Umphakathi usola iNkosi ngokudayisa umhlaba wesikole
UDIDEKILE umphakathi waseMaqongqo ngendlela uBukhosi obusingethe ngayo udaba lokuthuthukiswa komphakathi njengoba usola iNkosi ngokufaka abantu ukuthi bakhe endaweni ebihlelelwe ukwakhiwa kwesikole.
Umphakathi usola iNkosi uNhlakanipho Maphumulo ephethe eMaqongqo ngaphansi kukaWadi 1 kuMasipala uMkhambathini eMgungundlovu. Ngonyaka odlule iNkosi kuthiwa yasayina isivumelwano noMnyango Wezemfundo ukuthi iyanikela ngomhlaba wokwakha isikole samabanga aphansi kule ndawo. Ngokuqhubeka kwesikhathi kubonakale abantu sebakha imizi kule ndawo. Umphakathi uqale ukudideka ngalesi simo ngoba ubusunethemba lokuthi sekuzokwanda ingqalasizinda kuphucuke nesimo sezemfundo. Konke lokhu kwenzeka nje amalungu omphakathi awavumelekile ukuthi akhe kule ndawo kusolakala ukuthi kusuka abantu abaqhamuka kwezinye izindawo bezokwakha kule ndawo.
Iyisithupha imizi eseyakhiwe kulo mhlaba.
Kunamalungu omphakathi alusukumele lolu daba okumanje aselubike nasebuholini beNdlu YoMdabu esifundazweni ukuzama ukuthola isisombululo ngalo. Elinye lamalungu asebenza lolu daba elicele ukungadalulwa ngenxa yokuthola ukwesatshiswa nezinsongo likhale ngokuthi kusobala ukuthi iNkosi ayihambisani nentuthuko.
“Uma kuwukuthi iNkosi iyawuthanda umphakathi kanye nesizwe sayo kungani ivimba intuthuko yesikole ebesizosiza izingane zethu. Kumanje siyasatshiswa ngokubulawa ngoba sisebenza lona lolu daba ngeke size sithule sibona kuvinjwa into ezokwakha ikusasa lesizwe.”
INkosi uMaphumulo igxeke lamalungu omphakathi yathi yidlanzana labantu abathile abangafikile ngisho eshumini abazama ukudunga umphakathi nesizwe befuna ukufeza izinhloso zabo.
“Lolu daba lokwakhiwa kwesikole akuyona into yamanje, sekuphele iminyaka eyisi-7 noma eyisi-8 ngakhomba le ndawo ukuthi kwakhiwe isikole samabanga aphansi. Laba abakhuluma ngale nto abayazi babengakabibikho ngisho kule ndawo. Induna eyayikhona iphethe kule ndawo iyona ebeke abantu eminyakeni emithathu edlule leyo nduna isiyashona. Le ndawo okukhulunywa ngayo isiqeshana esingewona ngisho nohhafu wenkundla yebhola. Into engiyaziyo ukuthi ikhona indawo elindele ukuthi kwakhiwe kuyo isikole eStingini lapho kunomhlaba ovulekile ngoba isikole sidinga indawo enkulu neyanele ukwakha amagumbi nezinye izinto ezidingekayo kuso. Bazama ukuxova izwe laba. Babize umhlangano lapho bekuzoba khona noCOGTA ngoba udaba base belubike khona kwaze kwaphela amahora amabili bengafiki. Angibazi ukuthi laba bantu bafunani ngoba bahlulekile ukufika emhlanganweni okuyibo ababenqume isikhathi sawo manje bagijima baya emaphepheni.”
INkosi uMaphumulo ibe isiphetha ngokuthi zikhona izikole zamabanga aphansi kule ndawo zine uma sezizonke. “Kuliqiniso ukuthi uHulumeni akanayo imali yokwakha izikole kodwa wathumela abahloli ukuba bezobheka ukuthi ngabe lezi zikole ezikhona ziyakwazi yini ukumumatha umthamo wabafundi okhona. Nebala bathola ukuthi zingakwazi izingane nokuqhubeka nokufunda kube kusalindwe ukuthi kwakhiwe lesi esinye.”
Okhulumela uMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal uMnu uMuzi Mahlambi uthe udaba olufana nalolu belungakafiki eMnyangweni.
“Uma kuwukuthi bekunezivumelwano ebesinazo noBukhosi mayelana nomhlaba wokwakha isikole kuzomele silubukele eduze sibone ukuthi siqhamuka nasiphi isisombululo esingasisa phambili.”