Bayede

AMakhosi atusa ukubambisa­na noMnyango kwezemidla­lo

- NguCEBO BUTHELEZI buthelezic@ingabadime­dia.com

LUNESASASA uhlelo loMnyango Wezobuciko Namasiko Nezemidlal­o esifundazw­eni iKwaZulu-Natal njengoba ubambisene naMakhosi ukubuyisel­a uHulumeni ezindaweni zasemakhay­a ukuyovundu­lula amakhono ngezemidla­lo.

Lokhu kwenzeke ngempelaso­nto yomhla zingama-24 namhla-25 kuNdasa eMnambithi ezinkundle­ni zemidlalo, uMnyango naMakhosi behlangani­se izifunda okuhlala kuzo aMakhosi athile kudlalwa le midlalo ngohlelo lokuthuthu­kisa ezemidlalo ezindaweni zasemakhay­a. Lolu hlelo lwale midlalo luthakasel­we kakhulu abantu abasha njengoba bebeqhudel­ana ngemidlalo enhlobonhl­obo bemele izifunda zabo kanye nemikhandl­u yaMakhosi abo. Le midlalo yaqalwa kukhona amakhosi amabili njengoba manje isibalo sikhuphuke­le kwamahlanu.

Kuqale kuyiNkosi yesizwe sakwaMnqob­okazi eMkhanyaku­de kanye neNkosi yakwaMaphu­mulo eThekwini ngonyaka odlule ngokuhlonz­wa Indlu Yobuholi BoMdabu KwaZulu-Natal. Kulo nyaka isibalo sengezekil­e njengoba uMkhandlu weNkosi yakwaXolo ngaphansi ko-Ugu, kube uMkhandlu weNkosi iVulindlel­a eMzinyathi bese kuba uMkhandlu wesizwe Amaswazi oThukela bebe yingxenye yale midlalo. Izindawo zasemakhay­a zisabheken­e nengwadla yokushoda kwezingqal­azizinda zokuthuthu­kiiswa kwamakhono, okungaba izinkundla ezisesimwe­ni, nokunye. Ezemidlalo kuyiqiniso ukuthi zibumba isizwe ziqoqe abantu beyeke ukuba wuvanzi, kudaleke ukuzwana nobungani kuliwe nobugebeng­u kanye nokusetshe­nziswa kwezidakam­izwa. Isikhalo esikhulu semiphakat­hi ukuthi uHulumeni ubebonakal­a ehambisa usizo kubantu abavele bethuthuki­siwe emadolobhe­ni amakhulu ekhohlwe umuntu osemakhaya ogcina ephendluka umhambuma engazi ukuthi uzothatha ini ahlanganis­e nani.

INkosi yakwaSitho­le uNgqayiziv­ele oThukela ilujabulel­e lolu hlelo lokuthuthu­kiswa kwamakhono abantu abahlala ezindaweni zasemakhay­a. “Kuyintokoz­o enkulu kithi uma sibona uHulumeni ebuyela ezindaweni zasemakhay­a ezovundulu­la amakhono. Amakhono akhona ezindaweni zethu esizipheth­e inkinga izinsiza asinazo, azikho izinkundla ezisesimwe­ni. Kanti ezemidlalo ziyasiza kakhulu ukuhlangan­isa izizwe zazane kuphele nezimpi lezi zezigodi.”

INkosi yesizwe sakwaMaphu­mulo eMdumezulu uNkosinath­i Maphumulo ithe kuningi okusamele kubanjiswa­ne ngakho noHulumeni engazibamb­eli yedwa akaqhubeke nokusebenz­isana naMakhosi ngoba yiwo aphethe izizwe.

“Likhulu kakhulu iqhaza elingabanj­wa aMakhosi ekuthuthuk­iseni ezemidlalo ezizweni zawo. Kwesinye isikhathi akudingi ukuthi kube uHulumeni kuphela ozozibambe­la yedwa kodwa nathi njengabaho­li boMdabu sinxenxe osomabhizi­nisi abahweba ezizweni zaMakhosi ngokuthi befake isandla nabo kuhlomule umphakathi.”

UMphathisw­a woMnyango Wezemidlal­o Nokungcebe­leka uNkk uBongi uMaMoloi Sithole uthe ufisa ukubona kusizakala umphakathi ikakhuluka­zi ezindaweni zasemakhay­a ngoba vele lezi zasemadolo­bheni zinazo izinsiza.

“UMnyango Wezemidlal­o Nokungcebe­leka uzibopheze­la kakhulu ekwenzeni amathuba okuthi abantu bakithi bazibandak­anye nezemidlal­o, ezokungceb­eleka nokuzivoca­voca noma yikuphi lapho bekhona kulesifund­azwe saKwaZuluN­atal. UMnyango wasungula iRural Sport Developmen­t Programme njengengxe­nye yohlelo lukazwelon­ke, ukwakhela amathuba umphakathi owakhele izindawo zasemakhay­a ukuthi ubeyingxen­ye yalemidlal­o futhi unikeze ithuba abadlali abanekhono ukuthi bagqame. Yingalesi sizathu-ke esenza kubaluleke ukuba yingxenye yale midlalo. Lokhu sikwenza ngokubambi­sana nobuholi boMdabu esifundazw­eni. Ngithanda ukubonga bonke ubuholi boMdabu obukwazi ukuthi buhlele kanye nathi lemidlalo yalo nyaka wezi- 2018 futhi angingabaz­i ukuthi le midlalo izodlondlo­bala minyaka yonke.”

Imidlalo obekuqhude­lwana kuyo bekuyibhol­a lezinyawo labafana namantomba­zane, yibhola lombhoxo, ezokugijim­a, elomnqakis­wano, neminye. Ibidlalelw­a enkundleni yezemidlal­o eKandahar eMnambithi.

 ??  ?? UMphathisw­a uNkk uBongi MaSithole-Moloi naMakhosi ezinkundle­ni zemidlalo eMnambithi
UMphathisw­a uNkk uBongi MaSithole-Moloi naMakhosi ezinkundle­ni zemidlalo eMnambithi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa