UMZULISWANO WESIBILI
Uma engaphunyuka uMbuso nabathile ku-ANC bayoswela umgodi Kungani abanye ofakazi bengeke bawusize uMbuso Noma ngabe sithini isinqumo izwe lizoxokozela Abanye bayaya abanye abayi enkantolo
UMHLA ziyisi-6 kuMbasa unomlando ongemuhle kulabo ababecindezelwe eNingizimu Afrika. Kungalolu suku lapho umkhumbi wenkampani iDutch East Indian Company watheleka endaweni abokufika abayibiza ngeCape of Good Hope namuhla esibizwa ngeCape Town. Kulo mkhumbi owatheleka ngonyaka we-1652 phakathi kwabagibeli kwakukhona uMnu Johan Anthoniszoon “Jan” van Riebeeck. Yiyo le nsizwa iningi losomlando kanye naboHlanga abayisola ngokuthi ukufika kwayo kwaguqula umlando waboHlanga kuleli kwadala izinkinga nezaholela ekuthini aboHlanga babe yizicelankobe nezinkothangqoko ezweni labo.
Namuhla umhla ziyisi-6 kuMbasa uzongena emlandweni njengosuku lapho okokuqala ngqa emlandweni owabe enguMengameli wezwe kanye neqembu elibusayo, uMnu uZuma endonselwa enkantolo ngamacala ahlanganisa phakathi kokunye inkohlakala. Yize kungekhona okokuqala ukuba lo mholi avele phambi kwenkantolo kukhona ukuvumelana ukuthi okwakamuva kwehlukile. Ngonyaka wezi-2005 lo mholi kwaphoqeleka ukuba akhishwe esikhundleni sokuba yiSekela Mengameli wezwe emuva kokuvela kwezindaba zokuthi uzobekwa amacala. Sekungumlando ukuthi wagcina engaboshwanga kepha owakhalelwa ngamasongo kwaba yilowo owabe ezibiza ngomeluleki wakhe kwezezimali uMnu uSchabir Shaik.
Ukuvela kwakhe enkantolo ngaleyo minyaka kwakuphenduka umbukiso njengoba amakhulu ngamakhulu amalungu nabalandeli be-ANC nalabo ababedlelana nayo kanye namalungu omphakathi babegcwala izitaladi beseka iqhawe labo. Empeleni kwase kuyifeshini nakubaholi ukubonakala eduze kukaMsholozi noma lapho kuthethwa khona icala. Abanye babaholi baduma lapho ngenxa yezinkulumo zabo ezabe zeseka uMsholozi zijivaza labo ababe banuka ngetulo lokuginga ingqwele yabo. Umholi weEconomic Freedom Fighters ngaleso sikhathi owayehola uVukayibambe (ANCYL) washo emini libalele ukuthi yena nentsha kaKhongolose ‘bangadla umuntu ngoZuma’ nokwathusa abaningi. Abanye abaholi abaduma kwaba nguNobhala Jikelele wamaKhomanisi aseNingizimu Afrika, uDkt uBlade Nzimande wagxeka abezindaba ngokushushisa uMsholozi ngoba befuna ukuqoka owabo uMengameli. Wathi abezindaba bakwenza lokhu ngokugxambukela ezindabeni ze-ANC. Khona lapho uNzimande wagxeka abahlaziyi ngokuthuka uMsholozi bembiza ngesigebengu. Omunye umholi owayeseqhulwini lwalabo ababe vikela uZuma nguMnu uVavi ngaleso sikhathi owayenguNobhala womfelandawonye wabasebenzi iCosatu. UVavi wayefanisa uZuma negagasi elihamba nesishingishane iNtsunami elingeke linqandwe ngumuntu. Konke lokhu ngokwayizolo namuhla ukukhuluma kungokunye.
Ipolitiki namacala
Yize lokhu kuyinto evamile ukuthi umsolwa ame phambi kwenkantolo nokuyiyo enquma ngaye, okukaMsholozi kubukeka kuzokwehluka. Zonke izinhlangothi labo abathi akashushiswe nalabo abamesekayo udaba lwamacala sebeluphendule ipolitiki. Lapha akuwona amaqembu aphikisayo kuphela enza njalo kepha nabathile ngaphakathi kuKhongolose nakubalingani benza okufanayo. Aphikisayo azolisebenzisa leli cala njengobufakazi bokuthi iqembu elibusayo liyisidleke senkohlakalo nezikhohlakali kusuka kuMengameli wayo. Lokhu bayokwenza ngenhloso yokudodobalisa imikhankaso yeANC yokuzibumba kabusha emva kwenkomfa. Kanti kulabo be-ANC abathi uMsholozi akaye ezikhindini, iningi labo ngabantu ababemeseka nasebembuka ngamanye amehlo emuva kweminyaka eli-9 aba nguMengameli wezwe nokaKhongolose. Laba baphumelele ukuthi emizamweni yabo yokuqhelisa uMsholozi eqenjini njengoba bakwazi ukwenza inhlangano ithathe isinqumo sokuthi kungabi khona muntu ozoya enkantolo ukuyoseka uMsholozi emele inhlangano.
Nokho lesi sinqumo sihumusheke ngezindlela ezahlukene njengoba kukhona amalungu aleli qembu athe wona kumnyama kubovu azoya komeseka uMsholozi. Loyo oyilungu leSishayamthetho KwaZuluNatal nobuye abe ngumholi webandla i-Ethekwini Community Church, uSobaba uDube uthe akukho okuyomvimba ukuba ame ngakuZuma.
“Mina njengomholi wenkolo eThekwini ngaphansi kukaWadi 32 lapho okuzobe kuthethwa khona icala likalowo owayengumengameli wezwe, bengingeke ngithule ngigoqe izandla ngoba nakhu i-ANC isikhulume lokho. Ngikwenza lokhu njengomholi ukuze sikwazi ukulawula isimo kube khona abantu abazobheka ukuthi konke kuhamba ngendlela. Sikholelwa ekutheni akashiwo umuntu ukuthi unecala ngaphambi kokuthi inkantolo ikhiphe isinqumo. Sizomeseka uMsholozi kuze kube sekugcineni kanjengoba thina makholwa sikholelwa ekutheni noma umuntu esejele kumele simvakashele sikhuleke naye simnikeze ithemba,” kuchaza uSobaba uDube.
Omunye osekele uDube kulokhu kube yiSekela Somlomo weSishayamthetho saKwaZuluNatal, uDkt uHadebe nothe uzobe ekhona. Umfo kaHawulikakotshi uthe: “UMsholozi ngizomeseka mina njengomuntu engimaziyo futhi okwazile ukuthi eze ezongibona ngigula ngilele esibhedlela izikhawu ezintathu. Abantu bazihlela bona bafuna ukuyokweseka uMsholozi ngeke size simbukelele ngoba nakhu eseya enkantolo.”
Ukuphawula kwalaba baholi kuyashayisana nalokho okukhulunywe ngomunye umholi we-ANC nonguNgqongqoshe Wamaphoyisa, uMhlonishwa uBheki Cele. UNdosi ucashunwe kwabezindaba exwayisa amalungu kaKhongolose ukuba angabeseki abantu abazigwaze ngowawo nabebegila imikhuba.
“Akekho umuntu olawula i-ANC. Uma wenza amacala kufuneka uyobhekana nawo ngaphandle kokumema inhlangano sengathi wawuzodla nayo kanti wawuzintshontshela wena nezingane zakho”, kusho uCele.
Inkulumo kaCele iphikiswe yindodana kaZuma uMnu u-Edward Zuma yena othe: ‘Njengelungu lika-ANC ngizobe ngiye enkantolo ngizigqokele isikibha sami. Ngifisa ukusiza umholi wami uComrade uBheki Cele ngokumcacisela ukuthi njengomndeni wakwaZuma asikaze sikhankasele kwesekwa futhi kasinazinhlelo zokwenza lokho. Ngabantu baseNingizimu Afrika abazibonele kufanele beseke owayenguMengameli uJZ njengoba kucace ngokusobala ukuthi amatulo okumcekela phansi ahlanganiswa nxa zonke.”
Lokhu kwehluka kwemibono kwamalungu e-ANC kufakaza ipolitiki yangaphakathi nehlukene izinhlangothi ezimbili, abaseka uMsholozi nalabo abathi liphume nobovu.
ININGIZIMU Afrika ibusa ngenqubo yedemokhrasi lapho izinkantolo kuyizo ezikhipha isinqumo sokugcina odabeni oluthinta amacala. Lokhu kwenzeka emuva kwezethulo nayilapho abameli bezinhlangothi zombili sebenze izethulo zabo. Yilokho okulindeleke nasodabeni oluthinta owayenguMengameli wakuleli uMnu uZuma. UMbuso okuyiwo obeke amacala uMsholozi usalelwe wumsebenzi omkhulu wokuhlanganisa ofakazi okuyibo abazokwethula noma baqinisekise izinsolo ezibekwe ummangalelwa. Lokhu akuyona into elula ngoba ofakazi kumele kube ngabantu abathembekile nabayokwazi ukumela nxa bephekwa ngemibuzo ngabameli balowo ongummangalelwa. Yize abezindaba sebeqhakambise abathile njengabantu abazoba ngofakazi, uma sekufike icala ukukhuluma kuyashintsha. Phakathi kwamanye amagama abantu abavezwe ngabezindaba kubalwa labo ababexhumene noMsholozi ngezikhathi ezedlule njengabalingani, abeluleki kanye nosomabhizinisi. Nokho uma kubhekwa umlando wabanye kuba sobala ukuthi uMbuso kungenzeka ubahoxise noma ubasebenzise nje ukuveza ezinye izinto ezingaxhumene necala kepha ezinganinda uMsholozi zifake ungabazane ngaye. Kulaba abangase bangawulekeleli kuyaphi uMbuso kubalwa laba:
UMnu uSchabir Shaik
Yize kungakaqinisekiswa ukuthi uzoba sohlwini yini kepha amaphephandaba athize asethe igama lakhe likhona. Yize kungabajabulisa labo abaphikisana noMsholozi ukubalwa kwegama likaShaik iqiniso lithi uMbuso uma umfaka ebhokisini njengofakazi kungenzeka uzigwaze ngowawo. Ziningi izizathu ezingajabulisa abameli bakaZuma uma uMbuso ungaletha uShaik njengofakazi. Okokuqala nje abameli bocela ukuba uShaik akuqinisekise ukuthi ngabe nguye yini lo obesejele ngamacala athinta imali nokungathembeki. Uma eke wathi yebo, umbuzo oyolandela wukuthi yisiphi isizathu esingenza inkantolo imthembe ukuthi uzokhuluma iqiniso. Okwesibili abangambuza khona wukuthi ngabe ukuqoma ukuveza okungahle kubophise uZuma akukhona yini ukuthi usamdinwele uZuma ngoba kwathi ngesikhathi yena egwetshwa kepha uZuma wangagwetshwa kunalokho wangatholwa engenacala waze waba nguMengameli wezwe. Le mibuzo nje yomibili nxa iphendulwe kabi ingabe isiqedile ngoShaik njengofakazi othembekile.
uMnu uVivian Reddy
Ngisondelene kakhulu neNkandla. Ngabolelka uMengameli ukuba akhohele isigaba sokuqala futhi wayibusa imali. Manje usethathe enye ibhondi,” lawa ngamagama ashiwo yinkinsela yaseThekwini uMnu uVivian Reddy ngesikhathi eqinisekisa izinkulumo zokuthi nguye owakhokha ingxenye ethize yokwakha kwaDakwúdunuse. Ngokweminye imibiko yabezindaba uReddy naye angase abe ngufakazi woMbuso. Uma kunjalo kungashiya imibuzo ukuthi yini angayisho ithembakale noma ingathembakali uma yena qobo evuma ukuthi kukhona lapho yena nommangalelwa abahlangana khona, ngakwezezimali. Abanye baze basole le njinga ngokuthi icosha amathuba ngenxa yokusondelana noMsholozi okuyinto eyiphikayo.
Okunye okude kuvela wukuthi leyo nkokhelo eyizi-R250,000 eyakhokhwa ngabanye ababencintisana kolwezikhali, kuZuma, iThomson CSF yaseFrance (eyayaziwa ngeThales) CSF basebenzisa i-akhawunti yasebhange iReddy’s Development Africa Trust ukuze kukhokhelwe umsebenzi waseNkandla. Lokhu kude kuphikwa nanamuhla nokuthi imali leyo nxa yayikhona yabe ingenazo izinhloso ezimbi.
uNkk uPatricia De Lille
“Imiqulu engayiletha ePhalamende noMandulo we-1999 yaholela ekushushusweni okubili, kukaMnu uTony Yengeni noMnu uSchabir Shaik. Muphi uMnu uSchabir Shaik namuhla? Watholwa enecala, wagqunywa ejele wabuye wakhululwa. Usaphila ungumqemane futhi nobufakazi ecaleni lakhe babuyamanisa kakhulu uMnu uZuma. Ngesikhathi uMengameli uJacob Zuma esethweswa amacala evile kwangama-750, yilapho uPhiko Lokushushisa Kuzwelonke (Natinal Prosecuting Authority) lwathatha isinqumo sokuthi angashushiswa.”
Lawa ngamagama aphinyiswa nguNkk uPatricia De Lille ngodaba oluthinta izinsolo zokukhwabanisa odabeni lokuthengwa kwezikhali. Yize ethathwa njengomvusi wenyamazane njengoba kwaba nguye owaqala wamemeza ngodaba lwenkohlakalo ethinta ukuthengwa kwezikhali, uma kulandelwa ukukhuluma kwakhe ezithangamini ezithize okubalwa nakwethula kuKhomishini eyabe iholwa uMehluleli uSereti, kuvela ukuthi uNkk uDe Lille uncike kumadokodo anawo. Akuqhakambisayo wukuthi kumele kuphenywe. Lokho okusho ukuthi abameli abahlakaniphile bangamchitha zisuka ngoba uthi akanabo ubufakazi kepha naye uthi akuphenywe njengoba inkantolo yenza nje.
Omunye obalulwayo nguNks uNora MaFakude Nkuna okuthiwa waba nesandla ekwakhiweni kwezakhiwo kwaDakwúdunuse ngonyaka wezi-2000. Inkampani yakhe, iBohlabela Wheels, yakhokhela abadwebizakhiwo izi-R34 000 ukuba badwebe isakhiwo somuzi. Ngokuhamba konyaka, wabuye wakhokha izi-R140 000 ngamacozu ezi-R100 000 nezi-R40 000 kukhokhwa kumthuthukisizindawo u-Eric Malengret.
Abanye ofakazi abasohlwini abasemasamanisini kukhona abamabhange, abamaphoyisa iSAPS, izikhulu zoMnyango Wezimbiwa kanye nabenkampani yabacwaningimamabhuku iKPMG.
Abanye abasohlwini yilaba: owayengummeli kaMnu uMandela u-Ishmael Ayoob; uRichard Young owahlulwa yiThint ecaleni lodaba lwethenda yezikhali; bese kuba nguGavin Woods owayenguSihlalo weStanding Committee on Public Accounts (SCOPA) futhi ekhuluma engaphezi ngeKhomishini yodaba lwezikhali, eyithatha njengenhlekisa nechitha imali yabakhokhintela.
Okucaca bha kulolu daba wukuthi uMbuso ungaphansi kwengcindezi emangalisayo. Uma behlulekile ukubopha uMsholozi amaqembu aphikisayo ayosola. Kanti ngakolunye uhlangothi uKhongolose ungahle uxokozele ngesinqumo noma ngabe sithini. Nokho luselude ukhalo, kuningi okusengaguquka kepha isithombe esisobala ngesithi leli yicala elizogubuzelwa yipolitiki yangaphakathi ku-ANC neyamaqembu aphikisayo. Khona manjalo ingahle uma udaba lonke luphathwe budedengu ihlukanise izakhamuzi phakathi. Ngakho noma ngabe isinqumo sithini, iNingizimu Afrika ngeke iphunyuke ekuxokozeleni.
Nokho luselude ukhalo, kuningi okusengaguquka kepha isithombe esisobala ngesithi leli yicala elizogubuzelwa yipolitiki yangaphakathi ku-ANC neyamaqembu aphikisayo