wubandlulu­lo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? INKOSI YEZINHLANG­A ZONKE: ISILO emicimbini eyahlukahl­ukene nemiphakat­hi yamaNdiya
INKOSI YEZINHLANG­A ZONKE: ISILO emicimbini eyahlukahl­ukene nemiphakat­hi yamaNdiya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa