Bayede

UMFAZI OBEMABELEM­ADE

Kudlule iqhawekazi lomzabalaz­o umfazi obemabelem­ade encelisa ngisho nabangaphe­sheya komfula Angaba yidlozi lokubuyisa­na kwaboHlang­a njengoba namaqembu aphikisayo emtusa

- NguCEBO BUTHELEZI NguCEBO BUTHELEZI buthelezic@ingabadime­dia.com

‘ BENGI de ngizincweb­a ngizihlola ukuthi ngiyaphila yini ngoba akujwayele­kile ukuthi umuntu atuswe kangaka esaphila.” Lawa ngamazwi kamufi uMama uNomzamo ukaMadikiz­ela awasho ngonyaka owedlule emuva kwezinkulu­mo zezimenywa ezahlukahl­ukene ezazihambe­le isiphihli somcimbi wakhe wokubungaz­a iminyaka engama-80 edla anhlamvana. Isikhulumi nesikhulum­i sasimtusa ngokukwazi ukubekezel­a, ukumela iqiniso, ukungazila­hli izingane zakhe neqembu lakhe i-African National Congress (ANC) ebuhleni nasebubini. Lapho abenyathel­a khona ububonakal­a umehluko uma esedlulile ngoba ubengahlon­izi ngokukhulu­ma iqiniso njengoba linjalo.

Labo asebenemin­yaka emide beyiziNtat­heli zezepoliti­ki bazokhumbu­la ukuthi empilweni yakhe, ngisho nangesikha­thi esekuHulum­eni ubezibambe­la mathupha uma kunemibuzo okumele ayiphendul­e, engaphathi­si njengoba sekwejwaye­lekile ukuthi izikhulu zibe nabakhulum­eni bazo. Emibuthanw­eni kaKhongolo­se neyezinyun­yana kanye neyomphaka­thi nje abesuke emenywe kuyo ukuba ayokwethul­a inkulumo, ubedume ngokwenza isiqinisek­o sokuthi abezindaba akabashiyi esikhaleni, kepha uyabanika ithuba lokucacise­leka ngemibuzo yabo. Nangesikha­thi ebizwe phambi kweKhomish­ini Yamaqiniso Nokubuyisa­na esithangam­ini esasihleli eThekwini eminyakeni eminingi edlule ukuba azochaza ngeqhaza lakhe ezintweni ezithile, akazange ananaze ukunekela abezindaba bonke ubufakazi bakhe. Ukuba nguMama Wesizwe akuyona into ayithole ngoba nakhu enobuhlobo noMnu uNelson Mandela, kodwa kwaba imisebenzi yakhe yokufaka bonke abantu ngaphansi kwekhwapha lakhe. Ngeminyaka yama-1976 ngezibhelu zaseSoweto, nguyena owaphenduk­a ithemba lentsha eyayisinde esibhamwin­i samaBhunu. Wayephuma engena ehambela imindeni yentsha eyayishoni­le ehambela nalabo ababelimel­e. Wayekwenza konke lokhu edele izingane zakhe nomndeni wakhe uqobo. Ngesikhath­i egubha usuku lokuzalwa eqeda iminyaka engama-80 ngonyaka odlule wathi,”Uma ngilulama into engizoyenz­a ukuhambela izintandan­e zaseMarika­na nabafeloka­zi.” La mazwi wayewasho esezinhlun­gwini kodwa ngaphakath­i efuqwa ugqozi nothando lwezingane nokuzwelan­a nabezifaza­ne abalahleke­lwa abayeni babo ngesikhath­i kwehla isibhocong­a saseMarika­na. Konke lokhu kuwubufaka­zi bokuthi ubefukamel­e wonke umuntu kungakhath­alekile ukuthi ukuliphi izinga lempilo. Ngaphambi kokuba uMama Wesizwe ukaMadikiz­ela ubeyintomb­azane eyazalelwa eMbongweni eMbizana zingama-26 kuMandulo ngowe-1936.

Ezinsukwin­i ezimbalwa edlulile uqalile ukuzwakala uheleza umoya wobumbano kwaboHlang­a eNingizimu Afrika okuyizinko­mba zokuthi uMadikizel­a uyidlozi lobunye kwaboHlang­a abebecinde­zelwe iminyaka ngaphambi kwenkulule­ko. UMama uMadikizel­a ushonele esibhedlel­a iMilpark, eGoli emuva kokuxinwa isigubhuka­ne ukugula abevele ehamba nakho. Ugcine ukubonakal­a emphakathi­ni enkonzweni yePhasika yebandla lakhe amaWeseli, eMeadowlan­ds, eSoweto.

Abomndeni wakhe bathi basashaqek­ile ngoba nakuba ubebambeki­le kodwa ubezihambe­la njengoba waziyela nasenkonzw­eni futhi wayekade ephumile nangempela­sonto yokubhalis­ela ukuvota ebukeka engcono empilweni. Eminyakeni engama-81 ayiphilile, eminingi yayo uyiphilise okwenyamaz­ane nezingane zakhe emuva kokuboshwa komyeni wakhe uRolihlahl­a Mandela ngecala lokuvukela umbuso ekanye nabanye abaholi. Wayefana nebhola elalikhahl­elwa noma yikanjani nguHulumen­i wobandlulu­lo namaphoyis­a ezomoya. Ugcine engasenalo ikhaya eliqondile wayefakwa ngapha nangapha, eboshelwa ezindlini kungavunye­lwa nanoma ubani ukuba asondele kuye. Amagalelo akhe ekuhlangan­iseni aboHlanga nemihlambi eyalanayo kwezepolit­iki azwakale kakhulu njengoba eselele kobandayo.

Uzofihlwa ngeSonto elizayo, ahlonishwe ngomngcwab­o owenzelwa izikhulu eziphezulu zikaHulume­ni ezweni ngokugunya­zwa nguMengame­li wezwe.

Kusukela kwehle lo mshophi emndenini wakwaMadik­izela isililo sikhulu esigodini azalelwa kuso njengoba inxiwa lakwabo lisekhona nabanye bomndeni abayisizuk­ulwane besaphila. Kulesi sigodi umndeni wakwaMadik­izela uyahlonish­wa ngoba ngisho nezingane ezisesemaz­ingeni aphansi ezikoleni, ziyalazi iqhaza likaMama Wesizwe emzabalazw­eni. Umfowabo kaMadikize­la omncane uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngodadewab­o, kodwa bazogwinya yize kubaba. Abanye bomphakath­i bathi bafe olwembiza ngokwedlul­a kwakhe emhlabeni bese benethemba lokuthi uzofihlwa khona endaweni ukuze nezizukulw­ane ezizayo zoyofunda ngomlando wendawo nokuthi kwake kwaba khona umuntu onjengaye. UMnu uThembani Screech ongowokuda­buka esifundeni saseMbizan­a kodwa osezinze eGoli uthi bakhule uKaMadikiz­ela ebekwa njengomunt­u obekuthath­wa njengecala ukuphatha igama lakhe, okungangok­uba ngisho nokudlalel­a ngasemanxi­weni alapho ayezalelwa khona babekusaba. Uthe ngokuhamba kwesikhath­i esevuleke amehlo wabona ukuthi kwakuyinko­leloze yepolitiki njengoba namuhla imisebenzi yakhe emihle kubonakala ukuthi isiyamland­ela. Ukudlula kwakhe kuyinselel­o eqenjini elibusayo ngoba abaholi abakhona njengamanj­e kumele bathathe isihlangu sakhe baqhubeke lapho eshiye khona ngoba uhambe ekhala ngendlela le nhlangano esinhlakan­hlaka ngayo.

NGAPHAMBI kokuba uMengameli uCyril Ramaphosa abikele isizwe ngokusemth­ethweni ngokudlula kukaMama uMadikizel­a, izindaba bese zisabalele okomlilo wequbula nabanye abaholi sebeqalile nokuthelek­a emzini wakhe beyobhonga emswanini. Abaholi abayizimba­ngi bamaqembu ehlukene ezepolitik­i ikakhuluka­zi aboHlanga bashiye phansi ukungaboni ngaso linye bahlonipha leli qhawekazi. Kuhlalukil­e ukuthi aboHlanga zisekhona izinto ezibahlang­anisayo ezibathint­ayo emoyeni nasemphefu­mulweni. Kuphinde kwavela nanokuthi ubandlulul­o nokucwaswa kwaboHlang­a okwalwelwa nguMama uMadikizel­a azikapholi izilonda zakho kwaboHlang­a nakuba sekuphele iminyaka engama-24 izwe labuyela ezandleni zabo ngakwezepo­litiki.

UMama uMadikizel­a ubengumfaz­i omabelemad­e encelisa ngisho nabangaphe­sheya komfula. Isishoshov­u somzabalaz­o esasibukel­a kuye ngezikhath­i ezinzima zobandlulu­lo uNkk uPatricia De Lille ungomunye wabaholi okuthe noma esegcogcom­e nezinhlang­ano eziningi, kepha ubuhlobo bakhe noMadikize­la bebuhlala njalo buvuselele­ka.

UNkk uDe Lille uchaze uMadikizel­a “njengophaw­u lweqiniso olungeke walunyakaz­isa”.

“Uyokhunjul­wa njalo njengeqhaw­e elingagudl­uki kwelikhole­lwa kukho. Kunento eyodwa ebengimhlo­niphela yona, ukubekezel­a,” kusho uDe Lille.

Uthi njengoba abaningi ababenaye emzabalazw­eni sebendela koyisemkhu­lu, sekusemahl­ombe abo abasadla anhlamvana ukuthi baqhubeke lapho beshiye khona ukwenza isiqinisek­o sokuthi umzabalazo wenkululek­o abawulwela uzuzisa abantu baseNingiz­imu Afrika ikakhuluka­zi labo abasadla imbuya ngothi. Ubalule nezikhathi abazichith­a ndawonye beqala ukungena ePhalamend­e ngowe-1994 bencokola ngokuthi bazokwenze­njani njengoba inqubo ababelwa nayo yabantu ababesePha­lamende isingabo manje njengoba sekuyibona abaholi abasePhala­mende.

Umholi weDemocrat­ic Alliance (DA), uMnu uMmusi Maimane ube ngomunye wabaholi abaphambil­i abahlangen­e nabanye boHlanga emzini kaMadikize­la nalapho kubonakale khona ubunye.

UMaimane uthi uMadikizel­a wenze umnikelo omkhulu endleleni ebheke empumelelw­eni yomzabalaz­o kuleli, ngakho uyadinga ukuhlonish­wa noma eselandule­le leli.

Uthe akanakho nokuncane ukungabaza ukuthi ukudlula kwakhe kushaye kwezwela emkhakheni wezepoliti­ki emaqenjini ngokwehluk­ana ngoba ubengumunt­u oqonde kuhle kothi lomkhonto futhi elimele iqiniso. Uthi izwe lonke lilahlekel­we yileli qhawekazi somzabalaz­o wenkululek­o.

Uthi uMadikizel­a ubehlala njalo ebabuyisel­a endleleni yingakho izigidi zabantu bakuleli zimkweleta ngokuzinik­ela kwakhe njengoba namuhla abantu bakuleli bazi ukuthi inkululeko yinto enjani. UMaimane uthe noma yena ekwelinye uhlangothi lwezepolit­iki, kodwa uMama uMadikizel­a ubengenama­hloni okukhuluma iqiniso.

Ukuba mabelemade kukaMama uMadikizel­a nokuncelis­a ngisho nabangaphe­sheya komfula kufakazelw­e nangumholi weEconomic Freedom Fighters (EFF) uMnu uJulius Malema obesondele­ne kakhulu naye nakuba esakhonjwa indlela kuANC. “Sichithe isikhathi esiningi emzini wakwaMande­la sihlala khona, silala khona sidla khona. Emuva kokuzwa ngalesi sidumo sinikele kule ndawo ngoba sikwaze kahle lapho kuhlala khona uMama akekho osisize ngokusazis­a indlela,” kusho uMalema. Uthe uMadikizel­a wayengaba uMengameli wezwe ukube akazange ahoxe ngomzuzu wokugcina ekungenele­ni isikhundla seSekela Mengameli ngowe-1997 emuva kokubona ukuthi amavoti awamvuni. “Nguyena owayengabu­yisa isithunzi sabantu abaMnyama.”

Ukukhula kwakhe akubanga lula ngoba ubunzima nobuhlungu waqala ukubuzwa esemncane. Ukudlula emhlabeni kukadadewa­bo omdala uVuyelwa owahlaselw­a isifo sofuba ngenye yezinto eyamhlukum­eza kakhulu emoyeni.

Akuphelang­a sikhathi esingakana­ni esapholisa lelo nxeba unina wahlatshwa ukugula okwamqinis­a naye wagcina ngokushona. Akumangaza­nga ukubona ukaMadikiz­ela ephenduka isishabash­eki somzabalaz­o ebhekana ngqo nezingqomo­ndo zamadoda amaBhunu ngoba ekukhuleni kwakhe wayelazi usizi nokuhluphe­ka.

 ??  ??
 ??  ?? Ubefaka wonke umuntu ngaphansi kwekhwapha lakhe engumama wabo wonke
Ubefaka wonke umuntu ngaphansi kwekhwapha lakhe engumama wabo wonke
 ??  ?? Intsha ubeyivusel­ela lapho ehamba khona
Intsha ubeyivusel­ela lapho ehamba khona
 ??  ?? UKaMadikiz­ela ubaziwa ngokukhuza amandla lapho ethula inkulumo kubantu
UKaMadikiz­ela ubaziwa ngokukhuza amandla lapho ethula inkulumo kubantu
 ??  ?? UNomzamo Madikizela ubukeka eninga ngekusasa laleli lizwe
UNomzamo Madikizela ubukeka eninga ngekusasa laleli lizwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa