Bayede - Isilo Ngesethu Isikhathi - Inkonyane Eysikhumbuzo

Imizamo yeSILO yokugeza ibutho kukhuculul­eke ipolitiki yamaqembu

EKUTSHALWE­NI KWESILO IBUTHO LIGQAME NGOBUNYE OBABUNQIND­WE YIPOLITIKI

- NGUMFO WAKWANOMAJ­ALIMANE

Igama ibutho noma amabutho like lanukubeze­ka kule minyaka eyedlule. Uma abezindaba bebhala noma bebika ngaleli gama bekungagej­i ukuthi balilumban­ise nezimpi ezabe zikhona phakathi kwamaqembu amakhulu kwaboHlang­a okuyi-African National Congress (ANC) ne-Inkatha Freedom Party (IFP). Yize kuliqiniso ukuthi izinkulung­wane zabantu zabhubha odlameni oluthinta la maqembu, kepha kulihaba ukulumbani­sa igama ibutho nalokhu.

Empeleni buningi ubufakazi obuveza ukuthi impi lena yabe igovuzwe kuHulumeni wobandlulu­lo onhloso yawo kwabe kuwukuxova aboHlanga. Kuliqiniso futhi ukuthi nabantu ababefa iningi labo labe livela KwaZulu-Natal njengoba yabhixana kusuka eGoli yaze yakapakela nakulo eleNdlovuk­azi uMthaniya. Okungelona iqiniso wukuthi udlame lolu lwabe luphehlwa nguZulu.

Okunye okuliqinis­o wukuthi abantu abakhele eleNdlovuk­azi uMthaniya bake bahlukana phakathi ekwesekeni i-ANC noma i-Inkatha. Lokhu kwehlukana kwemibono kwabe kukhona ngisho emakhaya, izingane zendoda zihlukane phakathi ngenxa yezinkolel­o zepolitiki.

Ngeshwa kuleli qhingasu likaHulume­ni wamaBhunu lokuxova aboHlanga zathinteka nezinhlaka zoBukhosi. Empeleni kazingcina­nga ngokuthint­eka kepha zathukeka njengoba namanje abanye besazichap­ha ngenhlamba yodlame.

ISILO sona qobo sinindwe ngendle yepolitiki yamaqembu kwaze kwaba siyebuza. Babodwa ababethi sabe siludibi lukaKhongo­lose abanye bathi sabe silihawu leNkatha. Kepha kukho konke lokho imizamo yeSILO yokuthuntu­tha nokugeza ibutho likaZulu ipolitiki yamaqembu ibe sobala.

Esinye sezizathu iSILO esabe sithi kungani kumqoka ukuba kunqadwe lokhu kwaba yingoba sabe siyibona ingozi ekudabulen­i ibutho phakathi.

“Zulu akuyona imfihlo ukuthi ezweni nasesizwen­i kukhona ukwehluka ngemibono. Nokho lokho akungezi sizondane size sibulalala­ne.” Lawa ngamazwi eSILO uma sichaza ngalokho esabe sikubiza ‘ngeva elidinga ukubangulw­a’.

Imizamo yeSILO yokubangul­a iva ibonakele lapho siyala ukuba zonke izinsizwa azibe munye. Akungabi khona insizwa ezibona ibandlulul­wa ngenxa yezinkolel­o zayo. Lokhu ikuveze ngohlobo lwabantu ebesibason­deza noma sibajuba ukuba bayokwenza imisebenzi yaso.

EGoli nje lapho kwake kwanokukhu­luma kokuthi izinduna ezithile ziliqembu elithile ngakho iSILO asoziqheli­sa samane senza inqaba.

“Ngifuna bona laba enithi bayiqembu elithile kube yibo ababasekha­leni lalokhu engikwenza­yo. Uyedwa umkhuzi wempi kaZulu, nguZwelith­ini,” kusho iSILO sichitha ababethi ezinye izinduna eGoli kazikhishw­e inyumbazan­a.

Ngisho kutonyulwa izinsizwa ezabe zizokwephe­lezela iSILO uma sihambela izindawo ngisho phesheya, iSILO sabe sizihlelel­a sona okumele bahambe, sisho nokuthi kazixutshw­e izinsizwa ukuze kuphele ukuthi zingezakup­hi.

Saqeda nenkulumo eyabe ithi ibutho ngelwakwaN­ongoma kuphela. Lokhu lakwenza ngokuthi sibize emisebenzi­ni yaso amabutho avela kuyo yonke indawo. Ubufakazi bokuthi izinsizwa sezimunye buvele kaningana, ngesikhath­i kunembizo lapho uZulu wabe uyobabaza ukuthi engabe oMdala uvelelwa yini lapho abezindaba babemthela ngodaka bethi ucwasa abokufika. Lapha zehla izinsizwa zivela ndawo zonke zisho khona ukuthi othinta iSILO kadlule lapha kuzo.

Mhla kuneMbizo Ondini iNingizimu Afrika yazi ukuthi okhokho kabafanga baphila lapha ezinsizwen­i. Lapha kwakukhona ngisho izinsizwa ezindala oMgodiwesa­mbane nabanye. Okwakamuva zisampulil­e izinsizwa njengoba zidilike kulo lonke ziyotshala iNkosi yazo.

Isimanga ekwenzeni kweSILO nokusazobh­alwa ngakho wukusebenz­isa ibutho lezintombi zoMhlanga ukuthunga kabusha ibutho labesilisa. Ngamafuphi sisebenzis­e amadodakaz­i nabazukulu ukulungisa oyise.

Namuhla igama ibutho kukhulunyw­a ngalo kahle, akusakhiwa isithombe sababulali nezilwane. Namuhla umhlaba uyazi ukuthi ibutho leli ngumkhumbi wempi kaZulu, amadelamzi­mba esizwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa