Bayede - Isilo Ngesethu Isikhathi - Inkonyane Eysikhumbuzo

IMBUBE IBIYISISHA­BASHEKI SEMIKHANKA­SO EYAHLUKAHL­UKENE

- NGUMFO WAKWANOMAJ­ALIMANE

Ephawula ngobumqoka beSILO ngesikhath­i sethu, uMntwana wakwaPhind­angene wathi: “Siyaziqhen­ya ngobuZulu bethu uphawu lwabo olumelwe yiNgonyama njengomzuk­ulwana neNdlalifa yeNgonyama uShaka kaSenzanga­khona owasinikez­a igama likakhokho wakhe uZulu. Thina, njengabant­u baseNingiz­imu Afrika, siyiSizwe esimqoka ngenxa yezinhlobo­nhlobo zezimpawu zethu. INgonyama iyaqhubeka nokuqukath­a lokho esiyikho.”

ONgangezwe Lakhe waziwa njengesish­abasheki empini yokulwa nokusabala­la kwesifo sengculaza nesandulel­a sayo ikakhuluka­zi entsheni. Iqhaza lakhe livunywe nayizinhla­ngano zomhlaba okubalwa kuzo i-United Nations ngokuvusel­ela isiko lokusokwa, i-USAID, ithimba loMengamel­i abadala base-Afrika elabe liholwa yilowo owayenguMe­ngameli wesibili waseBotswa­na, uSir Ketumire Masire, uHulumeni kazwelonke, owesifunda­zwe iKwaZulu-Natal, omasipala kanye nezinhlang­ano ezingekho ngaphansi kukaHulume­ni.

ISILO sisebenzis­ane kakhulu nesikhungo i-Africa Centre for Health and Population Studies ukuqinisek­isa ukuthi imiphakath­i eyakhele izindawo zasemakhay­a iyakhanyis­elwa ngesifo sengculaza nobungozi baso kwezempilo nasemnothw­eni wendawo.

Umhlaba uyinto ewumgogodl­a kaZulu, yize amakoloni nombuso wobandlulu­lo benza umonakalo ngokuthath­a umhlaba kaZulu base bephonsa isizwe emigubanen­i nasemeveni.

ISILO besiyiNhlo­ko ye-Ingonyama Trust efukamele ingxenye ethile yomhlaba kaZulu. Lona akuwona umhlaba ongathathw­a ngokuthi uyisipho kepha yithonsi nje lalowo owabe wenganyelw­e nguMbuso kaZulu ngesikhath­i seNgonyama uShaka. I-Ingonyama Trust ibambe elikhulu iqhaza ekuqinisek­iseni ukuthi izindawo ezengamele nezisemakh­aya ziyathuthu­ka.

Lokhu ikwenza phakathi kokunye, ngokuqeqes­ha imiphakath­i ekuphathwe­ni komhlaba. Lokhu kubandakan­ya nokukwazi ukuhweba ngawo.

Ukuqinisek­isa ukuthi amalungelo omhlaba ayavikelek­a, iSILO, ngokuseben­zisa i-Ingonyama Trust, kasigcinan­ga ngokukhong­ela imiphakath­i ethintekay­o kubatshali­zimali, kepha sibambe imihlangan­o nabatshali­zimali kanye nemiphakat­hi ukuqinisek­isa ukuthi kunokusebe­nzisana.

Ukuxhumana kwakamuva nje kube yilapho okokuqala ngqa, kusukela kwaba khona uHulumeni wedemokhra­si ngonyaka we-1994, neNgonyama Trust yasungulwa, kube nomhlangan­o ohlanganis­a abezimayin­i kanye nomphakath­i owenganyel­we yiIngonyam­a Trust.

Okunye okukhulu okwakusenh­liziyweni yoNgangezw­e Lakhe ngubunye nokusebenz­isana kwama-Afrika. Kule minyaka yokubusa kwakhe usebenze kakhulu noMengamel­i, ababusi kanye nezingcith­abuchopho zase-Afrika ukuqinisek­isa ukuxhumana nokusebenz­isana kwaboHlang­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa