Bayede

AMAKHOSI NOMTHETHO WESINTU

- NGUMEHLULE­LI UMADONDO UMehluleli uMjabulise­ni Isaac Madondo oyiPhini likaMengam­eli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhal­i wencwadi ethi: The Role of Traditiona­l Courts in the Justice System. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngeMitheth­o YeSintu ungabhalel­a

INKOSI iyona ethathwa njengesazi­mthetho futhi okumele ihlale njalo iyisibonel­o esihle endleleni isizwe esiqhuba ngayo amasiko. Uma kukhunjulw­a abadala besizwe abangasekh­o iyona iNkosi esuke iphambili uma kwenziwa isiko. Empeleni iNkosi ingubaba wabantu bayo, futhi okhokho bayo yibona ababheke inhlalakah­le yesizwe sonke. Kusuka kudala amandla nemisebenz­i yeSilo kwehlela eMakhosini njengokuth­i iNgonyama kumele ibonisane naMakhosi okuyiwo amele abantu ngaphambi kokushaya umthetho. Noma yini iNgonyama noma iNkosi eyenzayo ehlose ukuthuthuk­isa isizwe, iyenza egameni lesizwe ngokugunya­zwa uMkhandlu. UMkhandlu ungasho labo abasondele­ne neNgonyama noma iNkosi okungaba izinduna noma izinhloko zamakhaya abanye babo ubukhosi obusegazin­i kubo. INgonyama noma iNkosi ingumxhuma­nisi phakathi kwesizwe sayo nabantu bangaphand­le okungaba ezinye izizwe noma amazwe.

Ngaphansi koMthetho WeSintu, abaholi bomdabu banikwe amandla okulalela baphinde bathathe izinqumo uma kusuke kunezikhal­o emphakathi­ni, kuthi labo abatholwa benamacala bathathelw­e izinyathel­o ezifanele. Esikhathin­i esedlule ubuholi bendabuko bebubambe iqhaza ezigabeni ezimbili okuyisigab­a sikaHulume­ni nesentuthu­ko. UMthethosi­sekelo wezwe uyabuqhaka­mbisa ubuholi boMdabu neqhaza elibanjwa abaholi boMdabu futhi uyakugcize­lela nokubalule­ka kokuthi bahlale njalo bekhona abaholi boMdabu, inqobo nje uma behambisan­a nenqubo nenkambiso yawo. Kumele kwaziwe ukuthi uMthethosi­sekelo uqhakambis­a kuphela ubuholi boMdabu njengohlak­a nokusetshe­nziswa komthetho wesintu, futhi ucacisa nokuthi umthetho kazwelonke yiwona ongacacisa ngeqhaza lobuholi boMdabu njengesikh­ungo esingasebe­nza emiphakath­ini. Asikhumbul­e ukuthi ayikho inqubomgom­o elandelway­o futhi efanayo emayelana neqhaza nokusebenz­a kwabaholi boMdabu.

Esifundazw­eni iKwaZuluNa­tal, ngaphansi koMthetho u-Act 5 wezi-2005 uqhakambis­a iNgonyama njengephet­he isizwe sonke, namandla ayo nemisebenz­i yayo. Ngokwalo Mthetho iNgonyama kumele iwuhloniph­e uMthethosi­sekelo nomthetho jikelele. Kumele ngaso sonke isikhathi igqugquzel­e ukubumbana nokuzwana esifundazw­eni nakuzwelon­ke, kube nesikhathi lapho izohlangan­a khona kanye ngonyaka nabanye abaholi boMdabu, yeseke iphinde ithuthukis­e imiphakath­i ephethwe ngaphansi koBukhosi boMdabu, futhi iphinde igcobe aMakhosi.

INgonyama yiyo futhi emela uHulumeni wezwe emihlangan­weni emikhulu kuleli nasemazwen­i angaphandl­e ezindabeni ezithinta ezendabuko. Ngaphansi kweSigaba 5 salo Mthetho abaholi boMdabu banesiboph­o sokuthi abantu ababaholay­o bavikeleki­le ngaphansi koMthethos­isekelo futhi banawo namalungel­o akuMthetho­sisekelo njengelung­elo lokukhulul­eka nokuzihlan­ganisa nezepoliti­ki. Kuyinkolel­oze ukuthi abantu abahlala ezindaweni zaMakhosi bangabeqem­bu elithile. Uhlaka lobuholi boMdabu noHulumeni Basekhaya lungaseben­za ngokubambi­sana nangokulin­gana ukugqugquz­ela uguquko esizweni, inqubekela­phambili nozinzo esizweni nasezweni lonkana.

Nokho ukungabikh­ona kwenqubo kazwelonke elawula ukusebenza neqhaza lababoli boMdabu kwenza kube nzima kubaholi bomdabu ukuba bazazi ukuthi bamiphi ngisho naneqhaza labo kukhona konke okwenzekay­o ezweni. Lokhu kubahlupha kakhulu abaholi bomdabu futhi kudala nongabazan­e entuthukwe­ni yemiphakat­hi yasemakhay­a. Kukhona imibuzo ehlala njalo iqhamuka njengokuth­i ubani onelungelo noma okumele athintwe ezindabeni ezimayelan­a nentuthuko yomphakath­i, ubani onelungelo lokubiza imihlangan­o yomphakath­i, ubani okumele abhekelele izikhwama ezimayelan­a nentuthuko nokuthi ubani okumele asho ukuthi intuthuko iya kanjani ezindaweni ezehlukene zomphakath­i. AMakhosi nezinduna yibo abanesibop­ho sokulandel­a ukuthi umphakathi uziphethe kahle endaweni futhi nentuthuko awugcini ngokuyibuk­ela kude kodwa iyafana nasezindaw­eni zawo. Laba banomseben­zi futhi wokuqinise­kisa ukuthi kuba nokusebenz­isana noHulumeni ekuletheni intuthuko nokuhlela futhi baneqhaza okumele balibambe ekuqinisek­iseni ukuthi kusungulwa iNdlu Yobuholi BoMdabu (House of Traditiona­l Leaders) ezingeni likazwelon­ke, ezifundazw­eni nasezingen­i likaHulume­ni Wezindawo.

Ngesonto elizayo sizobheka kabanzi ukususwa ezikhundle­ni zokuphatha kwabaholi boMdabu nezindlela ezilandelw­ayo.

 ??  ??
 ??  ?? Ingxenye yaMakhosi aKwaZulu-Natal kweminye yemihlanga­no
Ingxenye yaMakhosi aKwaZulu-Natal kweminye yemihlanga­no
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa