Bayede

Umphakathi usola iNkosi ngokudayis­a umhlaba wesikole

- NguCEBO BUTHELEZI buthelezic@ingabadime­dia.com

UDIDEKILE umphakathi waseMaqong­qo ngendlela uBukhosi obusingeth­e ngayo udaba lokuthuthu­kiswa komphakath­i njengoba usola iNkosi ngokufaka abantu ukuthi bakhe endaweni ebihlelelw­e ukwakhiwa kwesikole.

Umphakathi usola iNkosi uNhlakanip­ho Maphumulo ephethe eMaqongqo ngaphansi kukaWadi 1 kuMasipala uMkhambath­ini eMgungundl­ovu. Ngonyaka odlule iNkosi kuthiwa yasayina isivumelwa­no noMnyango Wezemfundo ukuthi iyanikela ngomhlaba wokwakha isikole samabanga aphansi kule ndawo. Ngokuqhube­ka kwesikhath­i kubonakale abantu sebakha imizi kule ndawo. Umphakathi uqale ukudideka ngalesi simo ngoba ubusunethe­mba lokuthi sekuzokwan­da ingqalasiz­inda kuphucuke nesimo sezemfundo. Konke lokhu kwenzeka nje amalungu omphakathi awavumelek­ile ukuthi akhe kule ndawo kusolakala ukuthi kusuka abantu abaqhamuka kwezinye izindawo bezokwakha kule ndawo.

Iyisithuph­a imizi eseyakhiwe kulo mhlaba.

Kunamalung­u omphakathi alusukumel­e lolu daba okumanje aselubike nasebuholi­ni beNdlu YoMdabu esifundazw­eni ukuzama ukuthola isisombulu­lo ngalo. Elinye lamalungu asebenza lolu daba elicele ukungadalu­lwa ngenxa yokuthola ukwesatshi­swa nezinsongo likhale ngokuthi kusobala ukuthi iNkosi ayihambisa­ni nentuthuko.

“Uma kuwukuthi iNkosi iyawuthand­a umphakathi kanye nesizwe sayo kungani ivimba intuthuko yesikole ebesizosiz­a izingane zethu. Kumanje siyasatshi­swa ngokubulaw­a ngoba sisebenza lona lolu daba ngeke size sithule sibona kuvinjwa into ezokwakha ikusasa lesizwe.”

INkosi uMaphumulo igxeke lamalungu omphakathi yathi yidlanzana labantu abathile abangafiki­le ngisho eshumini abazama ukudunga umphakathi nesizwe befuna ukufeza izinhloso zabo.

“Lolu daba lokwakhiwa kwesikole akuyona into yamanje, sekuphele iminyaka eyisi-7 noma eyisi-8 ngakhomba le ndawo ukuthi kwakhiwe isikole samabanga aphansi. Laba abakhuluma ngale nto abayazi babengakab­ibikho ngisho kule ndawo. Induna eyayikhona iphethe kule ndawo iyona ebeke abantu eminyakeni emithathu edlule leyo nduna isiyashona. Le ndawo okukhuluny­wa ngayo isiqeshana esingewona ngisho nohhafu wenkundla yebhola. Into engiyaziyo ukuthi ikhona indawo elindele ukuthi kwakhiwe kuyo isikole eStingini lapho kunomhlaba ovulekile ngoba isikole sidinga indawo enkulu neyanele ukwakha amagumbi nezinye izinto ezidingeka­yo kuso. Bazama ukuxova izwe laba. Babize umhlangano lapho bekuzoba khona noCOGTA ngoba udaba base belubike khona kwaze kwaphela amahora amabili bengafiki. Angibazi ukuthi laba bantu bafunani ngoba bahlulekil­e ukufika emhlanganw­eni okuyibo ababenqume isikhathi sawo manje bagijima baya emaphephen­i.”

INkosi uMaphumulo ibe isiphetha ngokuthi zikhona izikole zamabanga aphansi kule ndawo zine uma sezizonke. “Kuliqiniso ukuthi uHulumeni akanayo imali yokwakha izikole kodwa wathumela abahloli ukuba bezobheka ukuthi ngabe lezi zikole ezikhona ziyakwazi yini ukumumatha umthamo wabafundi okhona. Nebala bathola ukuthi zingakwazi izingane nokuqhubek­a nokufunda kube kusalindwe ukuthi kwakhiwe lesi esinye.”

Okhulumela uMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal uMnu uMuzi Mahlambi uthe udaba olufana nalolu belungakaf­iki eMnyangwen­i.

“Uma kuwukuthi bekunezivu­melwano ebesinazo noBukhosi mayelana nomhlaba wokwakha isikole kuzomele silubukele eduze sibone ukuthi siqhamuka nasiphi isisombulu­lo esingasisa phambili.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa