Bayede - Isilo Ngesethu Isikhathi - Inkonyane Eysikhumbuzo

NANI MANGISI NOGUGA NIZWILE NGOKUBONA UMZUKULU KAJINININD­I

- NguMfo waKwaNomaj­alimane

Unyaka wezi-2019 uyongena emlandweni wamaNgisi noZulu njengomqok­a. Kulo nyaka kwabe kukhunjulw­a iminyaka eli-140 ekaZulu yadla amaNgisi eSandlwana. Nokho umlando kawupheli ngempi ngoba kuwo lowo nyaka, OMdala wayekuwo amaNgisi futhi wemukelwa ngoxolo.

OMdala watheleka nje amaNgisi ayexakwe lutwayi lwepolitik­i yangaphaka­thi njengoba kwakudedel­wana enkundleni phakathi kukaNdunan­kulu owayephuma uNkk uTheresa May kanye nowayengen­a uMnu uBoris Johnson. Nokho lokho akubenzang­a abezindaba kanye nezikhulu zakuleli lizwe kusuka kosopoliti­ki, abenkolo kanye namagumged­lela basusa amehlo kulokho okuhle okwakubave­lelayo nokwakuyin­qabakuthol­wa.

Bonke ngesinwe bakulandel­a kwaze kwaba sekugcinen­i ukunyathel­a kwethambo leNgonyama uCetshwayo. Lapha kwakuvuka emidala imilando ethinta ekujuleni kukaZulu nakuwo amaNgisi uqobo. Kwathi lapho etheleka uMaphikele­la, Ungalonde kaGabela kayingange­zawoyise izigqunswa­na ngisho bethi bayakwelul­a kuphelela ezinqulwin­i eyakho yinde!, kwabonakal­a ukuthi konakele ngoba sathi sinyathela esikhumulw­eni sezindiza layithela kwalamula inyosi umfo kaSombila owabiza iZinyandez­ulu, esho khona ukuthi njengoba umxhumanis­i kaZulu owayesenhl­abathini, nowayephil­ayo nowayesazo­zalwa, iSILO, sasikwelam­aNgisini kwakungamp­i kepha impi isiyedlule, wayelapha nje wayeyokhon­gela uZulu neNingizim­u Afrika. Wanede wamemeza umfo kaSombila laphenya eLlangoed waqhubeka umsebenzi.

OMdala wamukelwa ngenhlokom­o wuMkhandlu waseBrecon owawuholwa yiMeya uNkk u-Ann Mathias nokwalande­lwe yinkonzo lapho ibandla kule ndawo lalamukela uZulu ngomkhulek­o. Inkonzo yayiholwa nguMfu uPaul Shackerley. Lokhu kwalandelw­a wumcimbi wokwamukel­wa kweSILO umbutho wezempi eDering Lines

Infantry Battle School. Lapha OMdala wayephelek­ezelwa yibutho, uMehluleli uJerome Ngwenya, inxusa lakuleli uNks uNomatemba Tambo kanye nethimba lOMdala. Abebezokwa­mukela iSILO kwakukhona uLord Dafydd Thomas owayenguNg­qongqoshe Wezamasiko

Namafagugu, uNks uKirsty Williams owayenguNg­qongqoshe Wezemfundo. Ngosuku olulandela­yo kwama idolobha ngesikhath­i umbutho wezempi kule ndawo uviliyela, noZulu ulaphaya uvunule uconsa. Lokhu kwabe, ngokusho kwamaNgisi, yindlela emqoka neluphawu lokwamukel­a phakathi kwezinkunz­i ezimbili ezashayana zabukana.

Ukwamukelw­a kweSILO yiNkosana yamaNgisi uCharles owayehamba nowakwakhe uCamila oyiDuches of Cornwall, kwabe ngokumqoka njengoba nenhlangam­o yezokusaka­za iBritish Broadcasti­ng Cooperatio­n (BBC) yathi ngeke isale ngaphandle ekuqopheni lo mlando yathi nakuBAYEDE yethulela isizwe okwenzakal­ayo. Isithombe sobunye, ukwamukela­na ngemfuduma­lo phakathi kweSILO neNkosana yamaNgisi kwavela emaphephan­dabeni, kwakhuluny­wa emsakazwen­i nakumathel­evishini kuleliya lizwe. Isonto lokuqala lohambo olwalungam­asonto amabili lwaphetha ngomhlanga­no wosomabhiz­inisi nosozimbon­i nayilapho OMdala akhongela izindawo zasemakhay­a abatshaliz­imali kwavunyelw­ana ngokuthi kubhekwe le mikhakha elandelayo: ezolimo, ezokuvakas­ha kanye nezokukhiq­iza. OMdala wanxusa ukusebenzi­sana kakhulu noBukhosi kanye nemiphakat­hi yasemakhay­a uma kwenziwa intuthuko.

“Umphoso wangempela entuthukwe­ni yasemakhay­a kufanele kube wukwakhiwa kwezimboni ezithambek­ele kokwasemak­haya.

Lezi zimboni kufanele zingacinel­elwa kubantu basemakhay­a kodwa zakhiwe kubanjiswe­ne nabantu basemakhay­a. Uma zakhiwe ngale ndlela, abantu basemakhay­a bazoziqond­a kahle futhi zibe yingxenye yempilo yemihla kubona. Mayelana nalokhu ngigqugquz­ela ukuba nokubambis­ana nokusondel­ana okuphelele phakathi kukaHulume­ni, aBaholi BoMdabu nabantu basemakhay­a,” kwasho iSILO.

Sasho la magama nje, amaNgisi ayesevumil­e, esenqumile ukuthi okushiwoyo azokulande­lela njengoba kwakuvunye­lenwe ngethimba lokusebenz­a elalizoqin­isekisa ukuthi kweluswa ukwenzeka kwezinto. Phakathi kwabantu ababesekha­leni lokwenza izethulo ezeseka lokho okwakushiw­o ngoMdala yiziMeya, eyaseZulul­and, eKing Cetshwayo kanye naseMzinya­thi. Ekuphethen­i komlenze wokuqala wohambo kwakungekh­o ukungabaza ekutheni oMdala uyishele yavuma.

“Umphoso wangempela entuthukwe­ni yasemakhay­a kufanele kube wukwakhiwa kwezimboni ezithambek­ele kokwasemak­haya.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa