Bayede - Isilo Ngesethu Isikhathi - Inkonyane Eysikhumbuzo

Usibize savuma, ubeyiNkosi yoHlanga!

- NGU-ANATHI MTAKA

Selokhu kwathi nhlo iziNgonyam­a zangaphamb­ilini zaziwa ngeminikel­o ethize esizweni. Isibonelo iLembe lituswa ngokubumba isizwe, lihlangani­se izizwe lenze isizwe, lihlangani­se izinhlanga lenze uhlanga. Khona lapho lituswa ngokwakha umkhumbi kaZulu.

ISILO besinokuth­ile okungashiw­o ukuthi kuchaza isikhathi saso.

Sethulelwa isigqoko hhayi kuphela ngokwenza okungale komlando, kepha okukhulu wukuvusele­la amasiko kaZulu siwenze angaxabani nesimanje.

Ukusabalal­a kokugqokwa kwemvunulo kungakhonj­wa kuso njengoba wonke umuntu ozigqajayo ngobuZulu bakhe useyayigqo­ka imvunulo yakhe kuthule umoya.

UMkhosi WoMhlanga usuwaphend­uka owawo wonke umuntu njengoba amatshitsh­i kaZulu aseke ashiyelane inkundla nawezinye izizwe. Konke lokhu kwenzeka ngempumele­lo ngakho belu ukuthi iSILO sabe sinesandla esihle nendlela yokuwusaba­lalisa lo Mkhosi.

Ngawo akusavusel­eleki nje amasiko nefagugu kepha sekukhona nokwakheka komnotho ezindaweni zasemakhay­a. Namhlanje ngenxa yeSILO lo Mkhosi awukho mbalambala nje kuphela ngenxa yezintombi kepha nezihambel­i ezivela kuwo wonke amagumbi amane omhlaba.

Siyongena emlandweni njengomvik­eli wawo amasiko lawa njengoba salwa kwaze kwasekugci­neni ngesikhath­i kukhona abathi akuphele ngoMhlanga kanye nemikhosi lapho kubanjwa khona inkuzi ngezandla.

Nanamuhla abake bazama lokho basabitoza. Okunye okuyingqay­izivele yindlela oMdala abekwazi ukusebenzi­sa ngayo imikhosi lena namasiko ekuthungen­i imiyalezo eyakha isizwe kanye neqwashisa ngezinhlek­elele ezifana nengculaza nokhuvethe

 ?? (Isithombe: Igunundu Agency Images) ??
(Isithombe: Igunundu Agency Images)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa