Izizathu eziguqise uMasipala iNkosazana Dlamini Zuma
SELIDUME lawuthatha uMasipala iNkosazana Dlamini Zuma ngaphansi kwesifunda iHarry Gwala osufakwe ngaphansi koMlawuli ngenxa yokungaziphathi kahle kwamakhansela aloMkhandlu, athatha izinqumo eziphazamisa ukuthunyelwa kwezidingo kubantu.
Lesi sinqumo sokuhlakazwa kwaloMkhandlu sithathwe ubuholi obuphezulu besifundazwe obebuholwa uNdunankulu uMnu uWillies Mchunu. Emuva kwalokho uMphathiswa woMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu uNkk uNomusa umaDube Ncube ube esekhipha isitatimende ngoLwesithathu esiqinisekisa ukuhlakaza loMasipala ube sezandleni zomlawuli. Okuvelile kulesi sitatimende ukuthi uMasipala iNDZ uhlulekile ukuvala izikhala zokuqasha izikhulu eziphezulu okubalwa neMeneja yoMkhandlu. Lokhu kungaqashwa kwabantu abafanelekile kwenza kuphazamiseke ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini.
“Umsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi bonke omasipala basebenza ngendlela eyiyo kuso sonke isifundazwe. Ngeke sikwazi ukubekezelela ukungaziphathi ngendlela kwamakhansela alo Masipala aphula umthetho nenqubo mgomo yokuphathwa koMkhandlu. Yingakho sithathe lesi sinqumo sokuthi singenelele,” kuphawula umaDube Ncube.
Uqhube wathi, “Lesi sinqumo sizothumela umlayezo emphakathini wokuthi uHulumeni ngeke aze akuvumele kube namakhansela nabasebenzi abangabeki eqhulwini ukusebenza kahle koMkhandlu kodwa bezicabangela bona. Kuzomele kukhunjulwe ukuthi abantu babeke ithemba labo kithi ngokuthi benikezwe izidingongqangi zabo.”
Kusolakala amakhansela aloMkhandlu angaziphethe kahle, angafuni ukuphathwa. Uma kuqashwa afuna kuqashwe umuntu ofunwa yiwo ukuze amphathe, amkhombe ukuthi akenze lokho okufunwa yiwo. Kuthiwa anesandla ekuqashweni kwabantu abangafundile abangenazo iziqu zalowo msebenzi, kukhishwe abantu okufanelekile ukuthi basebenze ngoba bengahambisani nezifiso zawo amakhansela bese kuthiwa abaxoshwe.
Ziningi izigameko ezishaqisayo esezike zenzeka kulesi sifunda okuhlanganisa nezokuqothana ngenhlamvu kosopolitiki. Ngonyaka odlule kubulawe uMnu uSindiso Magaqa owabe eyikhansela ngoba kusolwa ukuthi wayelwisana nenkohlakalo kwabanye ozakwabo.
Kuphinde kwabulawa isisebenzi salomasipala uMnu uNathi Ngcobo endaweni yase Nkumba eduze kwase Bulwer. Lokhu kubulawa kwakhe kwenzeka endaweni eseduze nasekhaya lakhe.
UMnu uDumisani Vilakazi nguyena oqashelwe ukuba abe umlawuli kulo Masipala. Kuvela ukuthi useke wasebenza koMasipala abaningi futhi unamava okuba imeneja yoMkhandlu nesisebenzi kuMasipala. Uqashelwe ukuthi azobuyisa uzinzo kuloMasipala , nokuqhamuka namasu okulungisa lomonakalo. Uzophinda ahlole zonke izinqumo ezike zathathwa umkhandlu phamilini, ahlole nokuthi ngabe lezi zinqumo zazithathwa ngokulandela umthetho wokuphathwa komasipala yini.
IMeya uNkk uNgeneleni Mncwabe ikuqinisekisile ukuthi uMkhandlu usungaphansi kweso lomlawuli. Iveze nokuthi umasipala awuhlakaziwe kodwa konke sekwenzeka ngaphansi kweso lomlawuli. “Kuyiqiniso ukuthi sihlulekile singamakhansela ukuthatha izinqumo zokuphatha ngendlela umasipala, ikakhulukazi uma kuthintwa udaba lokuqashwa kwezikhulu eziphezulu zomkhandlu okubalwa nemeneja yawo. Sikwenzile konke obekufanele sikwenze kodwa besingavumelani kulolu daba lokuqashwa kuka meneja kamasipala. IMeneja ekhona manje uMnu uVezi ubambile ngenxa yokuthi wayekhona ngesikhathi kungena umkhandlu omusha ngonyaka wezi-2016. Umthetho uthi kumele anikezwe izinyanga eziyi -12 ngaphambi kokuthi kuphele inkontileka yakhe yokusebenza. Umkhandlu ube usumelulela ngezinyanga ezimbili zaphela. Sibe sesibhalela uMphathiswa ukuthi aselulele inkontileka yakhe ngenyanga eyodwa kodwa ube esemunikeza izinyanga ezintathu. Kumanje ukhona uyaqhubeka nokusebenza njengomeneja womkhandlu obambile,” kuphawula uMeya uMncwabe.
IMeneja ebambile uMnu uNkosiyezwe Vezi ithe, “Ngibhekene nobunzima bokusebenza phansi kwenzondo enkulu ebhekiswe kimina neMeya uKhansela Ngeneleni Mncwabe ngenxa yomona wempumelelo yomsebenzi wethu emphakathini. Kuyinto eyaziwayo ukuthi kangizwani nemikhonyovu ngakho kukhona abafuna ukungiphazamisa khona bezozitika ngezimali zomphakathi bagange ngezimoto, baqashane ngobungani baphendule umasipala isigodi sangakubo.
Abanye abantu abangobhongoza kulenzondo ngabaxoshwa emsebenzini ngoba benze amacala amabi manje sebesebenzisa ithuba lokuziphindiselela.”
Uthe kuyiqiniso futhi ukuthi izinkinga ze-ANC zokwahlukana phakathi esifundeni iHarry Gwala zinomthelela omkhulu kwinkinga ekhona eNDZ. Uqhubeka wathi lezi zinkinga ziyaziwa ukuthi sezikhiphe izidumbu kulesifunda sethu.
“Labo ababanga izikhundla zokuphatha bafuna ukusebenzisa umasipala iNDZ njenomthombo wezimali zokukhokhela izindleko zomkhankaso wabo. Lokho kangisoze ngakuvuma ngoba umasipala yisakhiwo somphakathi kakuyona into yokudlala bona, umthetho welizwe ubeke mina njengomphathi wezimali ngakho kakukho muntu ozodla izimali ngisaphathe.
Umasipala wethu usebenza ngobuqotho kakhulu, kanti lokho sekungibangele inzondo enkulu kwabanye kulendawo ngoba ngesikhathi wakhiwa babenomqondo wokuthi kuzoba yifa labo lokuzicebisa manje bayabona ukuthi kababuzanga elangeni,” kuphawula uVezi