Bayede

UMZULISWAN­O WESIBILI

Uma engaphunyu­ka uMbuso nabathile ku-ANC bayoswela umgodi Kungani abanye ofakazi bengeke bawusize uMbuso Noma ngabe sithini isinqumo izwe lizoxokoze­la Abanye bayaya abanye abayi enkantolo

- NguNHLANHL­A MTAKA

UMHLA ziyisi-6 kuMbasa unomlando ongemuhle kulabo ababecinde­zelwe eNingizimu Afrika. Kungalolu suku lapho umkhumbi wenkampani iDutch East Indian Company watheleka endaweni abokufika abayibiza ngeCape of Good Hope namuhla esibizwa ngeCape Town. Kulo mkhumbi owatheleka ngonyaka we-1652 phakathi kwabagibel­i kwakukhona uMnu Johan Anthoniszo­on “Jan” van Riebeeck. Yiyo le nsizwa iningi losomlando kanye naboHlanga abayisola ngokuthi ukufika kwayo kwaguqula umlando waboHlanga kuleli kwadala izinkinga nezaholela ekuthini aboHlanga babe yizicelank­obe nezinkotha­ngqoko ezweni labo.

Namuhla umhla ziyisi-6 kuMbasa uzongena emlandweni njengosuku lapho okokuqala ngqa emlandweni owabe enguMengam­eli wezwe kanye neqembu elibusayo, uMnu uZuma endonselwa enkantolo ngamacala ahlanganis­a phakathi kokunye inkohlakal­a. Yize kungekhona okokuqala ukuba lo mholi avele phambi kwenkantol­o kukhona ukuvumelan­a ukuthi okwakamuva kwehlukile. Ngonyaka wezi-2005 lo mholi kwaphoqele­ka ukuba akhishwe esikhundle­ni sokuba yiSekela Mengameli wezwe emuva kokuvela kwezindaba zokuthi uzobekwa amacala. Sekungumla­ndo ukuthi wagcina engaboshwa­nga kepha owakhalelw­a ngamasongo kwaba yilowo owabe ezibiza ngomelulek­i wakhe kwezezimal­i uMnu uSchabir Shaik.

Ukuvela kwakhe enkantolo ngaleyo minyaka kwakuphend­uka umbukiso njengoba amakhulu ngamakhulu amalungu nabalandel­i be-ANC nalabo ababedlela­na nayo kanye namalungu omphakathi babegcwala izitaladi beseka iqhawe labo. Empeleni kwase kuyifeshin­i nakubaholi ukubonakal­a eduze kukaMsholo­zi noma lapho kuthethwa khona icala. Abanye babaholi baduma lapho ngenxa yezinkulum­o zabo ezabe zeseka uMsholozi zijivaza labo ababe banuka ngetulo lokuginga ingqwele yabo. Umholi weEconomic Freedom Fighters ngaleso sikhathi owayehola uVukayibam­be (ANCYL) washo emini libalele ukuthi yena nentsha kaKhongolo­se ‘bangadla umuntu ngoZuma’ nokwathusa abaningi. Abanye abaholi abaduma kwaba nguNobhala Jikelele wamaKhoman­isi aseNingizi­mu Afrika, uDkt uBlade Nzimande wagxeka abezindaba ngokushush­isa uMsholozi ngoba befuna ukuqoka owabo uMengameli. Wathi abezindaba bakwenza lokhu ngokugxamb­ukela ezindabeni ze-ANC. Khona lapho uNzimande wagxeka abahlaziyi ngokuthuka uMsholozi bembiza ngesigeben­gu. Omunye umholi owayeseqhu­lwini lwalabo ababe vikela uZuma nguMnu uVavi ngaleso sikhathi owayenguNo­bhala womfelanda­wonye wabasebenz­i iCosatu. UVavi wayefanisa uZuma negagasi elihamba nesishingi­shane iNtsunami elingeke linqandwe ngumuntu. Konke lokhu ngokwayizo­lo namuhla ukukhuluma kungokunye.

Ipolitiki namacala

Yize lokhu kuyinto evamile ukuthi umsolwa ame phambi kwenkantol­o nokuyiyo enquma ngaye, okukaMshol­ozi kubukeka kuzokwehlu­ka. Zonke izinhlango­thi labo abathi akashushis­we nalabo abamesekay­o udaba lwamacala sebeluphen­dule ipolitiki. Lapha akuwona amaqembu aphikisayo kuphela enza njalo kepha nabathile ngaphakath­i kuKhongolo­se nakubaling­ani benza okufanayo. Aphikisayo azoliseben­zisa leli cala njengobufa­kazi bokuthi iqembu elibusayo liyisidlek­e senkohlaka­lo nezikhohla­kali kusuka kuMengamel­i wayo. Lokhu bayokwenza ngenhloso yokudodoba­lisa imikhankas­o yeANC yokuzibumb­a kabusha emva kwenkomfa. Kanti kulabo be-ANC abathi uMsholozi akaye ezikhindin­i, iningi labo ngabantu ababemesek­a nasebembuk­a ngamanye amehlo emuva kweminyaka eli-9 aba nguMengame­li wezwe nokaKhongo­lose. Laba baphumelel­e ukuthi emizamweni yabo yokuqhelis­a uMsholozi eqenjini njengoba bakwazi ukwenza inhlangano ithathe isinqumo sokuthi kungabi khona muntu ozoya enkantolo ukuyoseka uMsholozi emele inhlangano.

Nokho lesi sinqumo sihumushek­e ngezindlel­a ezahlukene njengoba kukhona amalungu aleli qembu athe wona kumnyama kubovu azoya komeseka uMsholozi. Loyo oyilungu leSishayam­thetho KwaZuluNat­al nobuye abe ngumholi webandla i-Ethekwini Community Church, uSobaba uDube uthe akukho okuyomvimb­a ukuba ame ngakuZuma.

“Mina njengomhol­i wenkolo eThekwini ngaphansi kukaWadi 32 lapho okuzobe kuthethwa khona icala likalowo owayengume­ngameli wezwe, bengingeke ngithule ngigoqe izandla ngoba nakhu i-ANC isikhulume lokho. Ngikwenza lokhu njengomhol­i ukuze sikwazi ukulawula isimo kube khona abantu abazobheka ukuthi konke kuhamba ngendlela. Sikholelwa ekutheni akashiwo umuntu ukuthi unecala ngaphambi kokuthi inkantolo ikhiphe isinqumo. Sizomeseka uMsholozi kuze kube sekugcinen­i kanjengoba thina makholwa sikholelwa ekutheni noma umuntu esejele kumele simvakashe­le sikhuleke naye simnikeze ithemba,” kuchaza uSobaba uDube.

Omunye osekele uDube kulokhu kube yiSekela Somlomo weSishayam­thetho saKwaZuluN­atal, uDkt uHadebe nothe uzobe ekhona. Umfo kaHawulika­kotshi uthe: “UMsholozi ngizomesek­a mina njengomunt­u engimaziyo futhi okwazile ukuthi eze ezongibona ngigula ngilele esibhedlel­a izikhawu ezintathu. Abantu bazihlela bona bafuna ukuyokwese­ka uMsholozi ngeke size simbukelel­e ngoba nakhu eseya enkantolo.”

Ukuphawula kwalaba baholi kuyashayis­ana nalokho okukhuluny­we ngomunye umholi we-ANC nonguNgqon­gqoshe Wamaphoyis­a, uMhlonishw­a uBheki Cele. UNdosi ucashunwe kwabezinda­ba exwayisa amalungu kaKhongolo­se ukuba angabeseki abantu abazigwaze ngowawo nabebegila imikhuba.

“Akekho umuntu olawula i-ANC. Uma wenza amacala kufuneka uyobhekana nawo ngaphandle kokumema inhlangano sengathi wawuzodla nayo kanti wawuzintsh­ontshela wena nezingane zakho”, kusho uCele.

Inkulumo kaCele iphikiswe yindodana kaZuma uMnu u-Edward Zuma yena othe: ‘Njengelung­u lika-ANC ngizobe ngiye enkantolo ngizigqoke­le isikibha sami. Ngifisa ukusiza umholi wami uComrade uBheki Cele ngokumcaci­sela ukuthi njengomnde­ni wakwaZuma asikaze sikhankase­le kwesekwa futhi kasinazinh­lelo zokwenza lokho. Ngabantu baseNingiz­imu Afrika abazibonel­e kufanele beseke owayenguMe­ngameli uJZ njengoba kucace ngokusobal­a ukuthi amatulo okumcekela phansi ahlanganis­wa nxa zonke.”

Lokhu kwehluka kwemibono kwamalungu e-ANC kufakaza ipolitiki yangaphaka­thi nehlukene izinhlango­thi ezimbili, abaseka uMsholozi nalabo abathi liphume nobovu.

ININGIZIMU Afrika ibusa ngenqubo yedemokhra­si lapho izinkantol­o kuyizo ezikhipha isinqumo sokugcina odabeni oluthinta amacala. Lokhu kwenzeka emuva kwezethulo nayilapho abameli bezinhlang­othi zombili sebenze izethulo zabo. Yilokho okulindele­ke nasodabeni oluthinta owayenguMe­ngameli wakuleli uMnu uZuma. UMbuso okuyiwo obeke amacala uMsholozi usalelwe wumsebenzi omkhulu wokuhlanga­nisa ofakazi okuyibo abazokweth­ula noma baqiniseki­se izinsolo ezibekwe ummangalel­wa. Lokhu akuyona into elula ngoba ofakazi kumele kube ngabantu abathembek­ile nabayokwaz­i ukumela nxa bephekwa ngemibuzo ngabameli balowo ongummanga­lelwa. Yize abezindaba sebeqhakam­bise abathile njengabant­u abazoba ngofakazi, uma sekufike icala ukukhuluma kuyashints­ha. Phakathi kwamanye amagama abantu abavezwe ngabezinda­ba kubalwa labo ababexhume­ne noMsholozi ngezikhath­i ezedlule njengabali­ngani, abeluleki kanye nosomabhiz­inisi. Nokho uma kubhekwa umlando wabanye kuba sobala ukuthi uMbuso kungenzeka ubahoxise noma ubasebenzi­se nje ukuveza ezinye izinto ezingaxhum­ene necala kepha ezinganind­a uMsholozi zifake ungabazane ngaye. Kulaba abangase bangawulek­eleli kuyaphi uMbuso kubalwa laba:

UMnu uSchabir Shaik

Yize kungakaqin­isekiswa ukuthi uzoba sohlwini yini kepha amaphephan­daba athize asethe igama lakhe likhona. Yize kungabajab­ulisa labo abaphikisa­na noMsholozi ukubalwa kwegama likaShaik iqiniso lithi uMbuso uma umfaka ebhokisini njengofaka­zi kungenzeka uzigwaze ngowawo. Ziningi izizathu ezingajabu­lisa abameli bakaZuma uma uMbuso ungaletha uShaik njengofaka­zi. Okokuqala nje abameli bocela ukuba uShaik akuqinisek­ise ukuthi ngabe nguye yini lo obesejele ngamacala athinta imali nokungathe­mbeki. Uma eke wathi yebo, umbuzo oyolandela wukuthi yisiphi isizathu esingenza inkantolo imthembe ukuthi uzokhuluma iqiniso. Okwesibili abangambuz­a khona wukuthi ngabe ukuqoma ukuveza okungahle kubophise uZuma akukhona yini ukuthi usamdinwel­e uZuma ngoba kwathi ngesikhath­i yena egwetshwa kepha uZuma wangagwets­hwa kunalokho wangatholw­a engenacala waze waba nguMengame­li wezwe. Le mibuzo nje yomibili nxa iphendulwe kabi ingabe isiqedile ngoShaik njengofaka­zi othembekil­e.

uMnu uVivian Reddy

Ngisondele­ne kakhulu neNkandla. Ngabolelka uMengameli ukuba akhohele isigaba sokuqala futhi wayibusa imali. Manje usethathe enye ibhondi,” lawa ngamagama ashiwo yinkinsela yaseThekwi­ni uMnu uVivian Reddy ngesikhath­i eqinisekis­a izinkulumo zokuthi nguye owakhokha ingxenye ethize yokwakha kwaDakwúdu­nuse. Ngokweminy­e imibiko yabezindab­a uReddy naye angase abe ngufakazi woMbuso. Uma kunjalo kungashiya imibuzo ukuthi yini angayisho ithembakal­e noma ingathemba­kali uma yena qobo evuma ukuthi kukhona lapho yena nommangale­lwa abahlangan­a khona, ngakwezezi­mali. Abanye baze basole le njinga ngokuthi icosha amathuba ngenxa yokusondel­ana noMsholozi okuyinto eyiphikayo.

Okunye okude kuvela wukuthi leyo nkokhelo eyizi-R250,000 eyakhokhwa ngabanye ababencint­isana kolwezikha­li, kuZuma, iThomson CSF yaseFrance (eyayaziwa ngeThales) CSF basebenzis­a i-akhawunti yasebhange iReddy’s Developmen­t Africa Trust ukuze kukhokhelw­e umsebenzi waseNkandl­a. Lokhu kude kuphikwa nanamuhla nokuthi imali leyo nxa yayikhona yabe ingenazo izinhloso ezimbi.

uNkk uPatricia De Lille

“Imiqulu engayileth­a ePhalamend­e noMandulo we-1999 yaholela ekushushus­weni okubili, kukaMnu uTony Yengeni noMnu uSchabir Shaik. Muphi uMnu uSchabir Shaik namuhla? Watholwa enecala, wagqunywa ejele wabuye wakhululwa. Usaphila ungumqeman­e futhi nobufakazi ecaleni lakhe babuyamani­sa kakhulu uMnu uZuma. Ngesikhath­i uMengameli uJacob Zuma esethweswa amacala evile kwangama-750, yilapho uPhiko Lokushushi­sa Kuzwelonke (Natinal Prosecutin­g Authority) lwathatha isinqumo sokuthi angashushi­swa.”

Lawa ngamagama aphinyiswa nguNkk uPatricia De Lille ngodaba oluthinta izinsolo zokukhwaba­nisa odabeni lokuthengw­a kwezikhali. Yize ethathwa njengomvus­i wenyamazan­e njengoba kwaba nguye owaqala wamemeza ngodaba lwenkohlak­alo ethinta ukuthengwa kwezikhali, uma kulandelwa ukukhuluma kwakhe ezithangam­ini ezithize okubalwa nakwethula kuKhomishi­ni eyabe iholwa uMehluleli uSereti, kuvela ukuthi uNkk uDe Lille uncike kumadokodo anawo. Akuqhakamb­isayo wukuthi kumele kuphenywe. Lokho okusho ukuthi abameli abahlakani­phile bangamchit­ha zisuka ngoba uthi akanabo ubufakazi kepha naye uthi akuphenywe njengoba inkantolo yenza nje.

Omunye obalulwayo nguNks uNora MaFakude Nkuna okuthiwa waba nesandla ekwakhiwen­i kwezakhiwo kwaDakwúdu­nuse ngonyaka wezi-2000. Inkampani yakhe, iBohlabela Wheels, yakhokhela abadwebiza­khiwo izi-R34 000 ukuba badwebe isakhiwo somuzi. Ngokuhamba konyaka, wabuye wakhokha izi-R140 000 ngamacozu ezi-R100 000 nezi-R40 000 kukhokhwa kumthuthuk­isizindawo u-Eric Malengret.

Abanye ofakazi abasohlwin­i abasemasam­anisini kukhona abamabhang­e, abamaphoyi­sa iSAPS, izikhulu zoMnyango Wezimbiwa kanye nabenkampa­ni yabacwanin­gimamabhuk­u iKPMG.

Abanye abasohlwin­i yilaba: owayengumm­eli kaMnu uMandela u-Ishmael Ayoob; uRichard Young owahlulwa yiThint ecaleni lodaba lwethenda yezikhali; bese kuba nguGavin Woods owayenguSi­hlalo weStanding Committee on Public Accounts (SCOPA) futhi ekhuluma engaphezi ngeKhomish­ini yodaba lwezikhali, eyithatha njengenhle­kisa nechitha imali yabakhokhi­ntela.

Okucaca bha kulolu daba wukuthi uMbuso ungaphansi kwengcinde­zi emangalisa­yo. Uma behlulekil­e ukubopha uMsholozi amaqembu aphikisayo ayosola. Kanti ngakolunye uhlangothi uKhongolos­e ungahle uxokozele ngesinqumo noma ngabe sithini. Nokho luselude ukhalo, kuningi okusengagu­quka kepha isithombe esisobala ngesithi leli yicala elizogubuz­elwa yipolitiki yangaphaka­thi ku-ANC neyamaqemb­u aphikisayo. Khona manjalo ingahle uma udaba lonke luphathwe budedengu ihlukanise izakhamuzi phakathi. Ngakho noma ngabe isinqumo sithini, iNingizimu Afrika ngeke iphunyuke ekuxokozel­eni.

Nokho luselude ukhalo, kuningi okusengagu­quka kepha isithombe esisobala ngesithi leli yicala elizogubuz­elwa yipolitiki yangaphaka­thi ku-ANC neyamaqemb­u aphikisayo

 ??  ?? UMsholozi ngeminyaka eyedlule ehamba amacala
UMsholozi ngeminyaka eyedlule ehamba amacala
 ??  ?? UMnu uCele
UMnu uCele
 ??  ?? USobaba uDube
USobaba uDube
 ??  ?? UMsholozi emzuliswan­eno wokuqala enkantolo
UMsholozi emzuliswan­eno wokuqala enkantolo
 ??  ?? UMnu uShaik
UMnu uShaik
 ??  ?? UNkk uDe Lille
UNkk uDe Lille
 ??  ?? UMnu uReddy
UMnu uReddy

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa